Ukubhalisa izindawo zokunakekela okunomkhawulo- Indawo Yokuthuthukiswa Kwezingane Ezincane (ECD)

Ngosizo 
Okufanele ukwenze 
Isikhathi esinqunyiwe 
Kubiza malini 
Amafomu okumele agcwaliswe 
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondaba nokubhalisa izindawo zokunakekela okunomkhawulo- Indawo Yokuthuthukiswa Kwezingane Ezincane (ECD)

Uma unakekela izingane ezingaphezu kweziyisithupha (iminyaka ewu-0-6) egameni labazali bazo noma labanikezeli bokunakekela ngesikhathi samahora athize osuku noma ebusuku, noma isikhashana, ngesivumelwano phakathi kwabazali noma kwabanikezeli bokunakekela, ungafaka isicelo sokubhalisa noma ukubhalisa okunemibandela kwendawo yokunakekela okunomkhawulo - indawo yoKuthuthukiswa Kwezingane Ezincane (ECD) kuMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi oseduze nawe noma ehhovisi likaMasipala.

Ukwenza noma ukusebenzisa indawo yokunakekela okunomkhawulo -indawo ye-ECD, eyaziwa futhi ngokuthi yikhreshi, indawo kufanele:

  • ibhaliswe kuhulumeni wesifundazwe lapho indawo ikhona
  • iphathwe futhi inakekelwe ngendlela (Guidelines for Early Childhood Development Centres)
  • ngokuhambisana nezimo namazinga alandelayo kazwelonke:
    • iminyaka yobudala ahlukene
    • ukwenziw
    • ndawo ephephile yezingane
    • ukunakekelwa okufanele kwezingane ezigulayo noma kwezingane ezibe sezigula
    • indawo eyanele nengenisa kahle umoya
    • amanzi aphephile okuphuza
    • izindawo ezinempilo kanye nethoyilethe
    • indawo ephephile yokulondolozwa kwananoma yini engaba yingozi ezinganeni
    • ukufinyelela ezinsizakalweni zodoti olahliwe noma izindlela ezanele zodoti olahliwe owenziwe endaweni
    • indawo ehlanzekile yokulungiswa kokudla kwezingane
    • izindlela zokuhlukaniswa kwezingane zamaqembu e
    • a kwezinhlelo zokwenza ezimeni eziphuthumayo, kanye
    • nokwenza izinqubomgomo kanye nezinqubo maqondana nokunakekelwa kwezempilo endaweni.

Izindawo zokunakekela okunomkhawulo ezinakekela izingane ezikhubazekile noma ezinezifo ezingapheli kufanele:

  • zifinyeleleke kulezo zingane
  • zinikezele izindawo ezihlangabezana nezidingo zalezo zingane
  • zinikezele ukuqeqeshwa kwabantu abaqashiwe endaweni

Indawo yokunakekela okunomkhawulo ingalungela ukuxhaswa ngezimali ezivela emnyangweni uma ihambisana nezimo namazinga, futhi uma indawo isemphakathini lapho imindeni ingenazo khona izindlela zokuhlinzeka ngendawo yokuhlala efanele, ukudla kanye nezinye izidingo zempilo eziyisisekelo ezinganeni zayo.

Okufanele ukwenze

  • Faka isicelo sokubhalisa noma sokubhalisa okunemibandela kwendawo yokunakekela okunomkhawulo - Ukuthuthukiswa Kwezingane Ezincane (ECD) kuMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi oseduze nawe noma ehhovisi likaMasipala lapho ozonikwa khona Ifomu 11 ukuthi uligcwalise.
  • Isicelo sakho kufanele sibe nalokhu okulandelayo:
    • imininingwane yakho (ID, ikheli kanye nezinombolo zocingo, njll.)
    • ikheli lendawo kanye neposi lendawo yokunakekela okunomkhawulo
    • inombolo yezingane ezizokwamukelwa endaweni
    • iziqu zakho, amakhono kanye nolwazi
    • incazelo yokuqukethwe yizinhlelo kanye nezinsizakalo ezinikezwayo, kubandakanya izinhloso nezinjongo.
  • Letha okulandelayo:
    • Uhlelo lwebhizinisi olunalokhu:
      • Amahora ebhizinisi endawo yokunakekela okunomkhawulo
      • Isakhiwo semali
      • Uhlelo lokunakekela emini
      • Ukwakheka kwabasebenzi , kanye
      • Nenqubomgomo yokujezisa
    • Umthethosisekelo onalokhu:
      • Igama lendawo yokunakekela okunomkhawulo
      • Ukwakheka, amandla kanye nemisebenzi yabaphathi
      • Ikhophi yokuqala yezinhlelo zezakhiwo ezivunyiwe
      • Uhlelo lwesimo esiphuthumayo
      • Isitifiketi sokungabi nacala
      • Isitifiketi sezempilo esivela kumasipala wendawo

Ukuvakasha kokuhlolwa okuqhubekayo okwenziwa ngabasebenzi boMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi kanye nomasipala kuzokwenziwa endaweni yakho .

Isikhathi esinqunyiwe

Kungenzeka kuthathe ukufika ezinyangeni ezintathu ukuthi Isitifiketi sakho Sokubhalisa sikhishwe

Kubiza malini

Lo msebenzi umahhala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu 11 ayatholakala kuMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi oseduze noma ehhovisi likaMasipala

 

Share this page