Isitifiketi sohlelo lokuthuthukiswa kwezingane ezincane (ECD)

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

 

Maqondana nokufaka isicelo sesitifiketi sohlelo lokuthuthukiswa kwezingane ezincane (ECD)

Ingabe unendawo yokuthuthukiswa kwezingane ezisencane (ECD) futhi ufuna ukunikezela ngokufunda nokweseka ngokufanele ekuthuthukiseni ubudala, isigaba kanye nezidingo zezingane ozinakekelayo kubandakanya izingane ezikhubazekile, ezinezifo ezingapheli kanye nezinezidingo eziyisipesheli?

Ungafaka isicelo sesitifiketi sohlelo lwe-ECD kuMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi noma ehhovisi likaMasipala.

Isicelo sakho kungeneka sinikezelwe esikhathini esingeqi iminyaka emihlanu.

  • Ukuze isicelo sakho sibhekelwe, uhlelo lwe-ECD kufanele luhambisane nesimo namazinga alandelayo ashiwo:
    • Luhlinzeke ngamathuba afanele okukhula
    • Luhlose ekusizeni izingane ukuthi zazi ezinamandla okukwenza ngokugcwele
    • Lunakekele izingane ngendlela ezakhayo futhi luhlinzeke usizo nokuvikeleka
    • Luqinisekise ukuthuthukwa kwendlela yokuziphatha komphakathi enhle
    • Luhloniphe futhi lunakekele isiko, umoya, isithunzi, umuntu ngayedwa kanye nolimi lwengane ngayinye, futhi
    • Luhlangabezane nezidingo zokuthuthuka ngokwemizwa, ingqondo, umuzwa, umoya, umzimba onesimili, umphakathi nokukhuluma zengane ngayinye
  • Kufanele:
    • Uqine ube kahle
    • ube neesitifiketi sokuqeqeshelwa i-ECD esifanele, amakhono, ukuqeqeshwa futhi
    • babe neminyaka ephansi emithathi yokusebenza emkhakheni wokuthuthukiswa kwezingane ezincane

Sicela wazi: Ukuze ulungele ukuxhaswa ngezimali kwezinhlelo ze-ECD, kufanele uhambisane nezimo kanye namazinga kazwelonke ashiwo. Ukuxhaswa kubekwe phezulu ohlwini emiphakathini lapho imindeni ingenazo izindlela zokuhlinzeka indawo yokuhlala efanele, ukudla kanye nezinye izidingo eziyisisekelo sempilo ezinganeni zabo.

Okufanele ukwenze

  • Faka isicelo sokubhalisa noma sokubhalisa okunemibandela kohlelo lwe-ECD eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi noma ehhovisi likaMasipala lapho ozonikwa khona iIfomu 16 ukuthi uligcwalise.
  • Isicelo sakho kufanele sibe nokulandelayo:
    • igama lakho nenombolo kamazisi
    • ikheli lakho lendawo kanye nekheli leposi
    • imininingwane yohlelo lwe-ECD
    • uhlelo lokuqala ukusebenzisa uhlelo lwe-ECD
    • isakhiwo  sabasebenzi sabantu abazobhekana nomsebenzi wokunikezela ngohlelo lwe-ECD
    • izitatimende zezimali zendawo ye-ECD
    • ukufakaziswa kokungabi nacala okukhishwa Umnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo ukuze kuqinisekiswe ukuthi igama lakho kanye namalungu abasebenzi akuveli eNgxenyeni B yeRejista Yokuvikela Izingane noma Irejista Kazwelonke Yabanamacala Ocansi
    • iziqu zakho, amakhono kanye nolwazi.
  • Uma isicelo sakho sesivunyiwe, uzonikezwa isitifiketi sokubhalisa noma sokubhalisa okunemibandela noma ukuvuselelwa kokubhalisa.
  • Ukuvakasha kokuhlolwa okuqhubekayo okwenziwa abasebenzi abavela eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi kanye nomasipala kuzokwenziwa endaweni yakho. 

Isikhathi esinqunyiwe

Kungenzeka kuthathe ukufika ezinyangeni ezintathu ukuthi kukhishwe Isitifiketi sakho soKuRejistra.

Kubiza malini

Umsebenzi umahhala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu 16 ayatholakala kuMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi noma ehhovisi likaMasipala

Imininingwane yokuxhumana

Uhlu lokuxhumana namahhovisi esifundazwe oMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi

 

 

Share this page