Isibonelelomali sokunakekela umuntu okhubazeke kakhulu

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nesibonelelomali sokunakekela umuntu okhubazeke kakhulu

Thola isibonelelomali sokunakekela ingane enokukhubazeka okukhulu futhi edinga ukunakekelwa okuyisipesheli ngaso sonke isikhathi.

Isibonelelomali sokunakekela umuntu okhubazeke kakhulu sinikezwa abanakekeli bezingane ezikhubazekile kusukela zizalwa zize zibe neminyaka eyi-18.

Wazi kanjani ukuthi ufanelekile?

Kufanele:

  • ube umzali, umnakekeli oyinhloko noma usingamzali oqokwe yinkantolo
  • uba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umhlali ohlala kuleli unomphelo.
  • ungaholi umholo owevile ezi-R223 200 ngonyaka uma ungashadile. Uma ushadile, umholo wenu ohlanganisiwe ungabi ngaphezu kwezi-R446 400 ngonyaka.

Qaphela: Lo mkhawulo womholo awusebenzi kubazali abangosingamzali.

Ingane kufanele:

  • ibe ngaphansi kweminyaka eyi-18 ubudala
  • ingabi ngaphansi kokunakekelwa unomphela esikhungweni sombuso
  • ibe nokukhubazeka okukhulu futhi idinge ukunakekelwa okuyisipesheli ngaso sonke isikhathi.

Nobabili wena nengane kufanele nihlale eNingizimu Afrika.

Qaphela: Udokotela wombuso kufanele ayihlole ingane ngaphambi kokuba sigunyazwe isibonelelomali.

Uzothola malini?

Uzothola imali eyi-R2 180 ngenyanga.

Uzokhokhelwa kanjani?

Uphiko LwaseNingizimu Afrika LweziMpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni (i-SASSA) luzokukhokhela isibonelelomali ngenye yezindlela ezilandelayo:

  • ukheshi endaweni ethile okutholwa kuyona izibonelelomali ngosuku oluthile
  • imali izofakwa ku-akhawunti yakho yasebhange noma ku-akhawunti yebhange lePosi (ibhange kungenzeka likukhokhise ngale nsizakalo eliyihlinzekayo) 
  • isikhungo esisebenza njengomlawuli wesibonelelomali (isib. izinhlangano zenhlalakahle).

Qaphela: Uma ungakwazi ukuzilandela imali wena mathupha, ungaqoka ummeleli ehhovisi lakwa-SASSA, noma unikeze othile amandla angokomthetho okulanda imali yesibonelelo esikhundleni sakho.

Ingabukezwa nini imali yengane yakho yesibonelelo?

U-SASSA anganquma ukuthi isibonelelomali sengane kufanele sibukezwe. Umholo wakho njengoba wawudalula ngenkathi ufaka isicelo semali yesibonelelo kuzoba yiwo isisekelo salesi sinqumo. Uyokwaziswa esikhathini esiyizinyanga ezintathu ngaphambi kokuba kudingeke ukuthi kubukezwe imali yesibonelelo noma usuku okufanele ulethe ngalo isitifiketi sokuthi usaphila (amaphepha afakazela ukuthi usawadla anhlamvana). Uma uthola imali yakho ngebhange, isikhungo noma ummeleli, kudingeka ugcwalise isitifiketi sokuthi usaphila ehhovisi lakwa-SASSA njalo ngonyaka.

Singamiswa nini isibonelelomali sengane yakho?

Lokhu okulandelayo kungaholela ekumisweni kwemali yesibonelelo:

  • uma kunoshintsho ezimweni zengane
  • umphumela wokubukezwa kwesimo
  • uma uhluleka ukusebenzisana nabaphethe lapho kubukezwa imali yengane yesibonelelo
  • uma wenza isenzo senkohlakalo noma ukhuluma okungesilo iqiniso ngengane
  • uma kwaba nephutha ngenkathi kugunyazwa isibonelelomali sengane ekuqaleni

Iyophela nini imali yesibonelelo?

Imali yesibonelelo iyophela uma:

  • ingane idlula emhlabeni
  • ingane ifakwa esikhungweni sombuso
  • umhlomuli ongumnakekeli engayilandi imali yesibonelelo kuze kuphele izinyanga ezintathu zilandelana
  • ingane ingekho kuleli lizwe
  • ingane isifinyelele eminyakeni eyi-18 ubudala.

Yini okufanele uyenze

  1. Vakashela ehhovisi loPhiko LwaseNingizimu Afrika Lwezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni (i-SASSA) eliseduze nalapho ohlala khona, uphathe lokhu okulandelayo:
    • umazisi wakho onamagabelo onezinombolo eziyi-13 (i-ID) nesitifiketi sokuzalwa. Uma ungenawo umazisi noma isitifiketi sokuzalwa:
      • Gcwalisa i-afidavithi ngefomu lakwa-SASSA elisemthethweni phambi kukaKhomishana Wezifungo ongesona isisebenzi sakwa-SASSA.
      • Fika nesitatimende esifungelwe esisayinwe esivela kumuntu ohloniphekile (njengekhansela, umholi wendabuko, usonhlalakahle, umfundisi wezenkolo noma uthishanhloko wesikole) ongafakazisela igama neminyaka yakho yobudala 
      • Isisebenzi sakwa-SASSA sizothatha iminyatheliso yeminwe yakho bese sikudlulisela  eMnyangweni Wezasekhaya ukuba uyofaka isicelo sikamazisi ngenkathi isicelo sakho sisacutshungulwa. Uma ungawutholi umazisi, imali yakho yesibonelelo iyomiswa.
      • Ubufakazi bokuthi usifakile isicelo sikamazisi kanye/noma isitifiketi sokuzalwa eMnyangweni Wezasekhaya
      • Umazisi wesikhashana owukhishelwe nguMnyango Wezasekhaya (uma kufanelekile).
      • Isitifiketi sombhabhadiso uma sikhona.
      • Ikhadi lengane lasemtholampilo lomgomo uma likhona.
      • Iriphothi lesikole uma likhona.
    • Umbiko wokwelashwa/wokuxilongwa oqinisekisa ukukhubazeka kwengane.
    • Ubufakazi besimo sakho somshado.
    • Isiliphu sakho somholo, izitatimende zasebhange zezinyanga ezintathu ezedlule, noma iziliphu zempesheni, kanye nanoma yibuphi obunye ubufakazi bomholo. (Qaphela: lokhu akuqondene nabazali abangosingamzali abangababaleki abavela emazweni angaphandle.) 
    • Uma:
      • ungeyena umzali wengane, kudingeka ubufakazi bokuthi ungumnakekeli oyinhloko wengane ngencwadi efungelwe efakazelwe yiphoyisa, umbiko kasonhlalakahle, incwadi efungelwe evela kumzali wangempela noma incwadi evela kuthishanhloko wesikole ingane efunde kusona 
      • ungumzali wengane oyizalayo kunguwena kuphela owondla ingane futhi ungumnakekeli wayo, kudingeka ubufakazi bokuthi uke wazama ukucela ukuba lona omunye umzali naye akhokhe imali yesondlo
      • uma ungasebenzi, kudingeka ubufakazi obuvela esiKhwameni Somshuwalense Wabantu Abaphelelwe Wumsebenzi (i-UIF) noma isitifiketi sokuxoshwa esivela kumqashi wakho wangaphambilini
      • ungumzali ongusingamzali ongumbaleki wakwelinye izwe, kudingeka imvume yesimo sokuba ngumbaleki kanye nomazisi womuntu ongumbaleki wakwelinye izwe 
      • umzali ongusingamzali wengane, kudingeka umyalelo wenkantolo obeka ingane ngaphansi kwesandla sakho
      • Sicela uqaphele: Uma usumdala kakhulu noma ugula kakhulu ukuba ungakwazi ukuya ehhovisi ukuyofaka isicelo, ilungu lomndeni noma umngani  angafaka isicelo egameni sakho. Lowo muntu kufanele athathe incwadi kuwena kanye/noma inothi kadokotela eshoyo ukuthi kungani ungeke ukwazi ukuziyela ehhovisi.
  2. U-SASSA uzodlulisa ingane ukuba iyohlolwa ngudokotela wombuso ngaphambi kokuba kwenziwe isicelo.
  3. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo phambi kwesisebenzi sakwa-SASSA (qaphela ukuthi nguwena kuphela njengomfakisicelo noma isisebenzi sakwa-SASSA ozokwazi ukugcwalisa ifomu lokufaka isicelo).
  4. Uzonikezwa irisidi. Ligcine njengobufakazi bokuthi usifakile isicelo..

Kuzokwenzekani uma isicelo sakho singavunywanga?

Uma isicelo sakho singavunywanga, u-SASSA uzokubhalela akwazise ukuthi kungani isicelo sakho singaphumelelanga.

Uma ungavumelani naleso sinqumo, ungasidlulisela kuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi ehhovisi likazwelonke, uchaze ukuthi kungani ungavumelani nesinqumo. Kufanele ufake isicelo sokudlulisa isinqumo ezinsukwini ezingama-90 wazisiwe ngokungaphumeleli kwesicelo sakho.

Kuthatha isikhathi esingakanani

  • Kungathatha izinyanga ezifinyelela kwezintathu ukucutshungulwa kwesicelo sakho.
  • Uma isicelo sakho samukeliwe, uzokhokhelwa kusukela ngosuku owafaka ngalo isicelo.

Kubiza malini

Lolu sizo lutholakala mahhala.

Amafomu agcwaliswayo

Ifomu lokufaka isicelo alitholakali nge-inthanethi, kodwa ungalithola ehhovisi lakwa-(SASSA) eliseduze nawe.

Ubani ongaxhumana naye

Uphiko LwaseNingizimu Afrika Lwezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni (i-SASSA)

SASSA Toll free: 0800 60 10 11
Email: GrantEnquiries@sassa.gov.za

 

Share this page