Shintsha imininingwane ye-close corporation yakho

Uma wenza noma ngeziphi izinguquko kwi-close corporation (i-CC), njengokuqoka umphathi omusha, ukushintsha ikheli, izinguquko kumaphesenti amasheya ngisho noma ukufaka noma ukusula ilungu, kufanele uchibiyele imininingwane ye-CC kwiKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla yokuZakhela (i-CIPC).

I-CIPC idinga ukuthi ugcine imininingwane yakho isesimeni ngaso sonke isikhathi.  

Thola ulwazi  oluthe xaxa mayelana nokushintsha imininingwane yama-CC kwabe-CIPC noma uthintane nabo kule nombolo: 086 100 2472.

 

Share this page