Uhlelo olubhekele amabhizinisi abantu abansundu

Uhlelo olubhekele ukuthuthukisa amabhizinisi abantu abansundu lunikezelwa emabhizinisini aphethwe abantu abansundu ukubasiza ukuthuthukisa nokusimamisa amabhizinisi. Lokhu kubasiza ngokuba babe inxenye yomnotho nokuthi basize ekuvuleni amathuba omsebenzi.

Loluhlelo lunikezela ngemali engafika emalini eyinkulungwane:

  • Imali eyizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili zamathuluzi, imishini nezinsiza kusebenza emalini ehlukene ngokulingana
  • Imali eyizinkulungwane ezingamakhulu amabili zokuthuthukisa ibhizinisi kanye nokuqeqesha ukuze kuthuthuke imithetho, uhwebo, imikhiqizo kanye nokusetshenziswa kobuchwepheshe ngendlela yamashumi ayisishiyagalombili kuqhathaniswa kwangamashumi amabili. Imininingwano iyatholakala ku Department of Small Business Development.

the dti Customer Contact Centre
Tel: 0861 843 384

 

Share this page