Uhlelo lokwenzancono izimpahla zokugqoka kanye nezindwangu

Uhlelo lokwenzancono izimpahla zokugqoka kanye nezindwangu (CTCP) luhlose ukuthuthukisa abakhiqizi ukuba bakwazi ukudayisela amakhasimende kanye nokuhweba ngaphandle. Lokhu kuhlanganisa inani, ikhwalithi, ukuthembeka, ukushintsha kalula ezimeni ezishintshayo kanye nokukwazi ukuletha imikhiqizo emisha.

Emva kokuba uhulumeni esenqume ukubeka amaphesenti angama-100  kwezomkhiqizo walapha ekhaya, umkhakha wempahla yokugqoka, izindwangu, isikhumba kanye nezicathulo ubone ithuba lokuqala kabusha njengoba umkhiqizo wasekhaya kade umisiwe. Lokhu kubandakanya izindwangu zohlobo olukhethekile, izicathulo zokuzivikela, izindwangu zokuzivikela kanye nezindwangu ezenziwe ngelineni nokotini.

Lokhu kungenelela, okwesekwe nawuHlelo Oluthuthukisa Ukuncintisana Ngezimpahla zokugqoka Nendwangu, kube negalelo ekuguquleni izinto kulo mkhakha. Ukubhekana nokungena kwezimpahla zokugqoka ngobuningi ezibiza amanani aphansi kuleli, uhulumeni wenyuse intela yokungena kwezimpahla kuleli ukufinyelela kumaphesenti angama-45 nehambisana Nemithethonqubo yeNhlangano  Yezohwebo Emhlabeni.

Imininingwano iyatholakala kumnyango wezohwebo.

 

the dti Customer Contact Centre
Tel: 0861 843 384

Share this page