Bhalisa ukuzalwa kwengane

Kufanele ubhalise ukuzalwa kwengane yakho zingakapheli izinsuku ezingama-30 izelwe. Ukuzalwa kwengane kungabhaliswa ngumzali, umlondolozi wengane noma omunye umuntu ogunyazwe ngokomthetho ukunakekela ingane ehhovisi loMnyango Wezasekhaya. Uma uphesheya kwezilwandle, ukuzalwa kwengane kungabhaliswa ehhovisi eliseduze lenxusa lakuleli.

Ukubhaliswa kokuzalwa kwengane emva kwezinsuku ezingama-30 kuthathwa njengokubhaliswa osekudlulelwe yisikhathi futhi kunezidingo ezengeziwe okufanele uhlangabezane nazo.

Lapho ukuzalwa kwengane sekubhalisiwe, kuzokhishwa mahhala isitifiketi sokuzalwa kwengane esinemininingwane ephelele. Uvumelekile ukufaka isicelo sesinye isitifiketi esengeziwe esinemininingwane ephelele, kodwa-ke lokhu kuhambisana nemadlana ethile okumele uyikhokhe. Uma uthatha uhambo nengane oluya ezweni langaphandle, udinga isitifiketi esinemininingwane ephelele.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokubhalisa ukuzalwa kwengane, noma uxhumane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page