Khulisa ingane okungeyona eyakho

Ngosizo 
Okufanele ukwenze 
Isikhathi esinqunyiwe 
Kubiza malini 
Amafomu okumele agcwaliswe 
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Faka isicelo sokukhulisa ingane apha ezweni

Umza ufisa ukuthola umntwana abe ngowakho ngokusemthethweni lapha eNingizimu Afrika,  kufanele uxhumane nenhlangano esemthethweni negunyaziwe ukwenza lokhu neyobe isikuhlola iphinde ikusize ukuthola umntwana.

Ungakwazi ukwenza lokhu uma ungowalapha eNingizimu Afrika futhi uhlala khona kuleli kanti nalowomntwana omfunayo kungowala.

Okufanele ukwenze

  1. Ungaya kunoma iyiphi indawo egunyazelwe ukwenza lokhu kunoma isiphi isifundazwe osithandayo uyofaka isicelo sakho.
  2. Inhlangano egunyaziwe iyobe isikuhlola / yenze nesiqiseko ngekhaya lakho ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukulungele na ukuba unganikwa umntwana.
  3. Uma inhlangano yenelisekile ngemiphumela,  iyobe isikufaka ohlwini lwalabo ababhalisele nabakulungele ukuba bangathola igunya lokugcina abantwana unomphela nolwaziwa nge Register of Adoptable Children and Adoptive Parents (RACAP) ngenkathi bekusiza ukuba uthole umntwana okulungele ukuba ungamthatha.
  4. Uma umntwana ekhona, bayokubizela emahovisi abo ukuba uzohlangana nomntwana umbone , bese bekubuza ukuthi usazimisele ngokumthatha emva kokuba umbonile.
  5. Uma uvuma, bayothumela umbiko ngawe enkantolo yabantwana ukuze kuphothulwe konke ngokunikezelwa komntwana nokufumana amaphepha afanele.
  6. Umbiko wenkantolo uyobe usuthunyelwa emnyangweni wezokuthuthukiswa nenhlalakahle yomphakathi ukuze ubheke ukuthi ingabe kulandelwe izindlela ezifanele na uphinde  ushicilele umbiko wakho nowomntwana.

Isikhathi esinqunyiwe

Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.

Kubiza malini

Ukhokha esikhungweni esisemthethweni sokuvikela abantwana leso samba esidingekile  ngokunikezelwa kwabantwana kulelozwe. 

Amafomu okumele agcwaliswe

Wonke amafomu atholakala emahovisi aseduze nawe omnyango wezokuthuthukiswa komphakathi.
 

Imininingwane yokuxhumana

Uhlu lokuxhumana namahhovisi esifundazwe oMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi

Share this page