Faka isicelo sokukhulisa ingane ibengeyakho kuleli kodwa udabuka kwelinye izwe

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mqondana nokuthatha ingane yakuleli kodwa udabuka kwelinye izwe

Uma ungowangaphandle kanti uhlala lapha eNingizimu Afrika kanti ufuna ukuba ngumzali wengane yakuleli, kufanele uxhumane nosonhlalakahle osemthethweni noma inhlangano enegunya lokwenza lokhu.

Kufamele kube usuhlale kuleli isikhathi esiyiminyaka eyisihlanu kanti kufanele ubenesiqinisekiso sephephamvume lendawo lapho uhlala khona kanye nalapho usebenza khona. Ungafaka isicelo sokuzitholela umntwana kanti siyokwenziwa ezingeni likazwelonke.

Okufanele ukwenze

  • Xhumana nenhlangano eseduze nawe eqinisekisiwe ukwenza lokhu.
  • Leyonhlangano iyobe isikuhlola ikuphonse nemibuzo iyohlola nekhaya lakho ukuze ithole  ukuthi ukulungele na ukuba unganikezwa igunya lokuba ngumzali womntwana lowo.
  • Uma inhlangano yenelisekile ngemiphumela,  iyobe isikufaka ohlwini lwalabo ababhalisele nabakulungele ukuba bangathola igunya lokugcina abantwana unomphela nolwaziwa nge Register of Adoptable Children and Adoptive Parents (RACAP) ngenkathi bekusiza ukuba uthole umntwana okulungele ukuba ungamthatha.
  • Uma umntwana ekhona, bayokubizela emahovisi abo ukuba uzohlangana nomntwana umbone , bese bekubuza ukuthi usazimisele ngokumthatha emva kokuba umbonile.
  • Uma uvuma, bayothumela umbiko ngawe enkantolo yabantwana ukuze kuphothulwe konke ngokunikezelwa komntwana nokufumana amaphepha afanele.
  • Umbiko wenkantolo uyobe usuthunyelwa emnyangweni wezokuthuthukiswa nenhlalakahle yomphakathi ukuze ubheke ukuthi ingabe kulandelwe izindlela ezifanele na uphinde  ushicilele umbiko wakho nowomntwana.

Isikhathi esinqunyiwe

Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.

Kubiza malini

Ukhokha esikhungweni esisemthethweni sokuvikela abantwana leso samba esidingekile  ngokunikezelwa kwabantwana kulelozwe.

Amafomu okumele agcwaliswe

Wonke amafomu atholakala emahovisi aseduze nawe omnyango wezokuthuthukiswa komphakathi.

Share this page