uMongameli Jacob Zuma: Inkulumo Echaza Isimo Sezwe 2015

Somlomo Wesigungu Sikazwelonke (i-NA),
Sihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP),
IPhini likaSomlomo we-NA kanye nePhini likaSihlalo we-NCOP,
IPhini likaMongameli weRiphabhulikhi, u-Cyril Ramaphosa,
UMongameli Waphambilini uThabo Mbeki,
UMongameli Waphambilini u-FW de Klerk,
IJaji Eliyinhloko uMogoeng Mogoeng kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile ophiko lwezobulungiswa,
IPhini likaMongameli wePhalamende Lamazwe ase-Afrika, uMhlonishwa u-Roger Nkondo Dang,
USomlomo wePhalamende leRiphabhulikhi Ebumbene yaseTanzania kanye noSihlalo Wesithangamu Samaphalamende Enhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC), uMhlonishwa u-Anne Makinda,
ONgqongqoshe NamaPhini abo,
ONdunankulu kanye noSomlomo BeziShayamthetho Zezifundazwe,
USihlalo we-Salga,
Izinhloko Zezikhungo Zikahulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yeningi,
USihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko,
USomlomo Waphambilini weSigungu Sikazwelonke, uDkt Frene Ginwala,
Amakhosi Oselwa Ingonyama uKeru Molotlegi, Ingonyama u-Toni Peter Mphephu (Ramabulana) kanye
neNgonyamauMpendulo Zwelonke Sigcawu,
Izimenywa ezikhethekile,
Amalungu ezindlu zamanxusa,
Malungu ahloniphekile,
Bantu baseNingizimu Afrika,

Sanibonani, good evening, molweni, riperile, dumelang, lotjhani, goeie naand, ndi madekwana, !gai//goes.

Ngithanda ukubonga iZikhulu Ezengamele Iphalamende ngokungipha ithuba kusihlwa nje lokwethula inkulumo yami phambi kwesizwe.

Unyaka wezi-2015 uqopha unyaka wama-60 wesigameko esibaluleke kakhulu emlandweni wethu, lapho abantu baseNingizimu Afrika ababevela kuzo zonke izinhlaka zomphakathi bamukela uMqulu Wenkululeko ngowe-1955, e-Kliptown, eSoweto.

Basho ngazwilinye, phakathi kokunye okuningi, ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe okungelabo bonke abalakhele, kungakhathalekile ukuthi bamnyama noma bamhlophe, futhi basho nokuthi awukho uhulumeni ongasho kugcwale umlomo futhi ngonembeza omsulwa ukuthi unegunya lokuphatha nokubusa, ngaphandle uma usekelwe phezu kwentando yabo bonke abantu.
Lesi kwabe kuyisitatimende esinohlonze, esikhombisa ukuba neliso elikhaliphile kanye nokubuyisana, esaba yisiqalo sokusungula kwethu intando yeningi engacwasi ngokobuhlanga.

Leli viki liqopha futhi iminyaka engama-25 kwakhululwa uMongameli waphambilini u-Nelson Mandela ejele, futhi selokhu kwavulwa umlomo imibutho eyayilwela inkululeko.

Ukukhululwa kukaMadiba ejele kwaba yigxathu elikhulukazi ohambweni olude olubheke enkululekweni kubantu baseNingizimu Afrika bonkana futhi kwabethela isipikili sokugcina kwinqubo yobandlululo.

Siyaqhubeka nokuthola ugqozi kuMadiba futhi lukhulu esilufundayo kukhondolo lwakhe njengoba sakha izwe lwethu.
Bantu bakithi,

Unyaka wezi-2015 nguNyaka Womqulu Wenkululeko kanye Nokusebenza Ngokubambisana Ngenhloso Yokuqhubekisela Phambili Inkululeko Yezomnotho. 
Lona ngunyaka wokuthi kufakwe umfutho omkhulu kakhulu kunakuqala ekwakheni iNingizimu Afrika ebumbene, ebuswa ngentando yeningi, engacwasi ngokobuhlanga futhi echumile.

Futhi ngunyaka wokuthi sizinikele kabusha ekuqedeni ukucwasana ezweni lethu kanye nakho konke ukungabekezelelani okuhlobene nalokho.

Futhi ngunyaka wokuthi senze umzamo omkhulu kunakuqala ukulungiselela ikusasa lethu ngokuthi sifundise izingane zethu kanye nentsha ngamagugu aleli lizwe anothile.

Sesiqalisile ngemizamo yokufaka ezinhliziyweni zabantu baleli lizwe umuzwa omusha ozokwenza baziqhenye ngobuzwe babo, ngokugqugquzela izimpawu zesizwe ezinjengefulegi lesizwe, iculo lesizwe kanye nesendlalelo soMthethosisekelo kuzo zonke izikole zakuleli.

Kusukela ngalo nyaka, kumele futhi izikole zifunde ukucula iculo leNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika, ngenhloso yokulungiselela ukugujwa kwenyanga ye-Afrika ngoNhlaba, njengoba sizobe siqalisa ukusebenza kwesinqumo seNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika esiphathelene nalokhu.

Malungu ahloniphekile,
Zivakashi ezikhethekile,

Intsha yethu iyingomuso lethu futhi impumelelo yayo isenza sibe nokuziqhenya okukhulu.

Ngicela nihlanganyele nami ekuhalaliseni isivakashi sethu esikhethekile, umbhukudi wethu owaklonyeliswa ngezindondo zama-Olimpiki , u-Chad le Clos.

U-Chad uthole ukuhlonishwa okukhulu kwezokubhukuda ngoZibandlela emva kokugixabezwa ngendondo yokuba ngumbhukudi obashaye bonke emakhanda ngowezi-2014, ayinikezwe yiNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezokubhukuda, phakathi kwezinye izinto ezinhle eziningi azizuzile ngegalelo lakhe kwezokubhukuda.

Ngivakashelwe futhi ngamantombazane amathathu akhethekile avela esikoleni i-Moletsane High School eSoweto.
Amagama abo ngo-Ofentse Mahasha, Hlengiwe Moletsane kanye no-Tiisetso Mashiloane. U-Ofentse kanye noHlengiwe babehambele ingqungquthela yakamuva ye-G20 kwelase-Australia futhi basebenza ngendlela encomekayo kakhulu, okuyinto eyenza ukuthi siziqhenye  ngempela.
Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo ngivumeleni futhi ukuthi ngihalalisele enye intokazi elethele izwe lethu udumo ngamangwevu ayo, nakuba ingekho lapha phakathi kwethu kusihlwa nje, uZime Womhlaba, uNksz Rolene Strauss.

Ngithanda futhi nokwethula esinye isivakashi esikhethekile, umdlali waleli lizwe  oklonyeliswe ngendondo yokuba nguMdlali Ovelele Wonyaka futhi ongumgadli weBanyana Banyana, uNksz Portia Modise. Siyakuhalalisela Portia.

Malungu Ahloniphekile,
Zivakashi ezikhethekile,

Ngithanda ukubonga bonke abafake isandla kwi-SoNA yowezi-2015 ngokuthumela imibono yabo. Uma sibheka imibono yabantu bethu, kuyacaca ukuthi bakhathazekile ngobugebengu, imigwaqo, imfundo, izinhlelo zokuqeqeshelwa kwentsha emsebenzini ukuze ithole isipiliyoni somsebenzi, amanzi, ugesi kanye nokusekelwa kwamabhizinisi amancane, phakathi kokunye okuningi.

Imibono edinga izimpendulo idluliselwe eminyangweni kahulumeni ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanelekile.

Malungu Ahloniphekile,
Zivakashi ezikhethekile,

Siyaphinda futhi sihlangana lapha ngesikhathi sesimo somnotho esinzima.

Kuleli sonto Isikhwama Sezimali Samazwe Ngamazwe sibuyekeze futhi sehlisa isilinganiso sokukhula kweSamba soMkhiqizo Wezwesafinyelela kuma-3,5% uma kubhekwa ukukhula komnotho womhlaba ngowezi-2015.

Isengcupheni injongo yethu yokufinyelela emkhawulweni esizibekele wona wokukhulisa umnotho ngama-5% ngowezi-2019, ngenxa yokukhula komnotho womhlaba ngesivinini sonyawo lonwabu kanye nezinselelo zangaphakathi kuleli lizwe eziphathelene nokushoda kwamandla kagesi, amakhono, ukuthuthwa nokuhanjiswa kwempahla nemikhiqizo, phakathi kokunye okuningi.

Kodwa-ke, isimo siyathembisa ngasohlangothini lwamathuba omsebenzi. Ezinsukwini ezimbili ezedlule, uPhiko Lwezezibalo lwaseNingizimu Afrika lukhiphe izibalo zabantu abasebenzayo kuleli zekota yokugcina yowezi-2014.

Umbiko ukhombisa ukuthi manje abantu baseNingizimu Afrika abasebenzayo sebeyizigidi eziyi-15,3. Amathuba omsebenzi akhule ngezi-203 000.

Ukutshala kwethu izimali ekuvulweni kwamathuba omsebenzi aqondene netsha nakho sekukhombisa izithelo ezinhle. Siqhubeka kahle kakhulu iSikhuthazo Sentela Sokuqashwa Kwentsha esethulwa ngonyaka odlule esenzelwe ikakhulu ukuhlomulisa intsha.

Kuze kube manje sekufakwe izicelo zalesi saphulelo sentela zenani elifinyelela kwizigidigidi ezimbili zamarandi ezivela kubaqashi abayizi-29 000, abafake izicelo eziphathelene nokuqasha kwabo abantu abasha abayizi-270 000.

Ngamemezela umkhawulo esizibekele wona kulolu hlelo wokuvula amathuba etoho ayizigidi eziyisithupha esikhathini esiyiminyaka emihlanu.

Kuze kube manje sesivule amathuba etoho ayizi-850 000. Lokhu kusho ukuthi sizokwazi ukufinyelela emkhawulweni wethu wokuvula amathuba etoho ayisigidi ngonyaka. Ngaphezu kwalokho, izinhlelo zethu zezemvelo njengeSisebenza Ngemfucuza, Sisebenza Ngezindawo ezingamaxhaphozi, Sisebenza Ngamanzi, kanye neSisebenza Ngomlilo sezivule amathuba etoho angaphezu kwezi-30 000 futhi kuhloswe ukuthi kuvulwe amathuba etoho angaphezu kwezi-60 000 ngonyaka wezimali olandelayo.

Bantu bakithi,

Umnotho wethu udinga ukududulwa ngamandla amakhulu ukuze uye  phambili. Ngithanda ukunazisa ngohlelo lwethu olunamaphuzu ayisishiyagalolunye okuhloswe ngalo ukokhela inhlansi yokukhuthaza ukukhula komnotho kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi.

Amaphuzu alolu hlelo yilawa:
1. Ukuxazululwa kwenselelo yamandla kagesi.
2. Ukuvuselelwa nokukhuthazwa kwezolimo kanye nochungechunge lomsebenzi wokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo.
3. Ukuqhubekisela phambili ukuhlomuliswa kwabantu bakuleli emnothweni wezimbiwa zethu.
4. Ukuqaliswa ngendlela engcono koHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezezimboni (i-IPAP) oluzoba nomthelela omkhulu kunakuqala.
5. Ukugqugquzelwa kwabatshalizimali abazimele.
6. Ukulawulwa nokuncishiswa kokungqubuzana phakathi kwabasebenzi nabaqashi.
7. Ukusekelwa kwamabhizinisi asafufusa, imifelandawonye kanye namabhizinisi asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya ukuze akwazi ukusebenza ngendlela esimeme.
8. Izinguquko zombuso kanye nokufaka umfutho kwiqhaza lezinkampani zombuso, ingqalasizinda yolwazi lwezobuchwepheshe kwezokuxhumana (i-ICT), ukuhlinzekwa kwe-inthanethi, amanzi, ukuthuthwa kwendle, nengqalasizinda yezokuthutha, kanye
9. Nohlelo lwe-Operation Phakisa okuhloswe ngalo ukukhulisa umnotho wasolwandle neminye imikhakha.

Bantu bakithi,

Njengamanje izwe libhekene nengwadla enkulu yokushoda kwamandla kagesi, okuyinto eyisithiyo esivimbela ukukhula komnotho futhi eholela ukuphazamisekeni okukhulu kumuntu wonke kuleli.

Ukunqotshwa kwale nselelo kubekwe eqhulwini ezinhlelweni zethu. Senza konke okusemandleni ethu ukuxazulula le nselelo esibhekene nayo yokushoda kwamandla kagesi.

Bantu bakithi,
Uhulumeni wenza konke okusemandleni akhe ukubhekana nesimo sokuncipha kukagesi ezweni.
Siyazi ukuthi lesi yisikhathi esinzima, kodwa sizodlula, ngoba sinezindlela zokusebenza lolu daba.
Sesithuthukise uhlelo olubandakanya izinhlelo zokungenelela zesikhathi esifushane, esimaphakathi kanye neside.

Uhlelo lwesikhathi esifushane kanye nolwesikhathi esimaphakathi zibandakanya ukuphuculwa kokulungiswa kweziteshi eziphehla ugesi zakwa-Eskom ukuze zibe sesimweni esikahle ngasosonke isikhathi, nokwenziwa ngcono kwekhono namandla okuphehla ugesi kanye nokulawulwa kahle kwesidingo sokuphakelwa kukagesi.

Uhlelo lwesikhathi eside lubandakanya ukuphothulwa kohlelo lwethu olukhulukazi lwesikhathi eside lokuqinisekisa ukutholakala kwamandla kagesi anele.

Into eseqhulwini esizohlala kuyona izithonto kuzoba ukuletha uzinzo kwezezimali kwa-Eskom ukuze le nkampani ikwazi ukulawula lesi simo esikhona njengamanje. Mayelana nalokhu-ke uHulumeni uzosigcina isibopho sakhe sokunikeza inkampani yakwa-Eskom imali eyizigidigidi zamarandi ezingama-23 kulo nyaka wezimali ozayo.

"Ithimba Lokuhlela Nokwenza Amasu"  elisungulwe yiKhabhinethi ngoZibandlela lisebenza ngobuhlakani ubusuku nemini ngokubambisana nabakwa-Eskom ngenhloso yokuletha uzinzo ohlelweni lokuphakelwa kukagesi futhi ukuze kuncishiswe ukucinywa kwamandla kagesi ngenhloso yokuwonga.
Kulesi sikhathi samanje, kumele sisebenzisane ngenhloso yokuthola izixazululo.

Sinxusa bonke abantu, amakhaya, izimboni kanye neminyango kahulumeni ukuthi bawonge ugesi ukuze kuncishiswe isidingo sokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.

UMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi usuyalelwe ukuthi uqinisekise ukuthi zonke izakhiwo zikahulumeni zisebenzisa ugesi ngendlela ekahle futhi ewongayo. 
Ngenxa yentengo kadizili emba eqolo, abakwa-Eskom sebeyalelwe ukuthi basebenzise igesi esikhundleni sikadizili njengomthombo wokuhlinzeka ngamandla iziphehlamandla zale nkampani.

Abantu emakhaya nabo bayakhuthazwa ukuthi basebenzise igesi esikhundleni sokusebenzisa ugesi uma bepheka, befudumeza noma benza okunye okuningi.

Ukwakhiwa kweziteshi zikagesi ezintathu ezintsha, okuyi-Kusile, i-Medupi kanye ne-Ingula kuzokwengeza ugesi ongamamegawathi ayizi-10 000 kwisikhungo sikagesi sikazwelonke. 

Iyaqhubeka futhi nemizamo yokuthola imithombo kagesi ehlukile.

Kuze kube manje uhulumeni usuthenge ugesi ongamamegawathi ayizi-4 000 kubaKhiqizi Bagesi Abazimele, abasebenzisa imithombo kagesi ovuselelekayo.

Amahlandla amathathu okuqala enqubo yokuthengwa kukagesi ovuselelekayo ahehe imali engaphezu kwezigidigidi zamarandi eziyi-140 evela kubatshalizimali abazimele.

Sekuthengwe futhi nogesi ovuselelekayo ongamamegawathi ayizi-3 900, futhi  mayelana nalokhu sekuphothulwe imiklamo engama-32 ephehla ugesi ongamamegawathi angaphezu kwe-1 500, futhi le miklamo seyixhunyanisiwe nesikhungo sikagesi sikazwelonke.

Abakwa-Eskom nabo ngokwabo sebekuphothulile ukwakhiwa kwePulazi Likagesi Womoya lase-Sere, eseliqalile ukufaka ugesi ongamamegawathi ayi-100 kwisikhungo sikagesi sikazwelonke, okuyinto eyenzeke kusasele isikhathi eside ngaphambi kokwethulwa kwaleli pulazi ngokusemethethweni okuzokwenziwa ngoNdasa kulo nyaka.

NgoZibandlela wezi-2014 uhulumeni uqalise futhi nohlelo lokuthengwa kukagesi wamalahle ongamamegawathi ayizi-2 400 kubaKhiqizi Bagesi Abazimele.

Inqubo yokuthengwa kukagesi omusha ophehlwa ngegesi ongamamegawathi ayizi-2 400 izoqaliswa ngekota yokuqala yonyaka wezimali omusha.

Ugesi ongamamegawathi ayizi-2 600 uzothengwa kwisifunda se-SADC.

Mayelana nohlelo olukhulukazi lwesikhathi eside lokuqinisekisa ukutholakala kwamandla kagesi, sizosebenzisa ezinye izindlela zokuphehla ugesi ezinjengegesi, uphethiloli, inonzi, ugesi wamanzi kanye neminye imithombo njengengxenye yokusebenzisa imithombo kagesi oxubile.
INingizimu Afrika izungezwe ngamazwe anothile kwimithombo yegesi, futhi kusenjalo nathi kuleli lizwe sesithole ukuthi kunegesi emadwaleni ngaphansi komhlaba esifundeni sase-Karoo. 

Uhlelo lwe-Operation Phakisa Lomnotho Wasolwandle, esalwethula ngonyaka odlule, nalo luyathembisa ukuthi luzovundulula eminye imithombo kawoyela negesi, okuyinto ezosiguqula kakhulu isimo ezweni lethu kanye nesifunda samazwe esakhelene nawo.

UHulumeni futhi ucubungula udaba lokwakhiwa kwezikhungo zenonzi ezizophehla ugesi ongamamegawathi ayizi-9 600 njengoba lokhu kwamukeliwe oHlelweni Lwemithombo Edidiyelwe lowezi 2010-2030.

Kuze kube manje uhulumeni usesayinde iZivumelwano Nohulumeni Bamazwe Angaphandle futhi wabamba nezigcawu zeMibukiso Yabahwebi lapho amazwe amahlanu ethula khona iziphakamiso zawo mayelana nenonzi.

Lawa mazwe abandakanya iMelika, i-South Korea, i-Russia, i-France kanye ne-China.

Wonke lawa mazwe azoba yingxenye yohlelo lokufakwa kwamathenda olungachemile, olusobala, futhi oluvumela ukuncintisana, ngenkathi kukhethwa izwe noma amazwe okuzobanjiswana nawo ohlelweni lokwakhiwa kwezikhungo zenonzi.

Injongo yethu ukuxhuma iyunithi yokuqala kwisikhungo sikagesi sikazwelonke ngowezi-2023, okuyisikhathi esihle kakhulu ngoba lesi yisikhathi lapho abakwa-Eskom bezoyeka khona ukusebenzisa ezinye izikhungo zokuphehla ugesi esezindala kakhulu.

Mayelana nogesi wamanzi, ubambiswano oluphakathi koklamo wokuphehla ugesi wamanzi, i-Grand Inga Hydro-electrical Project, kanye ne-Democratic Republic of Congo luzohlinzeka ngogesi wamanzi ohlanzekile ongamamegawathi angaphezu kwezi-48 000. Kulo mklamo iNingizimu Afrika izothola ugesi ongamamegawathi angaphezu kwezi-15 000. 

Ukuze kube khona ukusimama, uHulumeni uzosungula ubambiswano lokuthuthukiswa kwamakhono phakathi kwaleli namanye amazwe azobambisana nathi oHleweni Lokwakhiwa Kwezikhungo Zenonzi, futhi kusenjalo kukhiqizwe amakhono nangaphakathi kuleli.

Bantu bakithi,
Kusenamakhaya ayizigidi ezingu-3,4 kuleli lizwe angenawo ugesi.

Kwi-SoNa yangoNhlangulana 2014, ngamemezela ukuthi kunomasipala abathile kuleli abazosekelwa ngengqalasizinda.  

Sekuhlinzekwe ngezimali zokuphakela ugesi komasipala abalandelayo ngonyaka wezimali wezi-2015/16:
UMasipala Wesifunda Amathole, uMasipala Wesifunda Umzinyathi, uMasipala Wesifunda i-Alfred Nzo, uMasipala waseLukhanji kanye noMasipala Wesifunda i-OR Tambo.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Ngenkathi senza imizamo yokulwisana nezinselelo zokushoda kwamandla kagesi kudingeka futhi ukuthi silwisane nokuntshontshwa kwamakhebuli ekhopha kanye nempahla esansimbi. 

UHulumeni uzokwethula izinyathelo ezinqala zokulwisana nezenzo zobugebengu obubucayi.

Bantu bakithi,

Kulo nyaka womgubho wama-60 woMqulu Wenkululeko, umhlaba ungenye yezinto ezibaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi ziyalungiswa izinto ezingahanjiswanga ngendlela efanele esikhathini esedlule.

Ngonyaka odlule, savula ithuba lesibili lokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba. Ezweni lonkana sekufakwe izicelo zokubuyiselwa umhlaba ezingaphezu kwezi-36 000 futhi ukufakwa kwezicelo kuzovalwa ngowezi-2019.

Futhi sicubungula uhlaka lwenqubomgomo ka-50/50, oluhlongoza ukuthi abantu abahlala futhi basebenze emapulazini banikezwe amalungelo omhlaba. Kuzohlonzwa amapulazi angama-50 azosetshenziswa njengomklamo wokulinga. Ngokwemithetho yethu emisha ehlongozwayo, umkhawulo ophezulu wobunikazi bomhlaba uzoba ngamahekthare ayizi-12 000.

Abantu bakwamanye amazwe ngeke bavunyelwe ukuthi babe nomhlaba okungowabo eNingizimu Afrika kodwa bazovunyelwa ukuthi benze isivumelwano sesikhathi eside sokuqasha umhlaba.

Mayelana nalokhu, uMthethosivivinywa Wokulawulwa Kobunikazi Bomhlaba uzothulwa ePhalamende kulo nyaka.

Ngokusebenzisa uHlelo Lwezinguquko Kwezomhlaba, umhlaba ongaphezu kwamahekthare ayizi-90 000 sewabelwe abalimi abancane, abahlali basemapulazini kanye nabasebenzi basemapulazini abayiziqashi.

Iyaqhubeka inqubo yokusungulwa kweHhovisi Lomlinganisi Omkhulu Wamanani Omhlaba,  elisungulwe ngokoMthetho Wezilinganiso Zamanani Omhlaba.
Uma usuqalile ukusebenza lo mthetho uzophelisa ukuthembela ohlelweni lokuThengiselana Umhlaba Ngokuvumelana Phakathi Komthengi Nomthengisi mayelana nokuthengwa komhlaba ngumbuso.

Bantu bakithi,
Ezolimo ziyinto eyokhela inhlansi yokukhula komnotho kanye nokutholakala kokudla okwanele.

Sisebenzisana nomkhakha ozimele ukuthuthukisa uHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezolimo oluzokwenza ukuthi kule minyaka emithathu ezayo usetshenziswe ngokuphelele umhlaba ongamahekthare ayisigidi esisodwa ongasetshenziswa kahle njengamanje.

Phakathi kwezinye izinhlelo zokungenelela eziningi, sizogqugquzela ukusungulwa kwamapaki ezolimo noma imifelandawonye noma amaqoqwana ezolimo kumasipala wesifunda ngamunye komasipala abangama-27 abahlwempu kakhulu ngenhloso yokuletha uguquko emnothweni wezindawo zasemakhaya. 
Sekubekwe eceleni isamba sokuqala esiyizigidigidi zamarandi ezimbili esizosetshenziswa ohlelweni lwaMapaki Ezolimo.

Sizophucula futhi nokuthunyelwa kwemikhiqizo yethu yezolimo kwamanye amazwe, njengoba isikhombise ukukhula ngesivinini esikhulu ikakhulu imikhiqizo ethunyelwa ezimakethe ezintsha kwelase-Afrika nase-China. Isibonelo, sesiphothule izivumelwano zokuhwebelana kwezolimo  eziphathelene nokuthunyelwa kommbila nama-aphula aseNingizimu Afrika kwelase-China.

Ukuthunyelwa kwama-aphula phesheya kulindeleke ukuthi kungenise imali yakwamanye amazwe eyizigidi zamarandi ezingama-500 kule minyaka emithathu ezayo.

Indaba emnandi esingayixoxa kwezolimo yimpumelelo yabanye babalimi bethu abasafufusa kanye nabalimi nabancane.

KuMasipala Wesifunda sase-Vhembe eMusina, uHulumeni waseLimpopo usexhase iQoqwana Lezolimo lase-Nwanedi elakhiwe ngabalimi abangama-300 abatshale imifino emhlabeni ongaphezudlwana nje kancane kwamahekthare ayi-1 300 ngenhloso yokuthengisa.

Leli Qoqwana Lezolimo selivule amathuba omsebenzi angaphezu kwezi-2 500 njengoba ukulinywa kwemifino kudinga abasebenzi abaningi.

Kuyintokozo ukuthi phakathi kwethu namhlanje sivakashelwe yilowo owaklonyeliswa ngeNdondo Yowesifazane Ovelele Kwezolimo yowezi-2014, uNksz Nokwanele Mzamo, odabuka e-Kirkwood eMpumalanga Kapa. 

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,
Izinhlelo zethu zokweseka umkhakha wezokukhiqiza seziqalile ukukhombisa izithelo ezinhle.

Uhlelo lwethu Lokutshalwa Kwezimali Emkhakheni Wokwakhiwa Kwezimoto selungenise imali evela kubatshalizimali abazimele eyizigidigidi zamarandi ezingama-24,5 futhi lwakhiqiza izimoto kanye nezingxenye zezimoto ezithunyelwa emazweni angaphandle zenani eliyizigidigidi zamarandi eziyi-103 ngowezi-2013.

Sesakhe umkhakha wokwakhiwa kwezimoto osezingeni lomhlaba kwizwekazi lase-Afrika othumela izimoto nezingxenye zezimoto emazweni angaphezu kwe-152.

Umkhakha wemboni yesikhumba nezicathulo nawo ukhulile manje sowukwazi ukukhiqiza izicathulo eziyizigidi ezingama-60, futhi impahla ethunyelwa ngaphandle ikhule ngama-18% okwenze umehluko ohwebweni lwempahla ethunyelwa phesheya kanye nempahla engena kuleli.

INgqungquthela Yenhlangano Yezizwe Ephathelene Nokuhwebelana kanye Nentuthuko iyakhombisa ukuthi iNingizimu Afrika iyiphindaphinde kabili imali engenayo kuleli evela kuBatshalizimali Bakwamanye Amazwe njengoba ikhuphukile yafinyelela kwizigidigidi zamarandi ezingama-88 ngowezi-2013 futhi izilinganiso zowe-2014 nazo zikhombisa ukuthi leli nani lizokhula.

Umkhakha wezokukhiqiza ukhahlamezeke kakhulu ngenxa kweNkinga Yokufadalala Komnotho Emhlabeni.

UHulumeni utshale imali engaphezu kwezigidigidi ezingu-2,8 kwizinkampani ezikulo mkhakha, ngokusebenzisa uHlelo Lokuphucula Ukuncintisana Kwezokukhiqiza.

Kuyasithokozisa kakhulu ukubona abakhiqizi bethu besukumela phezulu, njengoba sebefake imali evela kubatshalizimali abazimele engaphezu kwezigidigidi zamarandi eziyi-12,4. Lena yindaba emnandi ngempela umuntu angayixoxa.

Ngaphezu kwalokhu, ngenhloso yokuqhubekisela phambili uguquko, sesethule uhlelo lokuthola nokuthuthukisa oSozimboni Abamnyama kule minyaka emithathu ezayo.

Bantu bakithi,

Njengoba kube nempumelelo engaka kwezokukhiqiza, nakanjani ikhona inqubekelaphambili esizoyenza njengoba inhloso yethu kuwukokhela inhlansi ezoletha ukukhula komnotho.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Ukuze sikwazi ukuheha abantu bakwamanye amazwe abanamakhono esiwadingayo, sizomema ababambiqhaza abahlukahlukene ukuthi bahlanganise amakhanda baxoxisane ngeNqubomgomo Yokufudukela Kwabantu Bakwamanye Amazwe Kuleli.

Futhi sizokubeka eqhulwini ukubuyekezwa kwemitheshwana ephathelene nemvume yokungena kwabantu bakwamanye amazwe kuleli ukuze kube khona ukulingana phakathi kokuvikelela nokuphepha kwezwe kanye nokukhuliswa kwezokuvakasha.

Bantu bakithi nabangani,

Nge-SoNA yangoNhlangulana 2014, ngakhuluma ngesidingo sokuletha uzinzo emkhakheni wezezimayini kanye nokugqugquzela isimo esizinzile phakathi kwabaqashi nabasebenzi.

Ngaleso sikhathi sasikhathazekile ngenxa yokwanda kweziteleka ezidonsa isikhathi eside futhi kwesinye isikhathi ebezihambisana nodlame.

Ukuqaliswa kwezinhlelo eziningana ngaphansi koHlaka Lwesivumelwano Sokuqinisekisa Imboni Yezezimayini Esimeme sekwenze ukuthi kube nozinzo kanye nomoya wethemba emkhakheni wezezimayini, okuwumkhakha ongumgogodla womnotho wethu.

Sekusungulwe iziThangamu Zokulwisana Nobugebengu Basezimayini esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga, eLimpopo, eFreyistata, eMpumalanga kanye naseGauteng.

UHulumeni uzoqalisa ukusebenza kwezivumelwano okufinyelelwe kuzona nabamaBhizinisi kanye namaSebenzi, kubandakanya nokucutshungulwa kodaba lomkhawulo oyisisekelo wamaholo kuzwelonke.

Kwi-SoNA yangonyaka odlule saphinde sazibophezela ukuthi sizovuselela amadolobha akhelene nezimayini asesimweni esingagculisi neze, futhi kunenqubekela phambili enkulu eseyenziwe mayelana nalokhu.

Sekubekwe eceleni isamba semali eyizigidigidi zamarandi ezingu-2,1 ezosetshenziselwa lokhu, futhi sekwamukelwe isabelo semali eyizigidi ezingama-290 yokuVuselela Nokulungisa Izindawo Eziyimijondolo eMpumalanga, eNyakatho Ntshonalanga, eGauteng, eNyakatho Kapa, eLimpopo kanye naseFreyistata. 

Kunezindawo eziyimijondolo eziyi-133 ezihlolwayo njengamanje noma okwenziwa amalungiselelo okuthi zivuselelwe futhi zilungiswe ngokusebenzisa uHlelo Lukazwelonke Lokuhlinzeka Ngosizo Lokuvuselelwa Nokulungiswa Kwezindawo.

Kunezindawo zokuhlaliswa kwabantu ezingama-32 ezivuselelwayo futhi kunemiklamo yezindlu engama-87 esiqalisiwe kuwo wonke amadolobha akhelene nezimayini abekwe eqhulwini. 

Futhi okubalulekle kakhulu, uHulumeni nomkhakha wezezimayini kanye neNhlangano Yezamabhange YaseNingizimu Afrika basayinde iSivumelwano Somphakathi esiphathelene nokuthuthukiswa kwezindawo zokuhlaliswa kwabantu ezisimeme.

UHulumeni uyaqhubeka futhi nokuhlinzeka imiphakathi yasezimayini ngezibonelelo zikahulumeni. Olunye usizo oluhlinzekwayo lubandakanya ulwazi lomsebenzi oluphathelene neziNhlelo Zentuthuko Edidiyelwe kanye nokuthuthukiswa kweziZinda Zezomnotho Ezikhethekile.

Amadolobha akhelene nezimayini ayalekelelwa futhi ngokuqaliswa kohlelo lokuhlinzekwa kwezidingongqangi zikamasipala olubizwa ngokuthi luhlelo Lokubuyela Emasisweni.
Kuningi ngempela okwenziwayo ukwakha nokuvuselela amadolobha akhelene nezimayini.

UHulumeni ubuyekeza futhi nendlela izinkampani zezimayini ezithobela ngayo imikhawulo yoMqulu Wezezimayini wezi-2014.

Ngiwuphindisele emuva ePhalamende uMthetho Wezokuthuthukiswa Kwemithombo Yezimbiwa Nemikhiqizo Kaphethiloli ukuze kulungiswe izingxenye zawo eziphambene nomthethosisekelo kanye nokunye okungahambi kahle kuwona.

Bantu bakithi,

Ngenhloso yokuphendula kwizicelo zabamabhizinisi, uHulumeni useqinisekisile ukuthi kunokuhambelana kwizicelo zamalungelo ezimayini nezamanzi kanye nokuhlolwa komthelela wokukhahlamezeka kwemvelo futhi sekubekwe umkhawulo wesikhathi esiyizinsuku ezingama-300 wokukhishwa kwazo zonke lezi zimvume.

Ngaphezu kwalokho, sizosungula futhi neSikhungo Esisodwa Esibandakanya Iminyango Kahulumeni Ehlukahlukene esizokwamukela izikhalazo kanye nezinkinga ezibikwe ngabatshalizimali bese sithatha izinyathelo ezifanelekile.

Bantu bakithi eNingizimu Afrika,

Ngonyaka wezi-2015 kuzokwenziwa eminye imizamo yokuphucula imithetho ephathelene nabasebenzi ukuze kuqhutshekwe nokugqugquzelwa kwamalungelo abasebenzi.

UMnyango Wezabasebenzi uzobuyekeza imigomo nemibandela yokuqashwa kwabasebenzi emkhakheni wezolimo, ezamahlathi, onogada bezinkampani ezizimele kanye nezitolo ezithengisa impahla.

Silindele ukuphothulwa koMthetho Wezokuqashwa Kwabasebenzi wezi-2014 ozosungula ngokusemthethweni umkhakha wezokuqashwa  kwabantu.

Futhi lo mthetho uzolawula ngokusemthethweni izindlela zokusebenza ezisetshenziswa yizikhungo zangasesese ezifunela abantu umsebenzi kanye nezikhungo ezifunela abantu umsebenzi wetoho ukuze kuvinjelwe ukuxhashaswa kwabantu abathungatha umsebenzi namatoho abangaboni ukuthi bayaxhashazwa.

Ngaphezu kwalokho, uMthetho Womshwalense Wabantu Abaphelelwe Ngumsebenzi wezi-2001 uzochitshiyelwa  ngenhloso yokuphucula imihlomulo etholwa ngabahlomuli futhi ukuze ubandakanye nabasebenzi bakahulumeni kwindlela okusetshenziswa ngayo lo Mthetho.

Malungu ahloniphekile kanye nezivakashi ezikhethekile,

Amabhizinisi amancane angumsebenzi omkhulu.

UHulumeni usebeke umkhawulo wama-30% mayelana nokuthengwa kwemikhakha ethile yempahla yoMbuso kwizinkampani ezisafufusa, imifelandawonye kanye namabhizinisi asemalokishini nawasezindaweni zasemakhaya.

Sizoqhubeka futhi nokugqugquzela amathuba entsha.

Ngonyaka wezimali odlule, Inhlangano Kazwelonke Yokuthuthukiswa Kwentsha ikhiphe imali eyizigidi zamarandi ezingama-25 eyabelwe amabhizinisi amancane entsha angama-765 ezweni lonkana.

Futhi le Nhlangano selibambisene neNkampani Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC) kanye noPhiko Lokuxhaswa Ngezimali Kwamabhizinisi Amancane kubambiswano lwezikhungo ezintathu oseluholele ekuxhasweni kwabantu abasha ngemali eyizigidigidi zamarandi ezingu-2,7.

Bantu bakithi,

Unyaka wezi-2015 uqopha ukuqaliswa kwesigaba sokuqala sokuhlinzekwa kohlelo lwe-inthanethi esheshayo. UHulumeni uzoxhuma amahhovisi omasipala besifunda abayisishiyagalolunye.

Labo masipala yiDkt Kenneth Kaunda eNyakatho Ntshonalanga, i-Gert Sibande eMpumalanga, i-O.R. Tambo eMpumalanga Kapa, i-Pixley ka Seme eNyakatho Kapa, iThabo Mofutsanyane eFreyistata, Umgungundlovu kanye NoMzinyathi KwaZulu-Natali, kanye ne-Vhembe eLimpopo.

UHulumeni usenqume futhi ukuqoka abakwa-Telkom njengophiko oluzohola umsebenzi wokuhlinzekwa kwe-inthanethi esheshayo.
Njengengxenye yokukhuthaza ukukhula komnotho, ngokusekela izinkampani zombuso, ziyaqhubeka izinhlelo zokuqalisa isu lezinsuku ezingama-90 lokuguqula isimo okuhloswe ngalo ukuletha uzinzo lwezezimali kwiNkampani yeZamabhanoyi YaseNingizimu Afrika (i-SAA).

Ngakho-ke, eminye yemizila eya emazweni angaphandle engenzi inzuzo izoqedwa kancane kancane.

Kodwa-ke, lokhu sizokwenza ngendlela engeke ibe nomthelela omubi kwezokuhamba ngamabhanoyi nakwezohwebo kanye nezokuvakasha phakathi kweNingizimu Afrika kanye namazwe angaphandle.

Bantu bakithi,

Uhlelo lukaZwelonke Lokuthuthukiswa Kwengqalasizinda luyaqhubeka nokuba wuhlelo olusemqoka kakhulu ekuvulweni kwamathuba omsebenzi futhi ludlala indima ebalulekile ekukhulisweni komnotho.

Amanzi awumthombo obaluleke kakhulu ekukhulisweni komnotho kanye nokuletha impilo engcono. Kunemiklamo eminingana okuhloswe ngayo ukuhlinzeka izimboni namakhaya ngamanzi esesigabeni sokuqaliswa noma sokuhlela ezweni lonkana.

Imiklamo emikhulu ibandakanya uMklamo Wamanzi Womfula Umzimvubu eMpumalanga Kapa, iDamu laseJozini kumasipala waseMkhanyakude KwaZulu Natali nemiklamo ese-Bushbuckridge eMpumalanga kanye neSigaba Sokuqala somklamo wokukhuliswa kokutholakala kwamanzi obizwa nge-Mokolo Crocodile Water Augmentation eLimpopo.

Ikhona inqubekela phambili eseyenziwe ekuphuculeni ukuphakelwa kwamanzi ezindaweni ebezikhahlanyezwe ukushoda kwamanzi, njengoMasipala Wesifunda iMakana eMpumalanga Kapa, uMasipala Wesifunda i-Ngaka Modiri Molema eNyakatho Ntshonalanga kanye naseGiyani eLimpopo lapho ngoNcwaba ngonyaka ofile sabamba khona umcimbi wokubungaza ukuphakelwa kwamanzi ezindaweni zasemakhaya ezingama-55.

Somlomo noSihlalo we-NCOP Ohloniphekile manginxuse bonke abantu bakuleli ukuthi bonge amanzi. Lelo nalelo consi lamanzi libalulekile. Izwe lilahlekelwa yizigidigidi zamarandi eziyisikhombisa ngenxa yamanzi avuzayo.

Ukuze kuncishiswe le nkinga yokuvuza kwamanzi, uHulumeni uzosebenzisa uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle ukuqeqesha abasebenzi abayizingcweti zokulungisa amapayipi noma opulamba abayizi-15 000 abazolungisa ompompi abavuzayo emiphakathini abahlala kuyona.

Kuyasithokozisa ukuthi kusihlwa nje sibe nesivakashi sethu esikhethekile, esiklonyeliswe ngeNdondo Yabesifazane Ababambe Iqhaza Ekongiweni Kwamanzi, uNksz Mapule Phokompe waseMahikeng eNyakatho Ntshonalanga.

Bantu bakithi,

Uhlelo lwengqalasizinda luyaqhubeka nokwandisa amanethiwekhi ezokuthutha kanye nokuphucula imigwaqo okuyinto ezoba negalelo elihle ekukhulisweni komnotho.

UMnyango Wezokuthutha uzosebenzisa imali elinganiselwa kwizigidigidi zamarandi eziyisishiyagalolunye kwiSibonelelo Sezifundazwe Sokulungisa Imigwaqo noma oHlelweni lweSihamba Sonke futhi uzosebenza izigidigidi zamarandi eziyi-11 ukuphucula kanye nokulungisa imigwaqo engakhokhelwa intela yokusebenzisa umgwaqo.

Kuzosetshenziswa imali engaphezu kwezigidigidi zamarandi eziyisithupha emadolobheni ayi-13, emsebenzini wokuhlela nokwakha kanye nokuqhuba umsebenzi wamanethiwekhi ezokuthuthwa komphakathi adidiyelwe ngalo nyaka wezimali. Siyaqhubeka futhi nokuphucula ingqalasizinda yezikole kanye neyezikhungo zemfundo ephakeme ukuze sakhe isimo esikulungele ukufunda nokufundisa.

Ngokusebenzisa uHlelo Lokusheshiswa Kokuhlinzekwa Kwengqalasizinda Yezikole oluyingxenye yoHlelo Lwengqalasizinda Kazwelonke, kuze kube manje sekuphothulwe ukwakhiwa kwezikole ezingama-92 futhi ziyi-108 ezakhiwayo.

Kunezikole ezilinganisselwa kuma-342 ezihlinzekwe ngamanzi okokuqala ngqa.

Zingama-351 izikole ezihlinzekwe ngengqalasizinda yokuthuthwa kwendle esezingeni elifanekile, kanti ezingama-288 zifakelwe ugesi.

Siyaqhuba. Siyasebenza. Siyisizwe esimatasatasa esisebenzayo.

UHulumeni usehlonze izizinda eziyi-16 okuzokwakhiwa kuzona amaKolisihi amasha Okufundela Umsebenzi Wobuchwepheshe Bezandla Nokuqeqesha ayi-12 kanye nokuvuselelwa nokulungiswa kwamakolishi akhona njengamanje amabili.

Uyaqhubeka futhi umsebenzi wokusungula amanyuvesi amathathu amasha ceke, i-Sol Plaatjie eNyakatho Kapa, iNyuvesi yaseMpumalanga kanye ne-Sefako Makgatho Allied and Health Sciences University.

Malungu Ahloniphekile,

Siyaqhubeka nokuhlinzeka abantu bakithi ngezindlu. Ngosuku lomhla zingama-30 Mandulo 2014 besekuhlinzekwe ngezindlu ezingaphezu kwezi-50 000 emkhakheni wezezindlu zomxhaso kanye nowezindlu ezingambi eqolo. 

UHulumeni uzohlinzeka futhi ngezindlu eziyizi-5 000 kwizigagayi zempi. UHulumeni uzokwenza futhi nemizamo yokuqeda ukusalela emuva kokukhishwa kwamatayitela ezindlu ezakhiwa ngaphambi kowe-1994 kanye nalezo ezakhiwa emva kowe-1994.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Ngonyaka odlule sethula izinhlelo ezinohlonze zokuqalisa uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

Ngonyaka odlule sethula uhlelo lwe-Operation Phakisa, okuyindlela yokuhlela nokuqaliswa kwezinhlelo esekelwe phezu kwemiphumela ephathekayo.

I-Operation Phakisa kwezomnotho wasolwandle kuhloswe ngayo ukuvula amathuba emikhakheni yokuthutha ngemikhumbi, ezokudoba, ukufuywa kwezinhlanzi, ezezimbiwa, uwoyela negesi, ubuchwepheshe bezinto eziphilayo kanye nowezokuvakasha.

Sesibeke eceleni imali eyizigidigidi eziyi-9,2 ezotshalwa emsebenzini wokucingwa kwegesi kanye nowoyela echwebeni lase-Saldanha njengengxenye yohlelo lwe-Operation Phakisa.

I-Operation Phakisa oHlelweni Lokukhuliswa Kwesibalo Semitholampilo Esezingeni Elifanelekile kuhloswe ngayo ukugqugquzela ukusebenza kanye kwemitholampilo nokuqinisekisa ukuthi iziguli zihlinzekwa ngosizo olusezingeni eliphezulu.

Manje sesizobheka igalelo le-Operation Phakisa emkhakheni wezezimayini.Sengiyalele uHulumeni ukuthi abambisane nomkhakha wezezimayini ngenhloso yokuthuthukisa izindlela zokusebenza ezizohlomulisa wonke umuntu othintekayo kwizimbiwa zethu.

Bantu bakithi kanye nabangani,

Kule minyaka emihlanu edlule, uHulumeni ube nempumelelo ephawulekayo kwezempilo.

Kulo nyaka sizokwethula uhlelo olukhulukazi lokulwisana nesifo sofuba (i-TB), oluzogxila kakhulu emiphakathini emithathu, iziboshwa ezigcinwe eziKhungweni Zokuhlunyeleliswa Kwezimilo, abavukuzi kanye nemiphakathi yasemadolobheni akhelene nezimayini.

Ngenhloso yokulwisana nengculazi (i-Aids) negciwane layo (i-HIV) sekusungulwe inkampani yamakhambi nemithi, i-Ketlaphela, futhi le nkampani izobamba iqhaza ekuhlinzekweni koMnyango Wezempilo ngemishanguzo yokudambisa ingculazi.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Kumele siqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla futhi ngokubambisana empini yokulwisana nobugebengu kanye nokwakha imiphakathi ephephile.
Ikhona inqubekela phambili esiyenzayo empini yokulwisana nobugebengu obuqondiswe kwabesifazane nezingane.

Uphiko loMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu (i-SAPS) Lwezodlame Lomndeni, Ukuvikelwa Kwezingane kanye Nokuphenya Amacala Ezocansi lukwazile ukuthola izigwebo zodilika jele ezingama-659 ezinikezwe abenzi bobugebengu obuqondiswe kwabesifazane nezingane.

Thina singumbuso wentando yeningi labantu futhi siyalihlonipha ilungelo lomphakathi lokubhikisha. Kodwa-ke sithanda ukunxusa umphakathi ukuthi le mibhikisho kumele yenzeke ngaphansi kwesimo sokuhlonishwa komthetho futhi kumele ibanjwe ngokuthula noxolo njengoba kushiwo kuMthethosisekelo.

Amaphoyisa akwazile ukulawula ngempumelelo izigameko zokubhikisha komphakathi eziyizi-13 575, ezibandakanya izigameko ezihambisana nothuthuva eziyi-1 907 kanye neziyizi-11 668 zokubhikisha ngokuthula. 

Impi yokulwisana nenkohlakalo iyaqhubeka nokubekwa eqhulwini yiKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Lokulwisana Nenkohlakalo.

UHulumeni usesungule izikhungo zokulwisana nenkohlakalo eziyisikhombisa futhi waphasisa nemithetho eyi-17 okuhloswe ngayo ukulwisana nenkohlakalo. Lokhu kukhombisa imizamo eqinile eyenziwa nguhulumeni ukuqeda lesi sihlava kuleli.

Ngonyaka wezimali wezi-2013/14, bangama-52 abantu abalahlwa ngamacala enkohlakalo abandakanya imali engaphezu kwezigidi zamarandi ezinhlanu.

Bangama-31 abasebenzi bakahulumeni abalahlwa ngamacala enkohlakalo ngekota yokuqala yowezi-2014/15 futhi kwatholwa imiyalelo yokubanjwa kwempahla yenani eliyizigidi zamarandi ezingama-430. 

Ngenhloso yokuvimbela inkohlakalo kanye nokugqugquzela inkambiso enhle kwezokuphatha, ngoZibandlela ngasayinda uMthetho Wokuphathwa Nokulawulwa Komkhakha Wezemisebenzi Kahulumeni, phakathi kokunye ovimbela abasebenzi bakahulumeni ekwenzeni ibhizinisi noMbuso.

Bantu bakithi,

IKhabhinethi seyiqalise ukusebenza kwezinhlelo zokungenelela ezinohlonze futhi ezididiyelwe zokulwisana nesihluku sokuzingelwa ngokungemthetho kobhejane kuleli.
Lezi zinhlelo zokungenelela zibandakanya imikhankaso eyenziwa ngokubambisana namazwe esakhelene nawo, ukuphuculwa kokuqoqwa kolwazi oluyimfihlo oluphathelene nezenzo zokuzingelwa kobhejane kanye nokuphuculwa kwezokuvikeleka emapaki kanye naseziqiwini zezifundazwe okufuywe kuzona obhejane.

UHulumeni usenze futhi inqubekela phambili enkulu ekusungulweni kweNhlangano Ephethe Imingcele, ezolawula wonke amasango okungena kuleli futhi iphucule nezokuvikeleka.
Ngenhloso yokuphucula ukuhlinzekwa komazisi, kusukela ngalo nyaka izakhamuzi sezizokwazi ukufaka izicelo zoMazisi Wekhadi omusha, i-Smart ID Card, emabhange asezindaweni zangakubo ngenxa yobambiswano oluphakathi koMnyango Wezasekhaya kanye namabhange athile akuleli.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Sizoqhubeka nokubeka eqhulwini ukwakhiwa kombuso onakekelayo, osebenza kahle futhi osukumela phezulu mayelana nokufezekiswa kwezidingo zabantu.

Kwi-SoNA yowezi-2014, ngathi sizoqhubeka nokuqhubekisela phambili kanye nokuphucula izimpilo zabantu abakhubazekile. NgoZibandlela ngonyaka odlule, iKhabhinethi yakhipha uhlaka lweNqubomgomo Kazwelonke Yamalungelo Abantu Abakhubazekile ukuze umphakathi uphawule ngayo. 

Bantu bakithi,

Uhulumeni wasekhaya ungumsebenzi kawonkewonke. Kumele siwenze usebenze.

Sesethule uhlelo olubizwa “Ukubuyela emasisweni” ngenhloso yokugqugquzela ukuphatha nokulawula ngendlela efanele ngokuthi kuqedwe ukusaphaza, kusetshenziswe izimali zikahulumeni ngokucophelela, kuqashwe abasebenzi abanekhono lomsebenzi futhi kuqinisekiswe ukusebenza ngendlela esobala kanye nokuphendula ngendlela efanele komasipala.

IKhabhinethi ilwamukelile uHlaka Oludidiyewe Lokuthuthukiswa Kwezindawo Ezisemadolobheni olwamenyezelwa kwi-SoNa yangoNhlangulana ngonyaka odlule.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Ngenhloso yokufaka isandla ekwakhiweni kwe-Afrika engcono, iNingizimu Afrika iqhubekile nokusekela izinhlelo zokuqinisekisa ukuthula nokuvikeleka kanye nokudidiyelwa komnotho wezifunda zaleli zwekazi.

Lokhu sekuholele ekutheni kutholakale imiphumela eminingana ebalulekile.

Sekuqalile ukusebenza koMbutho wokuQinisekisa Ukuthi Izwekazi lase-Afrika Liyakwazi Ukuphendula Ngokushesha Uma Kubheduka Izinxushunxushu (i-ACIRC), futhi iNingizimu Afrika ifaka isandla kuwona lo mbutho futhi ingelinye lamazwe angabasunguli bawo.

UMbutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF) kanye noMbutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika (i-SAPS) iyaqhubeka nokubamba iqhaza ngobuhlakani ezinhlelweni zokuvimbela udweshu kanye nokugcina uxolo kuleli zwekazi.

INingizimu Afrika iyaqhubeka futhi nokusekela imizamo yokuxazulula udweshu kwelaseLesotho, e-Sri Lanka kanye nase-South Sudan, eholwa yiPhini likaMongameli.

Ubambiswano lwezomnotho oluphakathi kwezwe lethu namazwe e-BRICS (i-Brazil, i-India, i-Russia, i-China neNingizimu Afrika) luqinisiwe ngenkathi kusayindwa izivumelwano zokuqala ezimbili eziphakathi kohulumeni balawa mazwe, ngenkathi kubanjwe iNgqungquthela ye-BRICS yesithupha.

Lezi yiSivumelwano Sebhange Lentuthuko Elisha kanye neSivumelwano Esisungula Isikhwama Esizobhekelela Izigameko Zokulahlekelwa Ebezingalindelekile.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Amazwe asethuthukile aseNyakatho ayaqhubeka nokuba ngamazwe asemqoka abambisene neNingizimu Afrika, okwenza leli lizwe likwazi ukuqhubekisela phambili inqubomgomo yalo kazwelonke kanye neyobudlelwano balo namazwe angaphandle.

Sinobambiswano olubaluleke kakhulu neNhlangano Yobumbano Lamazwe aseYurophu (i-EU) oluphathelene noHlelo LweNingizimu Afrika Lokutshalwa Kwezimali  Zokwakha Ingqalasizinda olulinganiselwa kwizigizigidi zamarandi ezingu 1,5 phakathi kokunye okuningi.

Ukuvuselelwa koMthetho Wokukhuliswa Kweminotho yase-Afrika kanye Nokuhlinzeka Ngamathuba ukuze uqhubeke nokusebenza emva kwenyanga kaMandulo 2015 kanye nesethembiso sokusekela izinhlelo zokuthula kuleli zwekazi eziholwa ngamazwe ase-Afrika ngeminye yemiphumela yeNgqungquthela yeMelika Nabaholi Bamazwe ase-Afrika eyabanjelwa kwelaseMelika ngonyaka odlule.

Bantu bakithi,

Ezingeni lokusebenzisana nezinhlaka ezahlukahlukene, unyaka wezi-2015 uqopha umgubho weminyaka engama-70 kwasungulwa iNhlangano Yezizwe okwenza kube nesidingo esikhulu sokuletha uguquko kuMkhandlu Wezokuvikela weNhlangano Yezizwe kanye nezinye izikhungo zamazwe ngamazwe.

Bantu bakithi,

Amathambo amaqhawe omzabazo wenkululeko, u-Moses Kotane kanye no-JB Marks azongcwatshwa kabusha eNingizimu Afrika ngoNdasa.

Siyawubonga uhulumeni nabantu base-Russia ngokubhasobha amathambo amaqhawe ethu ngesizotha iminyaka eminingi.

Ngasohlangothini lwezemidlalo, iQembu Elimele iNingizimu Afrika lizobamba iqhaza kuMqhudelwano Wezemidlalo Wamazwe Ase-Afrika ozobanjelwa kwelase-Congo-Brazzaville kulo nyaka.

AmaBhokoBhoko azobamba iqhaza kuMqhudelwano Wendebe Yomhlaba yeNhlangano Yebhola Lombhoxo Yamazwe Ngamazwe (i-IRB) ozobanjelwa kwelaseNgilandi ngoMandulo kulo nyaka.

Iqembu lakuleli lekhilikithi, ama-Protea, lihambele kwelase-Australia nase-New Zealand ukuyobamba iqhaza kuMqhudelwano Wendebe Yomhlaba Yekhilikithi Womkhandlu Wezekhilikithi Wamazwe Ngamazwe. Bonke abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi njengenjwayelo bawasekele amaqembu esizwe.

Kumele futhi sihalalisele iqembu lethu iBafana Bafana. Ngicabanga ukuthi nizovumelana nami ukuthi kulokhu badlale kahle kakhulu ngenkathi bedlala imidlalo yokuhlungela umqhudelwano wendebe yase-Afrika.

Bebeyingxenye yeqoqwana elibizwa “ngeqoqwana okudlana kulona imilala izingqungqulu zodwa” futhi benze konke okusemandleni abo.

Kumele sibasekele ngoba benze ukuthi siziqhenye.

Malungu ahloniphekile,

Sizoqhubeka nokugqugquzela abantu ukuthi banakekele imizimba yabo futhi siyazinxusa izakhamuzi ukuthi ziyeke ukubhema ugwayi nokuphuza utshwala ngokweqile kanye nokusebenzisa izidakamizwa.

Mayelana nalokhu-ke, mhla ziyi-10 kuNhlaba sizogubha uSuku Lokunyakazisa Umzimba Ukuze Uhlale Ungumqemane, okuwumcimbi wamazwe ngamazwe ogqugquzelwa yiNhlangano Yezempilo Emhlabeni. Futhi lo mcimbi uzokwenzeka  ngosuku olufanayo nolomgubho wokugcotshwa kukaMongameli Mandela.

Bantu bakithi,
Bantu baseNingizimu Afrika,

Kuningi okufezekisiwe ngonyaka odlule. Sikholelwa ukuthi uhlelo lwethu olunamaphuzu ayisishiyagalolunye lokungenelela kwezomnotho luzohlanganisa futhi luqinise lezi zinto ezifeziwe, bese lokhela inhlansi ezokhuthaza ukukhula komnotho, okuyinto edingeka kakhulu.

Ngalo nyaka Womqulu Wenkululeko kanye Nokusebenza Ngokubambisana Ngenhloso Yokuqhubekisela Phambili Inkululeko Yezomnotho, sizibophezela kabusha ukuthi sizosebenzela ubumbano futhi sisebenze ngokuzikhandla ukuze iqhubeke impumelelo kuleli lizwe lethu elihle kangaka.

Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili!

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore