Isicelo se visa

Uma ungowakwelinye izwe ufuna ukuvakashela iNingizimu Afrika, kufanele ukhiphe i-visa esebenzayo ngaphambi kokuba ungene kuleli lizwe. I-visa iyokhishwa inikezwe umuntu ovakashile noze kuleli ngezinjongo zebhizinisi futhi ihlala izinsuku ezingama-90.

Amanye amazwe awangeni ohlelweni lwe-visa, okusho ukuthi izakhamuzi zakulawo mazwe akudingeki zibe ne-visa ukuze zivakashele eNingizimu Afrika.

Ama-visa awanikezelwa ezindaweni zokungena eNingizimu Afrika, futhi abasebenzi basezindizeni kumele bame kwelokuthi umuntu akhiphe i-visa ngaphambi kokuba bamvumele agibele indiza. Uma ufika ungayiphethe i-visa yakho, abasebenzi ababhekelele ezokungena ezweni baphoqelekile ukuba bakufake endizeni bakuphindisele ezweni lakini.

Kuye ngokuvakasha kwakho okuhlosiwe, ungafaka isicelo se-Visa Yezivakashi noma i-Transit Visa.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana:

noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page