Minister Mildred Oliphant: Labour Dept Budget Vote NCOP 2016/17

Inkulumo kanqgonqgoshe wezabasebenzi ethula uhlahlo-mali lomnyango luka 2016/17, emkhandlwini wezifundazwe kazwelonke ngomhlaka eKapa (NCOP Budget Vote Debate)

Sihlalo Ohloniphekile,
Namalunga Alendlu ahloniphekile,
Abaholi Bemibutho Esibambisene nayo,
Mqondisi Jikelele kanye nethimba lakho lomnyango,
Izivakashi zethu ezihloniphekileyo,
Abasebenzi bonke basemzansi-Afrika.

Ngiyanibingelela!

Sikhalisana nabobonke labo abalahlekelwe izihlobo zabo ezingozini ezenzeke ezimayini kanye nakwi construction sector, sithi labo abalimele belulame ngokushesha.

Ngiyabonga kakhulu ukuthola lelithuba lokuma phambi kwenu namhlanje, ukuzothula uhlahlo-zimali loMnyango wezabasebenzi. Mangisho-ke ukuthi isisekelo saloluhlahlo-mali, izibopho esazenza siwumbutho kakhongolose uma siya okhethweni langonyaka ka 2009 kanye no 2014.  Izifundazwe zibaluleke kakhulu ke kithi ngoba ilapho izinto okumele mazenzeke khona. Ingakho ingxenye ethe xaxa kuloluhlahlo-mali lubekelwe ukuthuthukisa izizinda zethu ezisezifundazweni ukuze abantu bakithi bafumane usizo ngokushesha.

Singakhuluma siqhephuze kodwa uma abantu bakithi  bengawuboni umehluko ezimpilweni zabo, angeke kwasisiza ngalutho lokho. Washo-ke u Amilcar Cabral, ukuthi abantu akubasizi ngalutho ukuthi silokhu sikhuluma ngezinto ezisemakhanda ethu, kodwa bona bengawuboni umehluko ezimpilweni zabo, Abantu bakithi bafuna ukuthi izimpilo zabo zibengcono futhi nekusasa lezingane zabo libe ngeliqhakazile. Uhulumeni kakhongolose ukwazi kahle kamhlophe-ke lokhu okubekwa yilenkokheli eyayilwela inkululeko yalabo ababecindezelwe amaPutukezi.

Imithetho yabasebenzi ithinta bonke abantu bakuleli. Ngisho nomnotho imbala, awusoze wasimama ngaphandle kweqhaza elibanjwe abasebenzi. Ngivumeleni ngisho ukuthi, ngaphandle kwabasebenzi, ayikho into engaya phambili. Umzansi Afrika waziwa umhlaba wonke ukuthi unemithetho yabasebenzi esezingeni eliphezulu, futhi cishe ilona kuphela emazweni omhlaba wonke Jikelele,
lapho amalungelo abasebenzi eyingxenye yomthetho-sisekelo wezwe. Singakhohlwa-ke futhi ukuthi, lawa ngamalungelo abasebenzi abawalwela kukubi eminyakeni yobandlululo.

Abanye babehlukunyezwa nemindeni yabo, belala ezintabeni, abanye beboshwa, beshawa futhi  abaningi balahlekelwa ngisho imiphefumulo yabo belwela lamalungelo. Kuyajabhisa ke ukuthi, kusekhona abafuna ukuwacekela phansi lamalungelo ngokuwabeka izici ezingenabufakazi.

Ukuhlupheka kwabasebenzi sikwazi kamhlophe thina siwuKhongolose ngoba, abaningi bethu babengabasebenzi ngeminyaka yobandlululo. Umzabalazo wabasebenzi akuyona nje into esiyifunda ezincwadini, noma emaphephandabeni, abaningi bethu basenamanxeba angakapholi nanamhlanje. 

Umsebenzi wethu omkhulu njengoMnyango, ukuvikela abasebenzi ukuthi bangaxhashazwa emisebenzini. Imithetho esiyiphakamisayo iyakufakazela lokhu ngale kwamathandabuzo. Kubalulekile-ke ukuthi ngisho ukuthi, uma sishaya lemithetho siwuhulumeni kakhongolose, siyaqiniseka ukuthi loko akuthikamezi imizamo yokukhulisa umnotho nalezo-zinhlelo zokuvula amathuba emisebenzi.

Abanye sihamba nabo siye Emihlanganweni yeNhlangano yaBasebenzi yeZizwe, i-ILO, sivumelane ngezinto eziningi, kodwa uma befika la ekhaya, baqale bahlasele zona kanye lezinto ebekuvunyelwene ngazo eGeneva. Uyadumaza kakhulu-ke lomkhuba wozakwethu.

Sihlalo Ohloniphekileyo kanye Namalunga alendlu, Ebesithe sizokwenza ngonyaka odlule, okuningi sesikwenzile okunye siphezu kwakho. Osaziwayo emhlabeni wonke jikelele, bathi akukaze kwenzeke emlandweni wamazwe ukuthi uhulumeni ophethe, acushise izichibiyelo zemithetho yabasebenzi eyevile kwemibili, iminyaka emibili ilandelana. Hhayi abayivali imilomo.

Konke lokhu sikwenza ngoko mkhombandlela womthetho sisekelo walelizwe; Usomqulu wenkululeko; kenye nemithetho yemgomo yokhetho ka 2009 and 2014 ka ANC.

Sihlalo namalunga ahloniphekileyo, akukho noyedwa kulendlu ongaphika ukuthi loHulumeni kaKhongolose, ukwenzile konke lokhu ngale kwamathandabuzo, futhi nabasebenzi bakwazi kamhlophe lokho.

Okungijabulisa kakhulu-ke ukuthi, ngisho nabasebenzi basezindlini nasemapulazini imbala, nabo sebayahlomula ngenxa yezinyathelo ezithathwa ilo-Hulumeni. Sizokhumbula-ke ukuthi imithetho-zichibiyelo yakabusha, ike yaba yindaba egudwini, kukhona nalabo ebebeshaya phansi ngonyawo bethi akusoze kwenzeka lokhu, kodwa amathe abuyela kwasifuba ngoba uKhongolose, wayishicelela lemithetho.

Sonke siyazi-ke ukuthi, uma ungaphilanga, usuyakwazi ukuthi utshele umqashi ukuthi angeke ukwazi ukuya emsebenzini. Eminyakeni yobandlululo, uma ulovile emsebenzini ngoba ugula, wawukhishwa ngesango mhlazane ubuya. Yayingekho futhi indaba yokuthi uzohamba uthi uyophumula emva kokusebenza unyaka, ucabange ukuthi uzokhokhelwa, kodwa namhlanje konke lokhu sekulawulwa imithetho eshaywe kaKhongolose.

Ngisho nabasebenzi besimame, sebayakwazi ukuyobeletha bahlale emakhaya okungenani izinyanga ezine bekhokhelwa. Ngesikhathi sobandlululo abasebenzi bababazi kahle kamhlophe ukuthi ukukhulelwa kwakusho ukulahlekelwa umsebenzi. Siyabonga Hulumeni kaKhongolose, abanamehlo bayayibona imisebenzi yakho emihle. Malibongwe!

Siyazi-ke ukuthi umbimbi lwabasebenzi, amadla-ndawonye kanye nenhlangano yezakhamuzi, beholwa uKhongolose, sebekuqede nya ukuxhashazwa kwabasebenzi besikhashana kanye nalabo bezinkontileka zesikhashana.

Bahlonishwa, i-Khomishana yokuxazulula izinkinga zabasebenzi i-CCMA, isinikwe amandla okungenelela ezitelekeni uma kunodlame noma kubonakala ukuthi abaqashi nabasebenzi badinga usizo lokuxazulula ukungaboni ngaso-linye.  LeKhomishana isikelwe izigidi ezingamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa amaRandi (R770 million) kulonyaka, ukuze iqhubeke nemisebenzi yayo edingwa ngabasebenzi.

Kanti uMkhandlu Kazwelonke wezokuxoxisana, i-NEDLAC,
Wona usikelwe izigidi ezingamashumi amathathu nanye amaRandi (R31million)  ukuze ikwazi ukwenza imisebenzi obekelwe yona.

Sesiphinde savula izikhungo ezingeziwe ezifundazweni ukuze abasebenzi bafumane usizo ngokushesha. Sesifake nobuxhakaxhaka bemishini kuma Labour Centres zethu, lapho abasebenzi bezokwazi ukuzenzela abakudingayo ngokwabo, ngaphandle kokudinga usizo lomabhalane bomnyango. Kulonyaka sihlose ukuqhubeka nokufaka lemishini kuma Labour Centres ayishumi nesiyashiyagalombili ezifundazweni ezahlukene.

Lemishini izokwenza kubelula ukuthi abantu abafuna imisebenzi bathole imininingwane komabonakude esizobafaka khona maduze-nje. Futhi bayokwazi ukubona ukuthi iziphi izimboni ezinezikhala zemisebenzi, nokuthi zifuna abantu abaphethe maphi amakhono. Ngaleyondlela bazokwazi ukufaka izicelo zemisebenzi ngaphandle kokufuna usizo komabhalane.

Malunga Alendlu ahloniphekileyo; Umnyango ususungule uhlelo lokuqeqesha abasebenzi kumakhono adingwa umnotho, nokuphathwa kwamabhizinisi ukuze bakwazi ukuziphilisa. Lokhu sikwenza ngokubambisana nezikhungo zokufundisa nokuqeqesha abasebenzi kanye nezikole zamakhono. [Ama-SETA kanye nama TVET] Ngoba lolu uhlelo lukazwelonke, siyaqiniseka ukuthi zonke izifundazwe zibe-nabantu ezinhleweni zethu.

Sikhuluma nje, kunabantu abayikhulu (100) abaqeqeshelwa ukutshuza(scuba divers); abangashumi amabili abaqeqeshelwa ukushayela amabhanoyi (Pilots); kanti-ke bangaphezulu kwenkulungwane abaqeqeshwa  emakhonweni okwakha nobunjiniyela obunhlobonhlobo.

Kulonyaka ophezulu sinezinhlelo zokuqeqesha okungenani izinkulungwane eziyisithupha emikhakheni yamakhono ahlukahlukene. Nizokhumbula-ke Bahlonishwa, ukuthi bonke abaqeqeshwayo, bathi nje uma beqeda izifundo zabo, bangene emisebenzini ngale kokuchitha isikhathi. Leli ngelinye lamaqhaza umnyango owenzayo ukuhlasela ukusweleka kwemisebenzi.

Bakwethu, asisaqeqeshi nje noba imaphi amakhono, kodwa sesiqeqesha lawo makhono adingwa umnotho, futhi la-kunezikhala zemisebenzi khona. Sikhuluma-nje, akukho nesisodwa isifundazwe lapho ingekho into esiyenzayo.

Malungu Ahloniphekileyo, sesiphinde sathatha isinqumo sokusebenzisana nezinhlelo ezifana ne Expanded Public Works Programme, lapho sizoqeqesha, labo abasuke bephuma kulezizinhlelo, ezintweni ezizobanika amakhono adingekayo emnothweni. Inqobo-nje uma kunobufakazi bokuthi bake bathela esikhwameni sokunxephezela abasebenzi.

Futhi sisebenza ngokubambisana nomnyango weza mabhizini amancane kanye nokuthuthukiswa kwawo. Lolu uhlelo lukazwelonke, esizimisele ukuthi luqale kuwona lonyaka ophezulu. Imininingwane izothulwa Ekomidini lalendlu elibhekele izindaba zabasebenzi.

Lezinhlelo zokuqeqesha zibekelwe imali eyevile ezigidini ezingamakhulu amahlanu amaRandi, (R500million).

Ngenyanga edlule, ngibe nethuba lokuyovula isakhiwo sezempilo eWelkom, esinemibhede eyikhulu namashumi amabili esizosiza abasebenzi abesuke belashwa emva kokulimala noma ukuthola izifo emisebenzini.
Lesakhiwo, siqale ukusebenza ngenyanga edlule. Sizosiza kakhulu abasebenzi abasuke belimele, ukuthi bathole usizo oluseqophelweni eliphezulu, ukuze bakwazi ukusimama masishane, futhi bakwazi nokubuyela emisebenzini ngokushesha.

Lesikhungo sizophinde siqeqeshe abasebenzi emakhonweni amasha ukuze bakwazi ukungena kweminye imisebenzi uma, ngenxa yokulimala kwabo, bengeke besakwazi ukubuyela emisebenzini abebeyenza. Futhi nathi singumnyango, singakwazi ukubathatha ngokwethu abanye babo, sibafake ezikhungwini zethu ezibhekele abasebenzi abaphila nokukhubazeka okunhlobonhlobo.

Njengamanje simatasatasa senza/zichibiyelo zomthetho obheke izimpilo noku phepha kwabasebenzi emisebenzini. Lokhu sikwenza ngokuthi sekuyavama ukuthi abasebenzi zinsuku zonke betholakale sebelimele. Sizoqinisa izinhlelo futhi nomthetho uqine.

Futhi senza amalungiselelo okuchibiyela umthetho wokunxephezela abasebenzi uma belimala noma bethola izifo ngokwemisebenzi abayenzayo. Ngalomthetho sichibiyelo, sifuna ukuthi nabasebenzi basezindlini nabo basizakale uma bethola ukulimala noma izifo, ngenxa yemisebenzi abayenzayo.
Lokhu kungubufakazi bokuthi Uhulumeni ka-Khongolose, uyabakhathalela abasebenzi, ikakhulukazi labo abesebenza ezindaweni lapho ukuxhashazwa kwabo kume ngezinyawo, njengasezindlini nasemapulazini.

Injongo yethu-ke ukuthi sibe sesiwuthulile lomthetho-Sichibiyelo kuwona lonyaka ophezulu. Kanti-ke naso isikhwama sabalimala emisebenzini, sikhombisa inqubekela-phambili ekuxazululeni izinkinga ebezisikhungethe kuleminyaka eyedlule.

Ngiyafisa ukwazisa lendlu, ukuthi singumnyango sike savakashela emaplazini laphaya e Mpumalanga kanye nalapha e Western Cape. Mangisho-Ukuthi sivumelene nabasebenzi kanye nabaqashi ukuthi kuzofanele siba fundise ngemithetho yezabasebenzi ukuze bayazi kahle

Ukhomishana omusha wesikhwama, Umnumzana Mafata, usebeke isibopho sokukhokha izixhephezelo kulabo abasuke belimele nokukhokhela odokotela nezibhendlela, ezisuke zibelapha, kungakapheli izinyanga ezimbili befake izicelo zabo. Sonke sisishayela ihlombe lesinyathelo sika Khomishana.

Sihlalo Nendlu ehloniphekile, sizoqinisa isandla kakhulu kulabo abaqhubeka ngokungayishayi-ndiva imithetho yabasebenzi.
Kodwa labo baqashi abaqhubekayo nokwenza ushintsho olubonakalayo, sizoqhubeka nokubakhuthaza. Ondlebekazizwa, bona bazohlangana nezimbila zithutha, ziholwa emhlophe phambili.

Abahloli bethu bazophuma umkhankaso wokuzingela labo abayiziphula mthetho. Kubekwe izigidi ezingamakhulu amahlanu amaRandi (R500million) kulonyaka ukuze bakwazi ukuphakamisa izinga lokugcinwa kwemithetho. Siyabaxhwayisa-ke okhanda-limntshelo kwalo, ukuthi siyeza, futhi ngeke sihlabe umkhosi ukuthi siza nini, bayosibona sitheleka.

Sihlalo ohloniphekile, Yize isabelo sethu sezimali sehlile kulonyaka kunaleso esasiphiwe sona ngonyaka odlule, futhi sincane kakhulu uma siqhathaniswa nezinto okumele sizenze, sizozama ngakho konke okusemandleni ethu ukuthi izinhlelo zethu ziphumelele. Kuthiwa-ke kubongwa okuncane, kubongwe okukhulu.

Ngivumele Sihlalo ohloniphekile, ukuthi ngibonge Usihlalo kanye namalunga ahloniphekile eKomidi lalendlu elibhekele okuthinta abasebenzi, ngokusixhasa nokusinika umkhombandlela kuyoyonke imizamo esiyenzayo yokuthuthukisa lelizwe lethu. Ngivumele futhi ngibonge Usekela-Mphathiswa woMnyango, Inkosi Holomisa ngoxhaso nokubambisana nathi sonke, ukuze siphumelele kukho konke esikwenzayo.
 
Ngibonge nabaholi bezinhlangano zabaqashi, izinhlangano zabasebenzi kanye nezinhlangano zezakhamuzi ngokubambisana nathi kukho konke esithi makwenziwe. Ngidlulisa nokubonga ku-Mqondisi-Jikelele Womnyango nethimba lakhe. Ngithi kini nonke, Ukwanda kwaliwa umthakathi.

Ngibeka phambi kwelendlu uhlahlo-Mali loMnyango Wezabasenza luka 2016/17 – olungu 2.8 billion wama-Randi, ukuthi nilwamukele.

Uhulumeni kaKhongolose, Uhulumeni Wabantu.

Siyaqhuba!

Share this page

Similar categories to explore