President Jacob Zuma: Vulindlela Rural housing project

Inkulumo Kamongameli Wezwe Umhloniswa Umongameli Jacob Zuma emcimbini wokugubha ukwakhiwa kwezindlu, Taylors Halt, kumasipala Umgungundlovu District, Esifundazweni SaKwazulu-Natal

Mphathi wohlelo
Ngibingelele Isithunywa sika Ndunankulu weSifunda saKwaZulu-Natal, uMEC Sihle Zikalala kanye  neThimba  likaHulumeni weSifundazwe,
uNgqongqoshe kaZwelonke woMnyango weZindlu, uMama uLindiwe Sisulu
Ngibingelele Amakhosi kanye nezinduna ezikhona la,
Ngibingelele uMeya kaMasipala waseMgungundlovu
Abaholi bonke bezenkolo
Sanibonani nonke Mphakathi wakwaVulindlela namaphethelo!

Sanibonani!

Sijabule kakhulu ukuba nani la e Taylors, kwaVulindlela Ngaphuzulu kulomcimbi obaluleke kangaka wokuzobungaza ukwakhiwa kwezindlu eziyizigidigidi kusukela mhla uHulumeni wentando yeningi aphatha kulelizwe.

Usuku lwenjabulo namhlanje, ngoba sigubha umsebenzi omuhle osewenziwe uhulumeni, ebambisene nabantu.

Sigubha sijabulela ukuthi selokhu kwangena uhulumeni wabantu, obusa ngentando yeningi, uhulumeni usakhe izindlu ezevile ezigidini ezine. Sesakhe 4.3 million wezindlu.

Igalelo elikhulu kakhulu leli elikhombisa ukuthi uhulumeni uyayibona lenkinga ebhekene nabantu bakithi, yokwesela izindlu.

Abantu asebehlomulile kulokukwakhiwa kwezindlu balinganiselwa ku 20 million, uma ubala ukuthi indlu iyinye ihlala abantu abangaki.

Sikhethe ukuza la kwaVulindlela ngoba muhle kakhulu umsebenzi owenziwa la wokwakha izindlu.

iVulindlela Rural People’s Housing Process Project ingezinye zezinhlelo ezibalulekile zika Hulumeni zokwakhela abantu izindlu.

Ngithanda ukubala nje kancane okubalulekile ngaloluhlelo lwezindlu lwalapha kwaVulindlela.

Laba abahlomulayo ngezindlu bazibambele mathupha Futhi bazithathela bona izinqumo ngohlobo lwezindlu ezakhiwayo, nokuthi ekugcineni kwakhiwe indlu enjani, ebukeka kanjani.

Umuntu nomndeni ohlomula ngalezizindlu uyakwazi futhi nokubamba iqhaza ekwakhiweni kwendlu yabo, bezakhela bona.

Ngaloluhlelo lukaHulumeni sifuna ukwakha imiphakathi ebumbene kakhulu nenohlonze ekwazi ukubambisana noHulumeni ekwakheni imiphakathi eqinile.

Ngaloluhlelo lukaHulumeni sizimisele ukwakha izindlu ezingcono ngokubambisana ikakhulu nemindeni kanye nemiphakathi ekwenzeni impilo engcono.

Okubaluleke kakhulu ukuthi ukwakhiwa kwezindlu akwenziwa emalokishini kuphela. Uhulumeni uyazakha izindlu nasezindaweni zasemakhaya.

Sibonga kakhulu kubantu base-Ningizimu Afrika ngoba ukubambisana okuhle osekwenze safika kuleliqophelo lezindlu ezingu 4.3 million esezakhiwe.

UHulumeni wethu uzoqhubeka usebenze ngokuzikhandla ukuletha intuthuko kuzozonke izindawo lapho kuhlala khona abantu bakithi.

Sizoqhubeka nokwaka izindlu, silethe amanzi nogesi kanye nentuthuko yengqala sizinda koMasipala baseMakhaya, sisebenzisana ngokubambisana nabantu bonke.

Siyaziqhenya kakhulu ngalomsebenzi omuhle kangaka kaHulumeni.

Ngokubambisana noHulumeni waseMakhaya kanye noweSifundazwe, sinethemba lokuthi ngonyaka ka 2019 uma kuphela isigamu salombuso, sizobe sesakhe izindlu eziyizigidi eziyisithupha, six million houses.

Sizimisele ngokwakha izindlu ezinesizotha lapho abantu bezokwazi ukuziqhenya ngophahla emakhanda olwakhiwe uHulumeni.

Mphakathi wase Taylors,

Sifisa ukusho ukuthi loluhlelo luka Hulumeni luyingxenye yoMhlahlandlela oMkhulu kaZwelonke esiwubiza ngokuthi National Development Plan (NDP), egcizelela kakhulu ukusebenzisana nemiphakathi ukuletha izinguquko nempilo engcono kubo bonke abantu base Ningizimu Afrika.

Loluhlelo lwe PHP lunemihlomulo emikhulu emiphakathini Yethu, ikakhulukazi ekuletheni amathuba omsebenzi kanye nokusebenzisana ngokubambisana noHulumeni wethu.

Lokhu kwenza imiphakathi enohlonzo, eqinile nenenqubekela phambili.

Loluhlelo lwenza Futhi ukuthi imiphakathi Yethu ibe ngabaholi bentuthuko yabo.

Bakwethu siyaziqhenya ngaloluhlelo lokwakha iPHP lwalapha kwaVulindlela.

Sengizwile Futhi nokuthi selokhu kwaqala loluhlelo la, ngonyaka ka 2011, ziningi izinto ezinhle ezize naloluhlelo ezifana nokuthuthuka kwezomnotho walendawo.

Loluhlelo selulethele abantu bakithi imisebenzi, amakhono okwakha, kanti futhi abantu bakulendawo bayaziqhenya kakhulu namhlanje ngomphakathi wabo ababeneqhaza elikhulu ekuwakheni.

Lokhu sekusize kakhulu ekwakheni ubuholi emphakathini kwaphinda kwakhuphula nezinga lokubamba iqhaza kwabantu ekuthuthukiseni izimpilo zabo.

SinguHulumeni siyakubonga Futhi siyakugqugquzela kakhulu lokubambisana komphakathi okuyisimanga kangaka.

Siyazibonela nokuthi ingqalasizinda yalomphakathi isingcono kakhulu kunakuqala, ngenxa yaloluhlelo.

Siyaziqhenya kakhulu ngokuthi loluhlelo luyisibonelo sempumelelo yentando yeningi, eholwa ngabantu uqobo lwabo, ngaphandle kokutshelwa nguHulumeni ukuthi bazithuthukise kanjani.

Bakwethu,

Sibonga kwiNgonyama Trust ngoba yonke lentuthuko esihlangene ngayo la namhlanje yenzeka kumhlaba wayo.

Sibonge noHulumeni weSifundazwe sakwaZulu-Natal okuyiwona oxhasa ngokwezimali loluhlelo lokwakhiwa kwezindlu.

Sibonge Futhi noMkhandlu wobukhosi bendabuko kulendawo, i Vulindlela Traditional Council, Amakhosi womahlanu akulendawo, kanye namaKhansela amele zonke izigceme (wards) eziyisishiyagalolunye (9) zakulendawo ngokubambisana ukuze kulethelwe abantu intuthuko okuyiyonanto ebalulekile abantu bakithi abashoda ngayo.

UHulumeni kaZwelonke kanye noweSifunda saKwaZulu-Natal uqoke lendawo yaka Vulindlela ukuthi ibe yisizinda sentuthuko, phecelezi a high priority area.

Njengo Hulumeni kaZwelonke sifuna ukubona intuthuko iyaphambili kulendawo yase Vulindlela.

Sithi sifuna ukubona intuthuko kuzozonke lezindawo eziseNtshonalanga noMgungundlovu, ukusuka e-Edendale ukuyofika e- Elandskop, sifuna ukubona impilo yabantu ishintsha, abantu babe nezindlu, imigwago emihle, imitholampilo, izikole, futhi babe nemisebenzi.

Asithandi uma sibona abantu bakithi bewelwa izindlu zodaka uma kuna izimvula, abanye behleli ezindlini eziyimijondolo. Sifuna kuphele lokho.

Sifuna ukubona izinto ziguquka ngokushesha kuwo wonke lamaWards anjengo Ward 3, 4 and 8 esekuthathwe isinqumo sokuthi kumele abe ngezinye zezindawa ezilethelwa impucuko.

Sinethemba kakhulu ukuthi ngonyaka ka 2018 sizoyifeza inhloso kaHulumeni yokwakha izindlu eziyizinkulungwane ezinga mashumi amabili nanhlanu (25 000 PHP units) ezigcemneni eziyisishagalolunye la e Vulindlela.

Mangigcizelele ngenkulu intokozo, ukuthi uhulumeni uzofaka imali ezingaphezu kwezinkulungwane ezimbile, okwenza iVulindlela ibe eyokuqala ezweni lonke ukuthola isabelo esingaka kuHulumeni ngaloluhlelo lwe PHP.

Bakwethu asiphinde futhi siphakamise ukubonga kakhulu ukuthi loluhlelo lukaHulumeni lwama cooperatives lusebenza kahle kakhulu la eVulindlela.

Sizwile futhi nokuthi ayishumi nantathu (13) ama cooperatives akhiwe ngenxa yaloluhlelo, okunikeze abantu abaningi amathuba omsebenzi.

Lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi uma sisebenza Sonke ngokubambisana noHulumeni, sizophumelela.

Siyajabula kakhulu ngalenqubekela phambili!

Sizoqhubeka sakhe. Sizoqhubeka siphucule izimpilo zabantu.

Sizoqhubeka sense izindawo ezihlala abantu zibengcono, futhi baphile impilo enesithunzi.

Ningakhohlwa ukuthi lohulumeni, uhulumeni onozwelo kakhulu. Yingakho nje ukhipha nezibonelelo kwabantulayo.

Sebesondele ku 17 million manje abantu abathola izibonelelo. Abaningi kubona izingane eziphuma emakhaya antulayo kanye nezintandane.

Lohulumeni futhi usunezikolo eziningi lapho izingane zingakhokhi khona uma imali ingekho emakhaya, ama-No Fee Schools. Zilinganiselwa ku nine million, izigidi eziyisishiyagalolunye.

Izingane ezinikwa ukudla mahhala futhi ezikoleni ukuze zifunde kahle zingakhinyabezwa indlala. Uhulumeni obathandayo abantu lo, onozwelo kakhulu.

Uhulumeni owenza izinto ezibonakalayo.

Siyaqhuba, asimile! Asidlali.

Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi sizimisele ukuletha ushintsho nentuthuko ebantwini.

Sibonga bonke abantu abasebenzisana naloluhlelo ukuthuthukisa umphakathi nendawo yase Vulindlela nokwenza loluhlelo lube yimpumelelo enkulu.

Mangethembe ke ukuthi sizoqhubeka nokubambisana sonke ukuze sakhe izwe elisimeme, elinokuthula noxolo, impucuzeko kanye nenqubekela phambili.

Njengoba ngishilo ekuqaleni siyagubha sihalalisa kuzwelonke futhi, ukwakhiwa kwezindlu eziyizigidi ezine nezinkulungwane ezintathu, 4.3 million, selokhu kwangena uhulumeni wentando yeningi, uhulumeni wabantu.

Siyanibonga ngokweseka uhulumeni okuyikhona okwenze ukuthi loluhlelo luphumelele.

Siyabonga kakhulu ukuba nani lapha eMgungundlovu.

Nikhule njalo, nibambisane nohulumeni ngaso sonke isikhathi, ukuthi intuthuko nempilo engcono ifinyelele yonke indawo.

Ngiyabonga, nibe nosuku oluhle.

Issued by
More from
More on

Share this page

Similar categories to explore