Inkulumo Echaza Isimo Sezwe Ithulwa Ngumhlonishwa Jacob G Zuma, uMongameli WeRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika, ngenkathi Kuhleli Ngokuhlanganyela iZindlu zePhalamende Zombili, eKapa

10 Feb 2011

Somlomo Ohloniphekile weSigungu Sikazwelonke,
Sihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP),
Iphini LikaSomlomo weSigungu Sikazwelonke kanye Nephini likaSihlalo we-NCOP,
Iphini likaMongameli WeRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika, Umhlonishwa Kgalema Motlanthe,
Umongameli Waphambilini uThabo Mbeki,
Iphini likaMongameli Waphambilini u-FW de Klerk,
Iphini likaMongameli Waphambilini uBaleka Mbete,
Umhlonishwa Ijaji Eliyinhloko leRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika, kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile Ezobulungiswa,
Ondunankulu abahloniphekile kanye noSomlomo bezifundazwe zethu,
Usihlalo weSalga, kanye nabo bonke ubuholi bohulumeni basekhaya,
Usihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko; izinhloko Zezikhungo Zikahulumeni Ezeseka Intando Yeningi, uMphathi Webhangengodla, u-Gill Marcus,
Izinhloko zezikhungo zokuvikeleka kwezwe,
Abaholi bemikhakha yonke ? yezabasebenzi, ezamabhizinisi, ezemidlalo kanye nabaholi bezenkolo,
Amalungu ezigungu zamanxusa,
Abacosheli bezindaba baseNingizimu Afrika kanye nabakwamanye amazwe,
Zakhamizi zaseNingizimu Afrika.

Dumelang, good evening, goeienaand, molweni, thobela.

Ngithanda ukudlulisa amagama okubonga Mhlonishwa uSomlomo weSigungu Sikazwelonke kanye noMhlonishwa uSihlalo we-NCOP ngaleli thuba eningiphe lona lokuthi ngikhulume nabantu baseNingizimu Afrika kanye nezivakashi ezivela kwamanye amazwe ngenhloso yokubuyekeza lokho esesikwenzile futhi sibheke Nohlelo lwethu Lokusebenza lwalo nyaka.

Nakulo nyaka nginxuse ukuthi lokhu Kuhlala Ngokuhlanganyela KweZindlu ZePhalamende Zombili kube kusihlwa ukuze bonke abantu, kubandakanya abafundi nabasebenzi, bazizwele uhulumeni wabo ekhuluma ngezinto ezithinta izimpilo zabo.

Siyabonga kwizikhulu ezengamele ngokusinikeza leli thuba.

Egameni likahulumeni, ngifisa futhi ukwamukela amaLungu Ephalamende njengoba esebuyile kuleli dolobha laseKapa elihle kangaka.

Sithanda ukubonga bonke abantu baseNingizimu Afrika abafake isandla kule Nkulumo Echaza Isimo Sezwe ngokusebenzisa imithombo yabezindaba, nezithangamu zokuxhumana komphakathi ezinjenge-Facebook ne-Twitter, kanye nalabo abaxhumane nathi ngqo.

Imibono yenu ibewusizo olukhulu.

Kusasa kuzobe sekudlule iminyaka engama-21 akhululwa ejele uMongameli wethu esimthanda kakhulu u-Nelson Mandela.

Lowo kwaba umzuzu oyingqophamlando futhi okhethekile kakhulu ezweni lethu, owakhombisa ukunqoba kwabantu bethu benqoba inqubo yokubusa ngobundlovu kayiphikiswa nengcindezelo yobandlululo.

Izigameko zalolo suku zalungiselela ukufezekiswa kombono wethu weNingizimu Afrika ekhululekile, engacwasi ngobuhlanga, engacwasi ngobulili, ebusa ngentando yeningi, eyimbumba futhi ephumelelayo.

Singene kunyaka we-17 sathola inkululeko, sikulungele ukuqhubeka nomshikashika wokwenza iNingizimu Afrika ibe yizwe elichumile futhi eliphumelelayo, sakhela phezu kwesisekelo esabekwa nguMongameli Mandela.

Njengoba sigubha lesi sigameko esiyingqophamlando, sifisa ukudlulisa izilokotho ezinhle kuMadiba kanye nomndeni wakhe ezivela esizweni, futhi simfisela ukululama okusheshayo.

Bantu bakithi,

Kumele samukele iqiniso lokuthi uMongameli Mandela, othandwa yithina sonke, abancane nabadala, abesilisa nabesifazane, abamnyama nabamhlophe, iminyaka yakhe isihambile impela.

Kuzokwenzeka ukuthi ngezikhathi ezithile avakashele kwizikhungo zezempilo ukuze ayohlolwa, futhi lokho kuyinto ejwayelekile kumuntu oneminyaka elingana neyakhe.

Kumele simnike ithuba lokuthi lokho akwenze ngesithunzi, futhi kumele sinikeze umndeni wakhe kanye nethimba lodokotela bakhe ithuba lokuthi basinakekelele yena ngaphandle kokuthikanyezwa.

Le nhlonipho yinto okumele nakanjani simnikeze yona ikakhulu uma sibheka uthando alukhombisile lokuthanda leli lizwe nabantu balo, kanye negalelo lakhe eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.

Sibonga umndeni wakhe, Inhlangano Yesikhwama sika-Nelson Mandelakanye nethimba lodokotela bakhe ngomsebenzi oncomekayo abawenzayo wokunakekela leli qhawe elidume umhlaba wonke, esiziqhenyayo ngokulibiza ngokuthi yiqhawe lethu.

-Sifisa ukunikeza isizwe isiqiniseko sokuthi uMadiba uthola ukwelashwa nokunakekelwa okusezingeni eliphezulu, futhi uthokomele.

NGOKUSEBENZISANA SESIZUZE OKUNINGI

Bantu bakithi,

Siyaqhubeka nokwenza inqubekelaphambili ebonakalayo njengoba simatasatasa sisebenzela ukuba nomphakathi ophumelelayo. Isisekelo sezombusazwe siqinile.

Sikwazile ukwakha umbuso wentando yeningi osekelwe phezu koMthethosisekelo osebenza ngokuphelele futhi onohlonze.

Sinezikhungo ezeseka intando yeningi eziqinile futhi ezivikela amalungelo ezakhamizi zethu, okuyizikhungo ezinjengeHhovisi loMvikeli Womphakathi, iKhomishana Yamalungelo Esintu yaseNingizimu Afrika, iHhovisi loMcwaningimabhuku Omkhulu, iKhomishana Yokuvikela Amalungelo Amasiko, Ezenkolo Nezilimi Emiphakathini Eyahlukene kanye neKhomishana Yezobulili.

Siyaqhubeka nokubamba ukhetho lukazwelonke ngempumelelo enkulu njalo emva kweminyaka emihlanu ukunikeza abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuzikhethela uhulumeni othandwa yibona, futhi lolu khetho lulawulwa yiKhomishana Yokhetho Ezimele eyenza umsebenzi osezingeni eliphezulu.

SinePhalamende elinohlonze futhi elenza isiqiniseko sokuthi iKhabhinethi iphendula ngendlela efanele.

SinoPhiko Lwezobulungiswa oluzimele, olungumlamuli othembekile futhi othatha izinqumo ezingujuqu mayelana nayo yonke imibango ekhona emiphakathini yethu. Sinabacosheli bezindaba abanelungelo lokusebenza ngenkululeko futhi lelo yilungelo eliqinisekiswe uMthethosisekelo.

Mayelana nezidingongqangi zomphakathi,ikhona inqubekelaphambili ebonakalayo esiyenzayo. Inani labantu abafakelwe amanzi emakhaya ngonyaka odlule lengezwe ngezi-400 000. Izindawo ezingamaphesenti angama-81 zakuleli lizwe sezifakeliwe ugesi uma kuqhathaniswa nezindawo ezingamaphesenti angama-63 ebezinogesi ngonyaka wezi-2000.

Izibalo zobugebengu zikhombisa ukwehla kwezinga lezinhlobo eziningi zobugebengu, ikakhulu ukubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukugqekeza emakhaya nokubanjwa inkuzi kwamabhizinisi kanye nobugebengu obuthinta isiqu somuntu ngqo, isibonelo, izinga lokubulawa kwabantu lehle ngo-8,6% ngonyaka odlule.

Ukhona umehluko esiwenzayo kwezemfundo, futhi lokho kufakazelwa ukukhuphuka okukhulu kwezinga lokuphumelela kwabafundi ababhale ukuhlolwa kukamatikuletsheni ngonyaka odlule, kanye nentshisekelo yokufunda ekhonjiswe yintsha ezweni lonkana.

Malungu ahloniphekile,

Kunabantu baseNingizimu Afrika abalinganiselwa kwizigidi eziyi-15 abahlinzekwa wuMbuso ngezibonelelo zomphakathi. Sizosandisa kancane kancane isibonelelo Semali Eyisondlo Sezingane ukuze sibhekelele nalezo zingane ezingaphansi kweminyaka eyi-18 okumele zihlomule kusona.

Njengoba sifuna ukwakha umbuso othuthukayo, hhayi umbuso wezenhlalakahle oncike kwizibonelelo zikahulumeni, sizoqinisekisa ukuthi izibonelelo zikahulumeni zixhumene nesimo somnotho kanye nentuthuko yomphakathi, ukuze labo abondliwa uhulumeni okwesikhashana bagcine sebezimele futhi bezondla bona esikhathini esizayo.

Malungu ahloniphekile,

Sithokoze kakhulu ngokusebenza komkhakha wethu wezezimali.

Lo mkhakha ukwazile ukuzabalaza ngendlela emangalisayo ngenkathi kukhona inkinga yezezimali esikhathini esedlule kanye nokufadalala komnotho emhlabeni jikelele.

Ukushoda kweSabelomali kulindeleke ukuthi kwehle kusuka lapho kume khona njengamanje ku-6,7% kufinyelele ku-3% no-4%ngonyaka wezi-2013.

Ukukhathazeka okukhona mayelana namandla erandi kufakelwa izibuko.

Seziqalile ukusebenza izinguquko zokulawulwa kwemali yakwamanye amazwe esetshenziswa ngaphakathi kuleli lizwe ezamenyezelwa ngonyaka odlule Kwisitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi. Eminye imininingwane mayelana nalokhu izokwethulwa uNgqongqoshe Wezezimali kwiNkulumo Yesabelomali.

Ngaphandle kwamathandabuzo, Indebe Yomhlaba Kanobhutshuzwayo yeFIFA yowezi-2010 yaba wumklamo omuhle kunayo yonke ngonyaka wezi-2010.

Mayelana nezomhlaba, kuyintokozo enkulu kithina ukuthi sibe yingxenye yombimbi lwamazwe angamadlelandawonye i-Brazil-Russia-India-China-South Africa (BRICS). Lolu wumbimbi olubalulekile lwamazwe aneminotho esafufusa. Sesiwulindele ngamehlo abomvu umhlangano we-BRICS wokuqala ozobanjwa ngoMbasa kwelaseShayina.

Sesingenile esihlalweni sethu sesikhashana kuMkhandlu Wezokuvikeleka weNhlangano Yezizwe, okuyisikhundla esizosisebenzisa ukugqugquzela i-Ajenda ye-Afrika kanye nezokuphepha nokuvikeleka e-Afrika nasemhlabeni wonke jikelele.

Sesihambe ibanga elide impela. Kuningi esesikwenzile, kodwa zisekhona izinselelo.

Ngokusebenzisana sizokwazi ukwenza okukhulu kunalokhu.

UKWAKHA UMPHAKATHI OPHUMELELA KAKHULU KUNAKUQALA

Bantu bakithi,

Nakuba kunabantu baseNingizimu Afrika abaningi ababhiyozela ukuhlinzekwa ngezindlu, ugesi noma amanzi, kunabanye abaningi abasalindile.

Ukhondolo lweminyaka engamashumishumi yokuswelakala kwentuthuko ngenxa yobandlululo kanye nengcindezelo yokubuswa ngabezizwe akuyona into engaqedwa ngeminyaka eyi-17 nje kuphela.

Kodwa-ke siqhubekela phambili ngomdlandla futhi sizimisele ukufezekisa umsebenzi esiphokophele ukuwenza wokwakha impilo engcono kumuntu wonke.

Futhi lokho sizokwenza ngokulekelelwa abantu bethu. Siyayithokozela imibono yenu eniqhubeka ngokusinika yona mayelana nendlela esisebenza ngayo.

UBongokuhle Miya wabhala ekhasini leHhovisi likaMongameli ku-Facebook ukuthi idolobha langakubo, Umzimkhulu, lisesimweni esingagculisi neze, yonke indawo amaphayiphi athutha indle ayavuza, alukho uhlelo lokulawula amanzi futhi imfuyo iwuvanzi edolobheni lonke.

Ubhala athi: Uma nje Uhulumeni, osasebenza kahle kakhulu kuze kube manje, engazama ukufakela izibuko izindawo ezifana nalezi futhi azinikeze usizo ngokushesha.

Nathi sivumelana nalokho akushoyo ukuthi ukuhlinzekwa komphakathi ngezidingongqangi kumele kusheshiswe kakhulu kunakuqala.

Uhulumeni wethu okwaziyo ukuxhumana nabantu uyaluthola futhi ulwazi ngokuxhumana ngqo nabantu.

Ngonyaka odlule, sivakashele izindawo zasemakhaya eziningi kanye namalokishi nezindawo ezihlala labo abadla izambane likapondo. Umlayezo wabo uyafana.

Bayayithokozela inqubekelaphambili eseyenziwe, bacela ukuhlinzekwa ngezidingongqangi ngokushesha futhi bayasho ukuthi bazimisele ukusebenzisana nohulumeni ukuze kwenziwe umsebenzi othe xaxa.

Uma sibheka umsebenzi osasihlalele, ngonyaka wezi-2009 sathatha isinqumo sokugxila ezintweni ezinhlanu ezibekwe eqhulwini. Lokhu yimfundo, ezempilo, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kanye nokuletha uguquko kwezolimo, ukuqhubekela phambili nempi yokulwisana nobugebengu, kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi osezingeni elifanele.

Sisebenze kahle kulezi zinto ezibekwe eqhulwini.

Kepha-ke, iyasikhathaza indaba yokuthi ukuswelakala kwamathuba emisebenzi kanye nobubha kusadlangile nakuba kube nokukhula komnotho kule minyaka eyishumi edlulile.

Ngenhloso yokubhekana ngqo nalesi simo esibangela ukukhathazeka okukhulu, sesimemezele unyaka wezi-2011 njengonyaka wokuvulwa kwamathuba emisebenzi ngokuletha uguquko lwezomnotho oluphusile kanye nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu.

Sesisungule uhlelo lomnotho olubizwa ngokuthi Uhlelo Olusha Lokukhulisa Umnotho oluzoba umhlahlandlela wendlela esizosebenza ngayo ukufezekisa lezi zinjongo, sisebenzela phezu kwesisekelo sokuthi ukuvulwa kwamathuba omsebenzi osezingeni elifanele kuwumgogodla wezinqubomgomo zethu zezomnotho.

Sinxusa imikhakha yonke kanye nawo wonke amabhizinisi, kungakhathalekile ubungako bawo, ukuthi agxile ekuvuleni amathuba emisebenzi. Nanoma iliphi igalelo libalulekile kulo mkhankaso kazwelonke.

Ngifuna ukuthi halamuzi kafushane nje ngoHlelo lwethu Lokusebenza.

Ongqonggoshe yibona abazomemezela amanani abazibekele wona mayelana namathuba emisebenzi azokuvulwa emkhakheni ngamunye futhi bazonikeza imininingwane ethe xaxa ngomkhakha oqondene nabo futhi lokhu bazokwenza kwizinkulumo zabo zamaVoti Esabelomali.

Yonke iminyango kahulumeni izokwenza izinhlelo zayo zihambelane nombhidlango wokuvulwa kwamathuba emisebenzi.

Ohulumeni bezifundazwe kanye nabezindawo zasemakhaya nabo banxusiwe ukuthi basebenzele kuloku okuhlosiwe.

Izinhlelo zamabhizinisi kahulumeni kanye nezezikhungo ezixhasa ngezimali zentuthuko nazo kumele zihambelane ikakhulu nenhloso yokuvulwa kwamathuba emisebenzi.

Malungu ahloniphekile,

Ucwaningo lukhombisile ukuthi sizokwazi ukuvula amathuba emisebenzi emikhakheni ebekwe eqhulwini eyisithupha. Le mikhakha owezokuthuthukiswa kwengqalasizinda, owezolimo, owezokumbiwa phansi nezinhlelo zokuhlomuliswa kwabantu, owokukhiqiza, owezomnotho obhekelela imvelo, kanye nowezokuvakasha.

Ngeke sikwazi ukuvula la mathuba emisebenzi uma sisebenza sodwa. Kumele sibambisane nabamabhizinisi, abasebenzi kanye nezizinda zemiphakathi.

Sesibonile ukuthi kuba nempumelelo engcono uma sisebenzisana.

Isibonelo esihle salokhu yithimba likaMongameli Elasungulelwa Ukuthola Ikhambi Lokubhekana Nenkinga Yokufadalala Komnotho Emhlabeni, elibandakanya uhulumeni, abamabhizinisi, abasebenzi kanye nemikhakha yomphakathi.

Enye yezinto ezibalulekile ezenziwe yileli thimba, ukuthi iNingizimu Afrika yethule uhlelo lwayo olungolokuqala ngqa emlandweni olwenzelwe ukuqeqesha abasebenzi emakhonweni athile esikhundleni sokubadiliza emsebenzini.

Okunye okwenziwe ukungenelela kulesi simo kubandakanya ukuxhasa ngezimali izinkampani ezibhekene nezinkinga, okuwuhlelo olusindise imisebenzi elinganiselwa kwizi-7 000. Sibonga siyanconcoza kuleli thimba ngomsebenzi walo oncomekayo, futhi silindele ukuthi kuqhubeke lokhu kubambisana.

Nakuba sibheke ikakhulu umkhakha wezimboni ezizimele ukuthi usilekelele ukuze sikwazi ukuvula amathuba emisebenzi amaningi, noma kanjani uhulumeni nawo uzoyidlala indima yawo.

Kuyintokozo ukuthi simemezele ukusungulwa kwesikhwama esizogqugquzela ukuvulwa kwamathuba emisebenzi esiyizigidigidi zamarandi eziyisishiyagalolunye kule minyaka emithathu ezayo esizoxhasa ngezimali izinhlelo ezintsha zokuvulwa kwamathuba emisebenzi.

Ngaphezu kwalokho, Isikhungo Sokuthuthukiswa Kwezimboni (IDC) sesibeke eceleni isamba samarandi esiyizigidigidi eziyishumi kuleminyaka emihlanu ezayo ukuze kutshalwe izimali kulezo zinhlelo zomnotho ezisesimweni sokuvula amathuba emisebenzi amaningi.

Kuyintokozo futhi Malungu Ahloniphekile, ukuthi ngimemezele izibonelelo zentela noma izaphulelo zentela zenani eliyizigidigidi zamarandi ezingama-20 ukuze kugqugquzelwe ukutshalwa kwezimali, kanye nokwelula nokukhulisa umkhakha wezokukhiqiza.

Ukuze umklamo ube sethubeni lokuthola lezi zibonelelo zentela, kumele kube wumklamo okuzotshalwa kuwona imali elinganiselwa kwizigidi zamarandi ezingama-200 uma kuwumklamo omusha, futhi uma kuwumklamo owelulwayo noma okhuliswayo kumele kutshalwe imali eyizigidi zamarandi ezingama-30.

Lolu hlelo luzohlinzeka izibonelelo zentela ezingafinyelela kwisamba samarandi esiyizigidi ezingama-900 okuzoba yizaphulelo zentela kubatshali bezimali abasha futhi kuzoba nezaphulelo ezingafinyelela kwizigidi zamarandi ezingama-550 kubatshali bezimali abelula futhi bakhulise amabhizinisi abo.

Bantu bakithi,

Umkhakha wamabhizinisi amancane wumkhakha obalulekile embhidlangweni wokuvulwa kwamathuba emisebenzi.

Sizoqhubeka nokuhlinzeka amabhizinisi amancane nasafufusa (SMMEs), abalimi abancane kanye nemifelandawonye ngosizo lwezimali kanti futhi bazonikezwa nosizo olungaphathelene nezimali.

Kumele sinciphise izindleko zokulawula ibhizinisi, sigweme ukuphindaphindeka futhi sixhase amabhizinisi amancane ngezinsiza ezithe xaxa.

Ngakho-ke sicabanga ukuhlanganisa izikhungo ezinjenge Khula, Isikhwama saseNingizimu Afrika Sokuxhasa Osomabhizinisi Abasafufusa Ngezimaline-IDC ezixhasa amabhizinisi amancane ngezimali, ukuze zibe yisikhungo esisodwa.

Uqhubeka kahle umkhankaso wokukhokhela ama-SMME ngesikhathi esifanele, kungakapheli izinsuku ezingama-30.

Inombolo yocingo yoMnyango Wezohwebo Nezimboni eyasungulelwa ukuphendula imibuzo ephathelene nenkokhelo yamukele izingcingo ezingama-20 000 ngonyaka wezimali odlule, futhi ngenxa yalezi zingcingo ezamukelwa wumnyango kwenziwa amalungiselelo okukhokha imali ekweletwayo eyizigidi zamarandi ezingama-210.

Eminye iminyango nayo isisungule ezayo izinhlelo zalolu hlobo, isibonelo, uhlelo loMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi olubizwa ngokuthiyi-Re Ya Patala (Siyakhokha).

Siyaqhubeka nokwenza izinguquko zomthetho ukuze kube lula ukubhalisa amabhizinisi futhi sifuna ukuqinisa uMthetho Wezokuncintisana ukuze osomabhizinisi abasha nabo bakwazi ukwenza ibhizinisi.

Malungu ahloniphekile,

Izimbiwa zezwe lethu ziwumcebo wezwe futhi ziyinto eyigugu okungeyabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, uhulumeni unikezwe umsebenzi wokuba umgcini walo mcebo.

INingizimu Afrika inomcebo ombiwa phansi omningi, futhi njengamanje lo mcebo ulinganiselwa ku- 2,5 wezigidigidikazizamadola aseMelika.

Ngonyaka wezi-2009, imboni yezokumbiwa phansi yafaka ngaphezukwamaphesenti angama-30 emalini engenayo ezweni lethu ngenxa yokudayiswa kwezimpahla emazweni angaphandle, futhi le mboni beyiqashe amaphesenti angu-2,9% abantu abasesigabeni sokusebenza futhi abanegalelo kwezomnotho wezwe.

Izilinganiso zikhombisa ukuthi ukumbiwa kwezimbiwa zethu kulindeleke ukuthi kuqhubeke isikhathi esingaphezu kweminyaka eyikhulu ezayo.

Ukuze kuqhutshekwe nokuthola imihlomulo yale mboni, uhulumeni usesungule inkampani ebizwa ngokuthi yiNkampani yaseAfrika Yezimbiwa nokuXhasa Ngezimali okuyinkampani yezimbiwa yoMbuso ezosebenza emkhakheni wezokumbiwa phansi ngenhloso yokufezekisa izinhloso ezithile zentuthuko.

Enye into uhulumeni ayibeke eqhulwini kulo nyaka ukuphothula kanye nokwamukela isu lokuhlomulisa abantu ngokusebenzisa izimbiwa njengenqubomgomo kahulumeni esemthethweni, ukuze siqale ukuthola ngokuphelele imihlomulo yezimbiwa zethu.

Bantu bakithi,

Kwezokuxhumana, sizibophezele ekuguquleni isiginali kamabonakude wethu kanye neyomsakazo isuka kwi-analogi iya kwisiginali esebenzisa ubuxhakaxhaka besimanjemanje, okuzokwenza ukuthi kutholakale izithombe zikamabonakude ezicace bha kanye nomsindo oseqophelweni eliphezulu.

Ngesikhathi sokwenza lolu guquko kuzovuleka amathuba emisebenzi emkhakheni wezokukhiqiza, wezokupakisha, wezokwaba kanye nowezokuxhuma imishini ezosetshenziswa ukuthola le siginali.

Somlomo Ohloniphekile noSihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe,

Siyayithokozela impumelelo yomkhakha wethu wezokuvakasha, ikakhulu njengoba izivakashi eziyi-16 zakha ithuba lomsebenzi owodwa ezweni lethu.

Zingaphezu kwezigidi ezingu -7,3 izivakashi ezifike eNingizimu Afrika ngonyaka odlule, uma kuqhathaniswa nezivakashi eziyizigidi ezingu- 6,3ngonyaka wezi-2009. Ukuze siqhubekisele phambili ukukhula kwale mboni sizoqinisa izimakethe ezikhona njengamanje bese futhi sizama ukuthola ezinye izimakethe emazweni eminotho esafufusa.

Izwe lethu futhi liyaqhubeka nokuba yizwe elidume kakhulu njengezwe okubanjelwa kulona imibuthano yamazwe omhlaba.

NgoNtulikazi sizosingatha umbuthano wezemidlalo wezinga eliphezulu, Ethekwini, Umbuthano Ongukhukhulelangoqo we-123 Wekomidi Lomhlaba Lezama-Olimpiki (IOC).

Siyayibonga i-IOC ukuthi isinikeze ithuba lokusingatha le ngqungquthela ebaluleke kangaka.

Kunemihlangano nezingqungquthela ezingama-95 esizisingathile futhi ezinye zazo esisazozisingatha phakathi konyaka wezi-2010 kanye nowezi-2016.

Ukuze sigqugquzele ukudlondlobala kwemboni yethu yezokuvakasha, phakathi kweminye imizamo esizoyenza, sizobheka ukuthi ngeke yini sikwazi ukuxegisa izidingo zemigomo yokungena kwabantu bakwamanye amazwe emingceleni yaleli lizwe, sizame nokuthola izimo ezingcono zokungena kwamabhanoyi ethu kwizikhumulo zezindiza zakwamanye amazwe futhi siphucule nengqalasizinda yezokuvakasha.

Okunye esizokwenza okuxhumene nezokuvakasha ukuthi sizoqhubeka ukuthuthukisa umkhakha wezimboni zezamasiko, okuwumkhakha ofaka imali elinganiselwa kwizigidigidi ezimbili zamarandi kwisamba somkhiqizo wasekhaya.

Sikubonile futhi ukubaluleka kwemicimbi efana neKhonsathi Yomhlaba YaseKapa Yomculo we-Jazz, engenise imali engaphezu kwezigidi zamarandi ezingama-475 emnothweni Wedolobha laseKapa futhi yavula amathuba emisebenzi ayizi-2 000 ngonyaka wezi-2010.

Sifisa futhi ukubalula umbukiso odume khakhulu i-Cape Minstrels Carnival, owenza leli dolobha liqhakaze minyaka yonke mhlazi-2 kuMasingana, ngenkathi kugujwa ukukhululwa kwezigqila.

Malungu ahloniphekile,

Uhlelo lwethu lokuthuthukiswa kwengqalasizinda lwenza ukuthi sikwazi ukwandisa ukutholakala kwezidingongqangi futhi kwenziwe ngcono nezinga lempilo.

Lokhu kubandakanya imiklamo enjengokuhlinzekwa kwamanzi, ugesi kanye nezindlu.

Ukutholakala kukagesi kubalulekile ekuthuthukiseni umnotho kanye nokuvulwa kwamathuba emisebenzi. Ukuze kuqinisekiswe ukutholakala kukagesi kuleli lizwe, inkampani yakwa-Eskom itshale imali engaphezu kwezigidigidi zamarandi ezingama-75, ikakhulu kwizikhungo eziphehla ugesi ezintsha i- Medupi, Kusile kanye ne-Ingula, futhi kuvulwe nezinye izikhungo eziphehla ugesi ebezingasasetshenziswa.

Kumele thina sonke siwonge ugesi ukuze singabuyeli emuva ohlelweni lokucinywa kukagesi ngezikhathi ezithile ngenhloso yokonga ugesi.

Kulo nyaka, sizoqala uhlelo lokuthenga ugesi kubakhiqizi abakhiqiza ugesi ovuselelekayo, okuyinto ekhombisa ukuzibophezela kwethu ekusebenziseni ugesi ovuselelekayo.

Malungu ahloniphekile,

Imboni yezokwakha yaziwa njengemboni ehamba phambili ekuvuleni amathuba emisebenzi. Kunabantu abayizigidi ezingu-1,2abahlala emijondolo eyizi-2 700 yaleli lizwe.

Uma kufika unyaka wezi-2014, kumele amakhaya angama-400 000 kula makhaya engiwabalile ngenhla abe esehlinzekwe ngezindlu futhi athole nezidingongqangi.

Sizokwenza ngcono futhi ukuhlinzekwa kwezindawo eziqashisayo ngoba abanye abantu abeza emadolobheni basuke bengazimisele ukuhlala lapho unomphela.

Lezi kuzoba yizindaba ezimnandi kwizakhamizi ezifana no-Portia Busisiwe Mrwetyana obhale ekhasini lethu le-Facebook ezikhalela ngokungalingani okukhona endaweni yase-Bekkersdal, lapho imijondolo, engazitholi izidingongqangi, yakhelene nendawo ehlala abantu abadla izambane likapondo ngaphesheya komgwaqo futhi abahlinzekwa ngazo zonke izidingongqangi zomphakathi.

Uyabuza uthi: Engifuna ukukwazi ukuthi kungani nisiphatha ngendlela engafani, kodwa sibe sininikeza ivoti elifanayo, KUNGANI?

Uhulumeni uzosebenzisa imali eyizigidigidi zamarandi angu-2,6 kulo nyaka ukuhlinzeka abantu ngamanzi. Ezinye zezindawo ezibekwe eqhulwini yisifundazwe saseLimpopo, KwaZulu-Natali kanye neMpumalanga Koloni lapho kusenabantu abaningi abangawatholi amanzi okuphuza aphephile, kodwa futhi ngeke sizikhohlwe nezinye izindawo.

Sizizwile izicelo zabantu abaningi abasibhalele benxusa uhulumeni ukuthi alungise imigodi emigwaqeni.

Uhlelo lwethu Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi (EPWP) luhlose ukuvula amathuba emisebenzi ayizigidi ezingu 4,5 futhi kunamathuba angaphezu kwesigidi avulekile kusukela ekuqaleni Komkhakha Wesibili walolu hlelo. Enye ingxenye yalolu hlelo igxile ekulungisweni kwemigwaqo yethu.

Abantu abaningi bakithi bathola ukusizakala kakhulu ngalo luhlelo lwamatoho emisebenzi kahulumeni.

Kutholakala amatoho okulungisa imigwaqo, ezemidlalo, ukufundisa abadala ukufunda nokubhala, ukugcina imigwaqo ihlanzekile.

Uhlelo lokulungisa imigwaqo, olubizwa nge-Zibambele, seluzosatshalaliswa izwe lonke kulo nyaka, luvule amathuba emisebenzi.

Sizothuthukisa ingqalasizinda ezokhuthaza ukukhula komkhakha wethu wezolimo, futhi lokho kuzolekelela ekwakheni amathuba emisebenzi.

Kuzovuselelwa amadamu, imishini esebenza ngomoya yokudonsa amanzi ngaphansi komhlaba kanye nezinkasa zokunisela. Izitshalo, imfuyo kanye namadlelo kuzovikelwa ngokuthi kwakhiwe ufenisi wokubiyela.

Le miklamo izokwenza ngcono ukutholakala kokudla futhi izokuvula amathuba emisebenzi kubantu abaningi, ikakhulu abesifazane ezindaweni zasemakhaya.

Ukuze kuphuculwe umsebenzi esiwenzayo kwezesayensi nezobuchwepheshe kanye nokuvula amathuba emisebenzi, sifake isicelo sokuthi isibonakude esibizwa ngokuthi yi-Square Kilometre Array radio telescope sakhiwe kuleli lizwe.

Lesi sicelo sesivule amathuba emisebenzi angama-800 kwezokwakha esifundazweni saseNyakatho Koloni futhi kulo nyaka kuzovuleka amanye amathuba emisebenzi ayi-100.

Umbhidlango wokuvulwa kwamathuba emisebenzi kulindeleke ukuthi uphucule futhi nokuthuthukiswa kwentsha.

Inhlangano Kazwelonke Yokuthuthukiswa Kwentsha ibambe izingxoxo nezinhlaka zombuso nabezimboni ezizimele ukuthi kuqhakanjiswe ukuthuthukiswa kwentsha ezinhlelweni zikahulumeni futhi kugqugquzelwe amabhizinisi nemifelandawonye yentsha.

Bantu bakithi,

Sikholelwa ekutheni lezi zinhlelo zokungenelela esizibalile kafushane zizosiqhubekisela phambili ukuze sibeke ukuvulwa kwamathuba emisebenzi phezulu ohlwini lwezintoezizobekwa eqhulwini yibo bonke abathatha izinqumo kuleli lizwe.

NgoLwesibili ongqongqoshe abayisikhombisa bahlangane nalabo ababambisene nabo emphakathini ngenhloso yokuxoxisana ngalolu hlelo lokubambisana futhi sinethemba lokuthi noma kanjani sizophumelela.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Okunye esizokwenza okuhambisana nemihlomulo ephathelene nomkhankaso wokuvula amathuba emisebenzi, kuzoba ukwenza izinguquko kwinqubomgomo eziphathelene nokwenza ngcono izimpilo zabasebenzi bethu.

Uhulumeni, nalabo abambisene nabo, ubuyekeza umthetho ophathelene nezinkampani ezenza umsebenzi wokufunela abantu imisebenzi kanye nohlaka lwenqubomgomo yokuhlinzekwa kwemisebenzi yokuqashwa komphakathi.

Lokhu kuzokwenza ukuthi uhulumeni akwazi ukugcina isizinda semininingwane yabantu abafuna umsebenzi kanye namathuba emisebenzi akhona.

Uhlaka lwenqubomgomo kahulumeni ehlongozwayo mayelana nokuhlinzekwa kwezibonelelo zikahulumeni olubizwa ngokuthi yi-Government Position Paper on Social Security Reform kulindeleke ukuthi lukhishwe kulo nyaka ukuze kuxoxiswane ngalo.

Izinto okuzobhekwana nazo zibandakanya ukuxhaswa ngezimali kweSikhwama Sikazwelonke Sezibonelelo kanye nobunjalo baso, nokuthi izibonelelo zabasebenzi bezimboni ezizimele nezikhwama zomhlalaphansi zizongena kanjani ohlelweni oluphelele lwezibonelelo, kanye nohlaka okungenzeka ludingeke lokulawula lolu hlelo.

Uhulumeni kumele azigcwalise zonke izikhala zemisebenzi ezikhona okunemali ebekelwe zona. UMnyango Wezokuqapha Ukusebenza Nokuhlolauzokhipha umbiko kungakapheli izinyanga eziyisithupha.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Yebo, sesihambe ibanga elide kusuka onyakeni we-1994. Sesizuze okuningi, kodwa kusekuningi okumele kwenziwe, futhi uma sisebenzisana njengabantu baseNingizimu Afrika, singenza okukhulu kakhulu kunalokhu esesikwenzile!

Ngicela ningivumele ngikhulume ngalezi ezinye izinto esizibeke eqhulwini kanye nezinye izinhlelo.

Into okuzogxilwa kuyona emkhakheni wemfundo eyisisekelo kulo nyaka yilokho ngeSingisi okubizwa ngo-?T? abathathu: Teachers, Textbooks and Time (Othisha, Amabhuku okufunda Nesikhathi). Siyaphinda futhi sigcizelela umyalelo wethu ukuthi othisha kumele babesesikoleni, ekilasini, bafike ngesikhathi esifanele, bafundise okungenani amahora ayisikhombisa ngosuku.

Abaphathi kumele benze isiqiniseko sokuthi zonke izingane zithola amabhuku okufunda ngesikhathi esifanele, futhi kumele sibalekelele othisha bethu ukwakha isimo sokusebenza esihle esizokwenza ukuthi izinga lokufundisa libe seqophelweni eliphezulu.

Ukuze sikwazi ukulandela inqubekelaphambili eyenziwayo, kulo nyaka, siqalise uhlelo lukazwelonke lokuhlolwa konyaka okusezingeni lomhlaba esifundweni selitheresi nezibalo, ebangeni lesithathu, lesithupha kanye nelesishiyagalolunye.

Sizoqhubeka nokutshala izimali ezinhlelweni zokuqeqeshwa kothisha, ikakhulu esifundweni seziBalo neseSayensi.

Sizogxila futhi ekuqeqeshweni kothishanhloko, ikakhulu ezikoleni ezingasebenzi ngendlela egculisayo.

Kwezemfundo ephakeme, sizokwandisa amathuba okutholakala kwemfundo, ikakhulu ezinganeni ezivela kwimindeni ehluphekayo.

Lokhu kubandakanya ukuguqulwa kwemali ebolekwe abafundi ibe yimifundaze kulabo bafundi abenza unyaka wokugcina abafanelekile.

Abafundi bamakolishi okuqhuba imfundo nokuqeqesha abasesimweni esibavumelayo ukuthi baxhaswe ngezimali ngeke bakhokhiswe imali yokufunda.

Sinxusa amabhizinisi kahulumeni ukuthi adlale indima ebonakalayo ekuthuthukisweni kwamakhono futhi asisize ukuhlinzeka amakhono ezobuchwepheshe adingwa wumnotho.

Izinkampani ezinjenge-Denel, Eskom, SAA kanye ne-Transnet sezixhase ukuqeqeshwa kwabafundi abangaphezu kwezi-6 000 kumakhono ayivela kancane futhi abalulekile, aphathelene nemisebenzi yezobuchwepheshe nobunjiniyela.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Siyaqhubeka nokwenza ngcono umsebenzi owenziwa amaphoyisa, ikakhulu umsebenzi ophathelene nokuphenya amacala, ukuhlaziywa kobufakazi ngokwezesayensi kanye nobunhloli bezobugebengu.

Silandisile inani lamaphoyisa agqoke umfaniswano wamaphoyisa abonakala kalula futhi ehla enyuka ngenhloso yokuqapha nokunqanda ubugebengu ezindaweni ezidume ngobugebengu. Siyaqhubeka nokwenza inqubekelaphambili ebonakalayo emzamweni wokunciphisa inani lezibhamu ezingekho emthethweni ezitholakala emphakathini kanye nenani lezibhamu ezisemthethweni.

Izinkantolo zethu ziyaqhubeka nokusebenza ngendlela egculisayo, futhi zihamba kahle izinhlelo zokunciphisa ukusalela emuva kokuthethwa kwamacala emazingeni ezinkantolo zezigodi kanye nezezifunda.

Sizoqhubeka nokubeka eqhulwini amacala aqondiswe kwabesifazane nezingane, kanye nokubahlinzeka ngosizo ngokusebenzisa izikhungo zokunakekela ezibizwa ngeThuthuzela.

Sizosebenzisana nemiphakathi kanye nababambiqhaza ababalulekile ukuze silwisane nokushushumbiswa nokuxhashazwa kwezidakamizwa, okuyinto ecekela phansi imindeni.

Ukuvakashela kwami kwisikhungo sokwelapha abantu abaxhaphaza izidakamizwa endaweni yase-Mitchells Plain ngoLwesibili kungikhombisile ukuthi kumele siqinise isandla empini yokulwisana nokuxhashazwa kanye nokushushumbiswa kwezidakamizwa emiphakathini yethu.

Ngijube amaphoyisa ukuthi aqinise isandla kubantu abadayisela izingane izidakamizwa edolobheni laseKapa kanye nakwezinye izindawo. Futhi ngeke sibabekezelele nakancane abanikazi bezindawo zokucima ukoma abadayisela izingane utshwala.

Iyaqhubeka futhi impi yokulwisana nenkohlakalo.

EMnyangweni Wezabasebenzi Bakahulumeni Nokuphatha sekusungulwe Uphiko Olukhethekile Lokulwisana Nenkohlakalo oluzophatha amacala okuqondiswa kwezigwegwe aphathelene nenkohlakalo ebandakanya izisebenzi zikahulumeni.

Kunenqubekela phambili eyenziwayo emacaleni amaningi aphenywayo.

Sekubuyiswe imali elinganiselwa kwizigidi zamarandi ezingama-44 kubasebenzi bakahulumeni abathole imixhaso yezindlu ngomgunyathi, futhi uyaqhubeka umkhankaso wokuqeda ukukhwabanisa okuphathelene nohlelo lwemali yezibonelelo zikahulumeni.

Sesijube Uphiko Olukhethekile Oluphenya Izenzo Zobugebengu ukuthi luphenye izinsolo zokungaphathi ngendlela efanele noma inkohlakalo eminyangweni kahulumeni, omasipala kanye nezikhungo ezahlukahlukene.

Nakuba ngingathandi ukuphanga umdaka linganile ngokuqagula ukuthi izozala nkomoni kulolu phenyo, lokhu kukhombisa kahle kamhlophe ukuzibophezela kwethu ukuthi sizolwisana nenkohlakalo kuwo wonke amazinga kahulumeni nasemkhakheni weMisebenzi Yomphakathi.

Ithimba Lokuthenga Izimpahla Nemisebenzi Elibandakanya Izikhungo Ezahlukene eliholwa Ihhovisi Lomgcinimafa Kazwelonke, ne-SARS kanye nesiKhungo Sezobunhloli Bezezimali libuyekeza lonke uhlelo lombuso lokuthenga izimpahla nemisebenzi ukuqinisekisa ukuthi isetshenziswa kangcono imali ekhishwa wumbuso yokuthenga izimpahla nemisebenzi.

Emkhakheni wezempilo, kulo nyaka, sizogcizelela ukuba semqoka kokuqasha abasebenzi abafanele futhi abaneziqu zemfundo emikhakheni yemisebenzi abaqashelwe yona.

Sidinga izinhloko zeminyango, izikhulu eziyizinhloko zokulawulwa kwezimali, izikhulu eziyizinhloko eziphethe izibhedlela, izikhulu ezilawula ezempilo kwizigodi kanye nabaphathi bemitholampilo kube ngabantu abaneziqu zemfundo efanele.

Sihlela ukuvuselela amakolishi okuqeqeshela abahlengikazi ayi-105 ezweni lonke ukuze kwandiswe inani labahlengikazi abaqeqeshwayo.

Futhi sihlela nokuvula uphiko lokuqeqeshela ezokwelapha Esibhedlela Sokuqeqesha saseLimpopo ngenhloso yokuqeqesha abanye odokotela.

Kuzoqhubeka ukulungiswa nokuvuselelwa kwezibhedlela nemitholampilo.

Uma sibheka indlela esigcizelela ngayo ukubaluleka kwempilo yabesifazane, sizoqhubeka nokwandisa amalungelo aphathelene nokuthola abantwana, phakathi kokunye, izinto ezifana nezivikelanzalo, izifo zocansi, ukukhulelwa kwamantombazane aneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye kuya phansi kanye nokuhlinzekwa kwamantombazane avela emakhaya ahluphekayo ngamaphedi asetshenziswa abesifazane uma besemalangeni.

Mayelana nempi yokulwa negciwane lesandulela ngculazi nengculazi, sesivuselele izinhlelo zethu futhi sigqugquzela izindlela ezahlukene zokuzivikela, kubandakanya nokusokwa kwabesilisa, ukunqandwa kokusuleleka kwegciwane kubantwana lisuka komama kanye nokugqugquzela ukuhlolelwa igciwane lesandulela ngculazi.

Ukuhlolelwa igciwane lesandulela ngculazi yinto eyamukelwe ngomdlandla omkhulu ezweni lonke. Sekuhlolwe abantu abangaphezu kwezigidi ezinhlanu selokhu kwethulwa umkhankaso wokuhlolelwa igciwane lesandulela ngculazi ngenyanga kaMbasa ngonyaka odlule.

Kulo nyaka esisuka kuwona, uqhubekile umsebenzi wokwenza inqubomgomo yoMshwalense Wezempilo Kazwelonke kanye nohlelo lokuqalisa ukusebenza kwalo mshwalense. Esikhathini esifushane esizayo uhulumeni uzokwethula emphakathini umbhalo wenqubomgomo yalo mshwalense ukuze kuboniswane ngawo nomphakathi.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo we-NCOP Ohloniphekile,

Sizoqhubeka noHlelo Oluphelele Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya olwenzelwe ukuvuselela imiklamo yezokuhlelwa kabusha komhlaba kanye nezinkasa zokunisela kulezo zindawo ezazingaphansi kohulumeni bezabelo kanye namapulazi anabanikazi abahlulekayo ukuwagcina esesimweni esigculisayo.

Uhulumeni ususungule Uhlelo Lukazwelonke Lokubhekelela Intsha yaseziNdaweni Zasemakhaya ukuze kusizwe intsha yakulezi zindawo. Kuze kube manje, sekuqashwe intsha engaphezu kwezi-7 000 kulolu hlelo.

Somlomo noSihlalo abahloniphekile,

Uhulumeni useshaye umthetho ovuselela ibhange lasePosini, phecelezi i-PostBank, elizosiza abasemakhaya ukonga imali, kanye nokuboleka imali yokwakha amabhizinisi amancane.

Siyabakhuthaza ukuthi balisebenzise kuze kutholakale intuthuko.

UKWAKHA UHLELO LUKAHULUMENI WASEKHAYA OZITHATHELA PHEZULU IZIMFUNO ZOMPHAKATHI, OPHENDULAYO FUTHI OSEBENZA KAHLE

Malungu ahloniphekile,

Izwe lizobamba ukhetho lohulumeni basekhaya lwesine ngaphambi kokuphela kwenyanga kaNhlaba.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule sekube nenqwaba yezikhalazo eziphathelene nohulumeni basekhaya.

Kwezinye izindawo ukuphelelwa yisineke kwabantu sekuholele ekutheni kube nemibhikisho, okuyinto ekhombise izinkinga ezikhona kulo mkhakha kahulumeni.

Kumele senze abantu bakuthokozele ukuba nohulumeni basekhaya, njengoba lo mkhakha kahulumeni uwathinta ngqo amakhaya abo kanye nezimpilo zabo, nsukuzonke.

Bakhona omasipala abasebenza ngendlela egculisayo, futhi akhona namakhansela enza imisebenzi yawo ngendlela elindelekile.

Sesihlanganise isu lokulungisa isimo elenzelwe ohulumeni basekhaya, elizogxila, phakathi kokunye, ekuqiniseni izinhlelo zokuphatha eziyisisekelo, ukuphathwa kwezimali kanye nokunakekelwa kwamakhasimende.

Ahamba kahle amalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya.

Uhlelo lokubhalisela ukhetho olwenziwe ngesonto eledlule luhambe kahle ngaphandle kwezihibe, futhi siyabahalalisela labo ababhalisile. Sinxusa labo abangenabo omazisi ukuthi bafake izicelo zomazisi ngokushesha, ukuze bangaphuthelwa yisikhathi sokubhalisela ukhetho esilandelayo ngenyanga ezayo.

Emva kokwethulwa koMkhankaso Kazwelonke Wokubhaliswa Kwabantu Abazalelwe Kuleli endaweni yaseLibode, eMpumalanga Koloni ngonyaka odlule, kuhlinzekwe omazisi kubantu abebeqala ukufaka izicelo zomazisi abangaphezu kwama-700 000, okukhombisa umdlandla wabantu bethu ukuthola le ncwadi ebaluleke kangaka.

Njengoba silungiselela ukhetho, sizophawula futhi ukuthi kula masonto adlulile izwe lethu likhahlamezwe yizikhukhula ezesabekayo, futhi kunemindeni eminingi ekhahlamezekile.

Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini yalabo abashonile. Siyazwelana futhi nalabo abalimele kanye nalabo abalahlekelwe impahla yabo yonke.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Ngicela ukusebenzisa leli thuba ukuthi ngimemezele ukuthi uhulumeni ubeke eceleni imali eyizigidi zamarandi ezingama-800 ukuze kuhlinzekwe ngosizo imiphakathi ekhahlamezekile.

Sizophinde sibeke eceleni imali ezobhekana nomsebenzi wokuvuselela kanye nokwakha kabusha izindawo okungenzeka zikhahlamezwe yizinhlekelele eminyakeni ezayo.

Sithanda ukudlulisa amazwi okubonga kuzo zonke izinhlangano ezihlinzeka ngosizo, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, abezimboni ezizimele, izinhlangano zezenkolo kanye nemiphakathi, ngokulekelela labo abadinga usizo.

UKWAKHA I-AFRIKA ENGCONO NOMHLABA ONGCONO

I-Ajenda ye-Afrika iyaqhubeka nokuba yinto ebalulekile kwinqubomgomo yethu.

INingizimu Afrika izoba yingxenye yoMkhandlu Wamazwe ase-Afrika Wezokuphepha Nokuvikeleka isikhathi esiyiminyaka emibili.

Kusukela ngoNcwaba leli lizwe lizoba ngusihlalo woPhiko lwe-SADC Lwezombusazwe, Ezokuphepha Nokuvikeleka.

Kuleli qhaza lethu, sizoqhubeka nokuxhumana namaqembu athintekayo mayelana nokuqaliswa kokusebenza Kwesivumelwano Somhlaba Sezombusazwe ezweni laseZimbabwe kanye nokwenziwa kohlelo elingumhlahlandlela obheke okhethweni.

Sizogqugquzela futhi ukutholakala kwesixazululo senxushunxushu yezwe lase-Malagasy. Sizoqhubeka ukuqapha nokulekelela ngokusemandleni ethu ukuze siqinisekise ukuthi isimo sezombusazwe nesezokuvikeleka sihle futhi siyakuvumela ukubanjwa kokhetho ezweni lase-Democratic Republic of Congo (DRC).

Kuyintokozo futhi ukuthi sibambe iqhaza emizamweni yokuthola isixazululo sezinkinga ezibhekene nezwe lase-Cote d?Ivoire, njengelungu leThimba Elisemazingeni Aphezulu leNhlangano Yamazwe Ase-Afrika, eliqokelwe ukuthi lilekelele ekuxazululweni kwezinselelo ezibhekene naleliya lizwe.

Sithanda ukushayela ihlombe Umbutho Kazwelonke Wezokuvikela waseNingizimu Afrika, otshale amasosha alinganiselwa kwizi-2 000 emisebenzini ephathelene nokugcina uxolo nokuthula e-DRC, e-Sudan kanye nase-Central African Republic.

Sizoqhubeka nokubamba iqhaza emizamweni yokuqinisa nokuvuselela Ubumbano Olusha Lokuthuthukiswa Kwezwekazi lase-Afrika ngokugxila ikakhulu ekuqalisweni kokusebenza kohlelo lwayo lwezengqalasizinda, futhi njengengxenye yalolu hlelo sihamba phambili ekuzabalazeleni umgudu wokuthuthukiswa kwengqalasizinda phakathi kwamazwe aseNyakatho nawaseNingizimu.

INingizimu Afrika iyazilandela izigameko ezenzekayo kwelaseGibhithe kanye nalezo ezenzeke phambilini ezweni lase-Tunisia.

Siyaqhubeka nokuqapha lesi simo ngehlo lokhozi, kubandakanya umthelela walesi simo emazweni aseMpumalanga Emaphakathi naseNyakatho Afrika.

Sikholelwa ekutheni umgudu kanye nengqikithi yoguquko kanye nezinqumo ezizothathwa yila mazwe angozakwethu mayelana nalokho aphokophele ukukwenza, kumele kube semahlombe awo.

Mayelana nalokhu, iNingizimu Afrika izimisele ukulekelela emizamweni yokwethula kanye nokuqalisa izinguquko zombusazwe ezizoqinisekisa uguquko olungenazihibe futhi olunokuthula kwelase-Tunisia naseGibhithe.

Sinethemba lokuthi akukho okuzophazamisa intshisekelo yabantu base-Palestina yokuba nombuso ozimele novikelekile futhi ohlalisene ngokuthula noMbuso wezwe lakwa-Israel njengamazwe akhelene.

INingizimu Afrika igcizelela ikhwelo layo emphakathini womhlaba lokukhuthaza amaqembu athintekayo ukuthi aqhubeke nemizamo yokuthola isixazululo sesikhathi eside eMpumalanga Emaphakathi.

Sihalalisela abantu base-Sudan ngokubamba inhlolovo ngempumelelo, futhi sithanda ukudlulisa amazwi okwamukela Umbuso omusha wezwe leNingizimu ne-Sudan.

Lokhu kuyimpumelelo ebalulekile yezwekazi lase-Afrika. Sihalalisela Inhlangano Yamazwe ase-Afrika kanye neNhlangano Yezizwe ngokusingatha lo mklamo ngobuhlakani.

Mayelana nezinye izindaba zomhlaba, sesikubheke ngamehlo abomvu ukusingatha Ingqungquthela yesihlanu yombimbi lwe-India-Brazil-South Africa kulonyaka.

Kwisithangama samazwe ayingxenye ye-G20, sizoqhubeka nokunxenxa amanye amazwe ukuze kube nokwabelana ngomnotho okulinganayo emhlabeni.

UKWAKHA UMPHAKATHI KAZWELONKE WENTANDO YENINGI FUTHI OBUMBENE

Bantu bakithi,

Indebe Yomhlaba Kanobhutshuzwayo ye-FIFA yowezi-2010 isifundisile ukuthi kunesidingo sokuthi sikuthokozele konke okuhle okuphathelene nelizwe lethu.

Ifulegi laseNingizimu Afrika laba yinto ebaluleke kunazo zonke kulelo nalelo khaya.

Uhulumeni uzokwakhela phezu kwalokhu ngokuqinisekisa ukuthi ufaka amafulegi ezikoleni nasezikhungweni zomphakathi ukuze kugqugquzelwe ukuhlonishwa kwezimpawu zikazwelonke kanye nezinto ezisiqhakambisayo thina njengabantu baseNingizimu Afrika.

Sinxusa abantu bakithi ukuthi bafunde ukucula iculo lesizwe futhi balicule ngendlela efanele nangokuziqhenya.

Sizokwethula uhlelo lokuhlonipha amaqhawe namaqhawekazi ezwe lethu futhi sigqugquzele Umgudu Wamagugu Kazwelonke, ukuze kuhlonishwe abantu ababa negalelo elikhulu enkululekweni yaleli lizwe.

Malungu ahloniphekile,

Kuleli lizwe lethu siwabonile amandla ezemidlalo njengethuluzi lokubumbanisa kanye nokwakha isizwe.

Sonke kumele sisekele iqembu lekhilikithi lakuleli, ama-Protea, maduzane elizobe libambe iqhaza kwiNdebe Yomhlaba ye-ICC yowezi-2011, kanye neqembu lebhola lomboxo lakuleli, ama-Springboks, elizovakashela kwelase-New Zealand ukuyovikela Isicoco sethu Sendebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo yowezi-2007.

Sifisela iqembu likazwelonke lebhola lomnqakiswano impumelelo ngenkathi libambe iqhaza kwiNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano ngoNtulikazi. Noma kanjani sizobasekela ngokugcwele.

Ngivumeleni ukuthi ngisebenzise leli thuba ukuthi ngithulele isigqoko omunye wabadlali bethu bekhilikithi abaseqophelweni eliphezulu, uMakhaya Ntini, oyisivakashi sethu esikhethekile kusihlwa nje. Usebe negalelo elikhulu emdlalweni wekhilikithi kuleli kanye nasemhlabeni wonke jikelele.

INingizimu Afrika izobamba umkhankaso wayo wokubalwa kwabantu kwehlandla lesithathu selokhu kwaqedwa ubandlululo, ngoMfumfu kulo nyaka. Sibonga siyanconcoza kuMnu. Makhaya Ntini ngokuthi avume ukuba yinxusa lalo mkhankaso obaluleke kangaka.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Siyaqhubeka nokuzibophezela ekwakheni umbuso oqinisekayo ukuthi yonke imisebenzi oyenzayo ikhiqiza izithelo ezinhle.

UMnyango wethu Wokuqapha Ukusebenza kanye Nokuhlolauzohlanganisa futhi uqaphe ngeso lokhozi umsebenzi weminyango kahulumeni, njengoba uzobeka eqhulwini ukuvulwa kwamathuba emisebenzi.

Siyasithokozela isethembiso sePhalamende sokuthi nalo lizoqapha ngamehlo okhozi ukuthi uhulumeni uyalihlonipha yini ikhwelo lokubekwa eqhulwini kodaba lokuvulwa kwamathuba emisebenzi.

Bantu bakithi,

Injongo yethu icacile. Sifuna ukuba nezwe lapho kuzokwengezwa ezinye izigidi zabantu baseNingizimu Afrika abanamathuba emisebenzi esezingeni elifanele, izwe elinengqalasizinda yesimanjemanje kanye nomnotho osimeme futhi lapho izimpilo zabantu zisezingeni eliphezulu.

Sinomthwalo emahlombe ethu wokuthi sisebenze kanzima ukuze sifezekile lokhu.

Wonke umuntu kumele acabange ukuthi angasifaka kanjani isandla emkhankasweni wokuvulwa kwamathuba emisebenzi ngokuzama ukuthola indlela yokuzivulela amathuba emisebenzi kanye nokuvulela abanye.

Ngenkathi senza lokho, kumele sithole ugqozi kwinkulumo yokuqala yentandokazi yethu uMongameli Mandela ayethula ngosuku lokugcotshwa kwakhe ngonyaka we-1994, esikhumbuza ukuthi kunesidingo sokusebenzisana.

Wathi:

Siyaqonda namanje, ukuthi ayikho indlela elula ebheke enkululekweni.

Sikwazi kahle kamhlophe, ukuthi akekho kithina ongaphumelela uma esebenza yedwa.

Ngakhoke kumele sibambisane njengabantu abayimbumba, ukuze kube khona ukubuyisana kuzwelonke, kube khona ukwakha isizwe, kube khona ukuzalwa komhlaba omusha.

Makube nobulungiswa kumuntu wonke.

Makube noxolo kumuntu wonke.

Makube namathuba emisebenzi, isinkwa, amanzi nosawoti kumuntu wonke.

Umuntu ngamunye makaqonde ukuthi kulowo nalowo muntu, umzimba, umqondo kanye nomphefumulo ukhululiwe ukuze afezekise izifiso zakhe.

Ngiyabonga.

Issued by: The Presidency

Share this page

Similar categories to explore