INKULUMO ECHAZA ISIMO SEZWE KAMONGAMELI WASENINGIZIMU AFRIKA UTHABO MBEKI: UMHLANGANO WEPHALAMENDE IPHELELE

8 Febhuwali 2008

Nkosazana, mongameli wephalamende;
Mgcini sihlalo womkhandlu wesizwe wamaphrovinsi;
Phini likamongameli wephalamende kanye nephini likasihlalo womkhandlu wesizwe wamaphrovinsi;
Phini likaMongameli waseNingizimu Afrika;
Baholi abahloniphekileyo bezinhlangano zombusazwe kanye nabonokuhlonishwa abangamalungu ephalamende;
Bongqongqoshe bakahulumeni kanye namaphini abo;
Mnumzane Jacob Zuma owayeyiphini likaMongameli waseNingizimu Afrika okumanje anguMongameli we African National Congress;
Mhlonishwa Jaji elikhulu kanye namalungu ebandla lakho;
Baphathi bomkhandlu wokulondeka kwethu;
Lusibalikhulu lwebhange elondoloza izimali zezwe lethu;
Bondunankulu bamaphrovinsi abaphakemeyo kanye nezikhulumi zabo;
Mgcini sihlalo wenhlangano ka SALGA kanye, baphathi madolobha kanye nabaholi bohulumeni basekhaya;
Mgcini sihlalo wenhlangano yabaholi bemvelo kanye nabaholi bemvelo abahloniphekileyo;
Baphathi bezinhlelo ezisekela isimiso somthetho wethu wombuso wentando yeningi;
Baqondisi-jikelele kanye nabanye abaholi bezinhlelo zikahulumeni;
Bahlonishwa, manxusa kanye nabokhomishane abakhulu;
Zivakashi eziphakemeyo, bangani kanye nanimaqabane;
Bantu baseNingizimu Afrika:

Ngivumeleni ngalesisikhathi sokuhlangana kwephalamende iphelele kwesithathu okuyisikhathi esilandela esokugcina ukuze kukhulunyiswane ngesimo sezwe, ukuthi ngifisele amalungu ephalamende ahloniphekile umnyaka omusha omuhle nonempumelelo.

Nginethemba ukuthi umnyaka ka 2008 uzoba ngonesimanga impela kulombuso wethu wentando yeningi uma sisebenza ngokubambisana ukufezekisa amaphupho ethu sonke empilo engcono. Ngikusho loku nje ngoba ngokubekisa kwethu akukavami ukuthi isizwe sicelwe ukuthi sifake umfutho omkhulu ukuze kufezekiswe amaphupho abantu. Umlando ususibeke kuso lesosigaba.

Ngikhuluma nani namuhla, Nkosazana, mongameli wephalamende phambi kukamama ongizalayo u Epainette Mbeki, MaMofokeng, oze lapha nomlayezo oqaqile ovela ebantwini basemaphandleni aseTranskei lapho ahlala khona iminyaka eminingi. Uthi lababantu bafuna ukuthi sibatshele njengabaholi babo ukuthi sisazinikele yini ekuthini ikusasa lizoba ngcono kunanamuhla. Emuva kwezinsuku eziyishiyagalombili, ngomhlaka 16 Febhuwali umama uzohlanganisa iminyaka engu 92. Isipho asibhekile sosuku lokuzalwa kwakhe yiqiniso nje kuphela. Ngiyambonga ngokuthi azinike ithuba lokubanathi namuhla kanti-ke ngiyethemba ukuthi asingeke simdumaze.

Ngizothanda ukuthatha lelithuba ngibingelele uMongameli uNelson Mandela, ongomunye wabaqambi abaqavile bombuso wentando yeningi ozohlanganisa iminyaka engu 90 ngomhlaka 18 Julayi kulomnyaka.

Namuhla simukela u Mnumzane u Arthur Margeman omele amasotsha enkululeko amadala owayekhona ngenkathi kudutshwa ukugibela amabasi e Alexandra eminyakeni engu 50 eyedlule, kanti-ke no Nelson Mandela wayekhona kulomqimbi. Sizithola sibusisekile ngokuthi phakathi kwethu sinonkosazana u Jann Turner, oyindodakazi ka Rick Turner owabulawa yizithunywa zombuso wobandlululo eminyakeni angu 30 eyedlule.

Siyathokoza kakhulu ngokuthi phakathi kwethu sino Mnumzane u Dinilesizwe Sobukwe, indodana yeqhawe elaliyisishisekeli sezwe lakithi u Robert Sobukwe owasishiya emhlabeni eminyakeni engu 30 eyedlule emuva kokuqiniselela ubunzima bokuvalelwa etilongweni iminyaka eminingi, ukudingiswa nezinye izinhlobo zokunqatshelwa. Sikhumbula abaqambi bombutho we United Democratic Front, abanye babo abahlonishwa sinabo phakathi kwethu.

Zonke lezivakashi eziqavile ezimele isikhumbuzo nethemba, ngokubakhona kwazo zisikhumbuza ukuthi umsebenzi wethu ufana nomjaho wokunikezelana ngogodo oqhubeka njalo ukuze kufezekiswe amaphupho empilo engcono kubobonke abantu baseNingizimu Africa. Impela, lamaqhawe amele isikhumbuzo sentshisekelo engenakwehlulwa lutho yabantu bakithi iphinde inike isinike inselela yokuthi siziphathe ngedlela engadazululi noma ejabhisa izinjongo zabantu bakithi.

Sesizoqalisa umnyaka ogcwele wokugcina wezimali wephalamende yesithathu yombuso wentando yeningi emuva kwaloko sizokuya okhethweni lwesine lokazwelonke. Hulumeni ubukeze indima eseyilinyiwe mayelana nemisebenzi okwakubhekwe ukuthi wenziwe kusukela ngo 2004.

Kuyangijabulisa ukusho ukuthisizamile kakhulu ekufezekiseni izithembiso esazenza kubantu ngo 2004. Kodwa-ke, kusobala ukuthi usemningi umsebenzi osasele.

Njengoba sesiseduze nokuqeda isikhathi esibekelwe sona, uhulumeni unqume ukuthi ahlele Imisebenzi Emqoka okudingeke yenziwe eyibeke ngokulandelana nangokubaluleka kwawo lapho uhulumeni azakuqondisa kuye du, lokukuzosetshenziselwa ukuthi kufezekiswe izinjongo zabantu abazibheke kuhulumeni.

Ngiyathokoza ngoba inkulumo yesimo sezwe inginikeze ithuba lokuthi ngibikele iphalamende nesizwe ngalemisebenzi engu 24 ehlelelwe ukwenziwa ngaphambi kweminye abahlonishwa bangayithola kuwebhusayiti kahulumeni ngeviki elizayo.

Ukukhonjwa kwaleMisebenzi Emqoka okumele yenziwe ngaphambi kweminye kusho ukuthi zonke izigaba zikahulumeni, kazwelonke, wezifundazwe kanye nowasekhaya, esigungwini nasekuphatheni bazinikele ukuthi kulesikhathi esifushane esisele bazakufaka umfutho ukuze kufezekiswe umgomo obalulekile wekuzuza impilo engcono kawonke-wonke.

Izinhlelo zonke zikaHulumeni ziyazibopha ekutheni esikhathini esizayo bazakuzimilesa bakhiphe lonke unyawo ukuze bazuze okubhekiwe – Inqubo Engejwayelekile. Uma sikhuluma ngeNqubo Engejwayelekile asisho ukuthi imigomo kahulumeni ishintshile, kodwa sisho ijubane okuzosetshenzwa ngalo, nekhono nempumelelo okuzosetshenzwa ngayo ukuze izimpilo zabantu ziguquke zibe ngcono ngokushesha.

Ukuze siqinisekise ukuthi loku kuyenzeka, sithethe izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi uhlelo lokuqondisa ukuthi izimali zichithwa kanjani lweminyaka yonke oluzokhishwa ngugqongqoshe wezimali ingakapheli lenyanga lwenza ukuthi sikwazi ukufezekisa lemisebenzi okumele yenziwe ngaphambi kweminye. Izigaba ezibalulekile zalemisebenzi okumele yenziwe ngaphambi kweminye ziyalandela:

* ukusheshisa ukukhulisa umnotho nentuthuko;
* ukuphangisisa ukwakhiwa kwezakhiwo zezwe ezenza impilo ibengcono ukuze sithuthukise umnotho wethu nemigomo yezenhlalakahle;
* ukwenza amacebo ethu ukuthi asebenze aqondiswe emnothweni wesibili (indlela abantu abampofu baphila ngayo), nokuqeda ubumpofu;
* sikhulise amandla ezinhlelo zethu ezibhekene nezemfundo;
* sisheshise izindlela zethu ukuze siphumelelise umgomo wokuthole impilo engcono kawonke-wonke;
* sakhe kabusha ukusebenza kwezinkantolo zethu ukuze silwe nobugebengu;
* ukuqinisa ukusebenza kukahulumeni ukuze siqinisekise ukuthi sinawo umthamo wokwemukela yonke intuthuko yezwe lethu;
* sikhulise ukuqondana nezindawo ezibalulekile ekusebenzisaneni namanye amazwe siqondise ezindabeni zase-Afrika nobudlelwano base ningizimu eseningizimu.

Isimo esibhekene naso kanye nemisebenzi esizinikeze wona sidinga ukuthi sivuse ugqozi kubantu sibahlanganise babe munye ukuze kwenziwe zonke izinto okumele zenziwe singakhohlwa ukuthi sonke kanye kanye siphethe ikusasa lethu ezandleni zethu!

Njengoba sisebenzisana sonke lapha ezweni lethu kumele sizwisise ukuthi loku kumayelana – Nenqubo Engejwayelekile!

Ngenkathi ngilungiselela inkulumo lena, omunye phakathi kwethu wabeka umbono kimina wokuthi izwe lethu limbhozwe yimimoya emikhulu eyenza ukuthi kube lukhuni ukuthi sibone ukuthi izwe lethu liyobe likuphi kusasa.

Uthe namuhla ekuseni ukuze ngibhekane nobunzima esikubo, ngikhumbule amazwi aziwa kakhulu u Charles Dickens aqalisa incwadi yakhe ngawo ebizwa ngokuthi A Tale of Two Cities. Nanko-ke lawomazwi engiwatholelwe encwadini:
“Kwakuyizikhathi ezinhle kwakuyizikhathi ezimbi, kwakuyisikhathi senhlakanipho, kwakuyisikhathi sobuwula, kwakuyisikhathi esinqunyiweyo sokukholwa, kwakuyisikhathi esinqunyiweyo sezimanga, kwakuyisikhathi sokukhanya, kwakuyisikhathi sobumnyama, kwakuyintwasa hlobo yethemba, kwakuyikwindla yokulahla ithemba, sasonako konke phambi kwethu sasingenalutho phambi kwethu, sonke sasiya ezulwini, sonke sasihamba ngenye indlela – kafushane isikhathi sasifana nalesi esikuso kangangoba abaphathi ababenomsindo bathi asisemukele lesikhathi, noma kuzoba kuhle noma kuzoba kubi uma silinganisa nokwedlula konke.”

Nizobuza ukuthi ngiyavumelana yini nalombono, ukuthi nami ngikholelwa ekuthini sisesikhathini sengxova-gxova lapho sonke sizolahleka singenaqiniso lezinyathelo zethu, izinyawo zethu zingaqinanga, sesaba ikusasa lethu!

Impendulo yami ithi QHA! Njengohulumeni wonke ngiyenesilwa ukuthi isisekelo esakhe kusona kuleminyaka engu 14 eyedlule siqinile. Kumele siqhubeke sisebenzele kuso lesisisekelo siye phambili sifezekise amaphupho ethu empilo engcono yethu sonke. Ngakoke simele ukuthi sonke sizigqugquzele ukuthi sisesendleleni esiyisa empumelelweni siyizwe.

Kodwa-ke, njengawo onke amalungu ahloniphekile, kuyangicacela ukuthi abaningi emphakathini bakhathazekile, bengenathemba lokuthi izwe liyobe likuphi kusasa.

Bakhathazwa yingozi kazwelonke ebangwe wukuhlakazeka okungazelelwe kokunqipha kwamandla kagesi.

Bakhathazwa ngokwenzekayo emnothweni wethu, ikakhulu ukukhula kwenzalo yemali, nokudla kanye namafutha okwenza ukuthi abantu abampofu bathwale kanzima. Abanye phakathi kwethu bakhathazekile ukuthi kuzokwenzekani emnothweni wethu uma imelika ingena kuriseshini (lesiyisikhathi lapho amandla omnotho ehla khona kakhulu, umnotho ungasathuthuki).

Bakhathazwa wukuthi sinawo yini amandla okuvikela amalungelo entando yeningi, nomthetho sisekelo owaqanjwa ngukuzinikela kwabantu abaningi ngezimpilo zabo. Loku kubangwa yizinto ezinje ngokushushiswa kukakhomishane wamaphoyisa, ukumiswa emsebenzini komqondisi omkhulu ehhovisi labashushisi, ukwesaba ukuthi amajaji awasenayo inkululeko yokukhipha izigwebo ngokuzimela nokuthotshelwa komthetho, kanye nokuthi abantu basebenzisa amandla ombuso ukulwa izimpi zabo zepolitiki.

Bakhathazwa wukuthi izwe lethu lihlukubezwa wubudlova njengokushiswa kwamakhotshi ezitimela ayisithupha eTshwane inyanga eyedlule.

Bayazi kanti futhi bahlonipha ilungelo leqembu elibusayo ukuthi lenza izinto ngendlela yabo, bafuna ukuthi leliqembu liqhubeke lidlale indima yalo njengelinye elaqamba yiNingizimu Africa ophumelelayo nobuswa yintando yeningi, ongabandlululi ngebala, nangobunini.

Kusobala ukuthi asifanele ukuzishaya indiva lezikhalo noma sibathathe njengabaphrofethi abashumayela ukubhujiswa. Isalela esibhekene nayo wukuthi sibaphendule ngendlela ekhombisa bonke abantu ezweni lethu, nezinkulungwane zase-Afrika nasemhlabeni jikelele azisibeke iso ukuthi sisemile yini emigomeni yethu yokwakha iNingizimu Afrika enikeze ithemba kubantu balo kanye nakubantu bakwamanye amazwe.

Angisho ngesibindi esikhulu ngithi lesikhathi emlandweni wethu sifuna ukuthi sibambane sisebenzisane ukuze sifezekise imigomo yethu sigcine iphupho elisibumbanisile uma sihamba lendlela angazange ihanjwe ngumuntu yokwakha iNingizimu Africa obhekwe ngamehlo engqondo omthetho sisekelo wethu.

Ingozi kazwelonke ebangwa wukunqipha kwamandla kagesi isinika isalela iphinde isinike amathuba ezweni ukuze silandele ubizo olwenziwe lokuthi sibambane ngezenzo sisebenzisane sigcine izwe lethu endleleni yentuthuko. Loku kumele kusho kithi sonke ukuthi sisesikhathini esinzima, kodwa ubunzima obungeke busehlule. Kanti-ke njengoba sisebunzimeni nje, sisesikhathini samathuba amakhulu futhi.

Mayelana naloku, ngithanda ukubonga isikhulu senkapani yakwa Anglo American u Cynthia Carroll, ngenkathi ekhuluma emhlanganweni wezezimayini eKapa ekuqaleni kweviki, mhlaka 5 Febhuwali.

Njengoba abahlonishwa bazi, wathi: “Angiziboni izinkinga zokwesweleka kwamandla kagesi kuyingozi enkulu, kanti-ke iNingizimu Africa ayiyodwa, kunezinkinga zokweswelakala kwamandla kagesi emisebenzini yokuthuthukisa inkapani yethu emazweni iChile naseBrazil.

“Ngiyavuma izinkinga lapha zinkudlwana, kuzodingeka ubuqhwepheshe obukhulu ukuzinqoba, ikakhulu ekongeni nasekusebenziseni ugesi kahle, kanye nasekuthuthukiseni ezinye izindlela zamandla. Uma sonke singakha ubuhlobo bokulwisa lesisimo, sizonqoba sonke. Lesi akusona isikhathi sokusolana, kodwa sokusebenzisana sithole ikhambi lezinkinga zethu.”

Noma sesikhulumile ngalendlela, kuyisikhathi sokuthi sidlulise amagama okuxolisa ezweni avela kuhulumeni nakubakwa Eskom ngalengozi esizithola kuyona yokweswelakala kwamandla kagesi. Ngithanda ukubonga izakhamuzi zonke ngokuziphatha kwabo nokubekezela esikhathini esinjena.

Emavikini amabili adlule, ongqongqoshe bezimbiwayo namandla kanye nongqongqoshe wemisebenzi kahulumeni bayichazile inkinga esibhekene nayo nokuthi kuyini esingakwenza siyizakhamuzi ngamunye ukuze isimo sibuyele kwesijwayelekile. Iviki eledlule amalungu ahloniphekile athole ithuba lokuyicabangisisa lendaba.

Ukukhula kwesidingo samandla kagesi eminyakeni emibili edlule kweqe ithamo esinalo lokuphehla ugesi. Loku kubangele ukuthi ugesi omncane ukhinyabezwe nanoma ngayini eyenzekayo ezintanjeni zikagesi angabe asasenela. Kulesisimo sidinga ukugwema ukuqishiswa kwagesi kungazelelwe kanti-ke yinye indlela esingayisebenzisa ukweza loku wukunciphisa isidingo sikagesi ukuze kuhlale kunogesi oseceleni ongasetshenziswa uma kudingeka.

Njengohulumeni, umsebenzi wethu wukuhola siphinde sihlanganise abantu bezwe lethu emkhankasweni wokusebenzisa ugesi ngendlela eyiyo ukuze silwe nalesisimo. Kuso sonke lesimo, kumele siqinisekise ukuthi amakhaya ethu kanye nomnotho kusebenzisa ugesi ngendlela eyiyo.

Kunezinyathelo ezithile abantu namakhaya kanye namabhizinisi angazithatha. Lezinyathelo ziyasakazwa yigatsha lezimbiwayo namandla, kanti noma ngubani angasinikeza umbono wakhe ukuze sibonisane sonke.

Uhulumeni uzoqalisa umkhankaso wokuqinisekisa ukuthi amalambu asebenzisa ugesi ngedlela eyiyo, ukufudumeza amanzi ngamandla elanga, nokusebenzisa amagiza ngendlela eyonga ugesi. Kuzokweziwa ukuthi izindlu ezintsha zesebenzise ugesi ngokunga. Sicela imindeni engakhona iqalise isebenzise lezizindlela zokonga ugesi ngokushesha.

Kukhishwe umlayezo wokuthi zonke izindlu zikahulumeni zinciphise ukusetshenziswa kwegesi, siyanicela ukuthi nibasho nibahlaze labo abangawulandeli lomlayezo.

Imininingwane yezinhlelo zokonga ugesi ngokuphoqelelwa ngumthetho nangokuzenzela ngentando yakho sezilungisiwe ngamagatsha kahulumeni, kanti zizakulolongwa ngokukhulumisana nabanye abaphathelene nazo bese ziyasakazwa.

Ngasekuphehleni ugesi, abakwaEskom bamatasatasa bazama indlela yokuthi ezinye izinkampani zibalekelele ekuphehleni ugesi. Kuthathwa izinyathelo zokukhulisa ithamo lokugcinwa kwemishini kaEskom. Kuneqembu eseliqokiwe elisebenza umsebenzi wokutholakala kwamalahle asezingeni eliphezulu nezimayini ezinkulu, kanti-ke sisebenza kanzima sizama ukutholakala kwemvume yokwakha umshini wokuphehla ugesi osebenzisa umoya. Yonke lemizamo uma uyihlanganisa nokonga ugesi izokwenza ukuthi ugesi atholakale njalo.

Uhlelo olukhulu lukaEskom lokwakha imishini emisha yokusakaza ugesi nokumthumela ezindaweni ezahlukahlukene luyaqhubeka, ezinye izinhlelo zizakuphangisiswa. Ngithanda ukubonga amabhizinisi angasese ngokuthi azimisele ukwelekelela ngezindlela ezahlukene. Emhlanganweni nomgcini sihlalo wakwa General Electric (GE) kuleliviki, bavuma ukuthi bazakuthenga egameni lethu izinsimbi ezingavamile zomshini wokuphehla ugesi. eNingizimu Africa izinkampani ezinkulu ezinjengo Sasol, Anglo kanye neBHP Billiton zibamba izinkulumo ezibalulekile neGatsha Lezimbiwayo Namandla kanye neGatsha Lemisebenzi Kahulumeni ukuze kutholakale amakhambi angabizi nazokusisiza isikhathi eside okuphehla ugesi. Indlela esentshenziswayo ngeyokubambisana hayi eyokusolana.

Ngithanda ukudlulisa amazwi okubonga embonini yezimbiwayo ngendlela abasilekelele ngayo nomnotho ngokucubungula inkinga eyayisihaqile mhlaka 24 Januwari. Sonke sizosebenza ukuze kwehliswe isisindo salezinkinga embonini yethu.

Ukusebenza ngokubambisana, nokukhulumisana yiko okubalulekile ekubhekaneni nalenkinga. Amaqembu ngokwehlukahlukana kwawo ayasebenza ezindaweni eziningi. Iviki elizayo bondunankulu bamaphrovinsi bazohlangana nabosodolobha babo ukuze bakhe amasu nokuthi befezekise amasu abo okonga ugesi kubobonke omasipala ezweni lethu. Bazokwelekelelwa ngamaqembu anolwazi oluthile avela kwaEDI Holdings, Eskom kanye nenhlangano esebenza ngokonga amandla noma ugesi. iGatsha Likahulumeni Wasekhaya neZifundazwe lizakwelekelela ngokubiza imihlangano, nezinye izinto besebenzisana nabeGatsha Lezimbiwa Namandla kanye neGatsha Lemisebenzi kaHulumeni.

Ngizokubiza umhlangano weqembu likaMongameli ukuze sihlanganise imisebenzi yethu. Ngizomemezela iqembu lompetha kwezamandla elizofaka phakathi osaziwayo eNingizimu Afrika elizolekelela uhulumeni kumkhankaso wokongeni ugesi lazise abatshali zimali nemiphakathi ngesimo sezinto nokuthi bangalekelela kanjani ukuze silwe nalenkinga esinayo.

UNgqongqoshe Wezimali uzakusinikeza ulwazi olunzulu ngenkathi akhipha ibhajeti ngokuthi uhulumeni uzokwenzani mayelana nomkhankaso wokonga ugesi nasehlelweni lokwakha lakwaEskom.

Sibhekene nobunzima kodwa sizonqoba ngesikhashana nje. Lesisimo sisikhombisa ukuthi isikhathi sokuthenga ugesi nganani eliphansi sesiphelile. Kodwa-ke uma sibheka imishini yethu yokuphehla ugesi esinayo, umnotho wethu usezoba nogesi othengekayo esikhathini eside esizayo.

Umnotho wethu ugcwele izimbiwa. Ngakoke kumele siqhubeke silekelele imboni yezimbiwa. Iqiniso esingeke silibalekele wukuthi uma sifuna ukuqhubeka sikhula njengezwe elakha izinto nezimpahla, kuzodinkenga ukuthi silekelele ukuthatha izimbiwa sizenze ubucwebecwebe. Kodwa kubalulekile ukuthi zonke izimboni zonge ugesi. Kona ukonga loko kusinikeza amathuba okukhulisa umnotho.

Asisebenziseni lelithuba lokwesweleka kukagesi ukuthi sakhe ikusasa lokusebenzisa ugesi ngendlela eyiyo. Asiqinisekise ukuthi lomkhumbi wethu awucwili, sifakwe ugqozi yiqiniso lokuthi isimo sethu sifuna iNqubo Engejwayelekile.

Kumele sisebenzise yona lendlela uma silungisela ukwemukela izivakashi ngenkathi kudlalwa umdlalo wendebe yokuhlanganyela yeFIFA ngo 2009 nendebe yomhlaba kaFIFA ngo 2010 ezoqala ezweni lethu amuva kwezinsuku ezingu 854 kusukela namuhla. Ngikhuluma ngaloludaba namuhla ngoba lesigameko esibhekene naso senze ukuthi abanye emhlabeni bazibuze ukuthi sizophumelela yini ukubamba lemincintiswano.

Angingabazi neze ukuthi sizophumelela ukudlalisa imidlalo kaFIFA sijabulise abadlali nabathandi bebhola mhlaba wonkana, sakhe bonke ubunjani obudingekile bokuthi kubanjwe umcintiswano ongungqayizivele wendebe yomhlaba ka FIFA.

Imimoya esiyihogelayo kubantu baseNingizimu Afrika kanye nasemhlabeni wonke ezibonakalisa ngequbekela phambili yethu emalungiselweni ithi – iNqubo Engejwayelekile. Asiqhubeke siyibambe njalo.

Siyazi noko ukuthi uhlangothi olubalulekile lwamalungiselo wukuthi sakhe iqembu lebhola laseNingizimu Afrika eliqinile elizosithokozisa ngempela. Ngenesiqiniseko sokuthi inhlangano yobhola yaseNingizimu Afrika (SAFA), abafudisi bebhola beholwa ngu Carlos Alberto Parreira, bayawubona lomthwalo onzima ababhekene nawo wokwakha iqembu lobhola elizosithokozisa thina lapha ekhaya kanye neAfrika yonke.

Siyaphinda sibonga amabhokobhoko ngokusikhombisa indlela ngenkathi bewina Indebe Yomhlaba yeRugby ngonyaka odlule. Loku kumele kufake ugqozi ku Bafana Bafana, kanye nakubanye abadlali abayoncintisana emidlalweni yamaOlimpiki eBeijing ngesekuphaleni komnyaka.

Angibuyele kuleMisebenzi Emqoka okumele yenziwe ngaphambi kweminye engikhulume ngayo.

Ukuze siqhubeke ukuphangisisa ukukhula komnotho nentuthuko sizokwenza njengesiphakamiso, uhlelo lwemigomo yezimboni. Uhulumeni uzoqhubeka nohlelo lwezimboni aqhubeke akhe amathuba entuthuko nawokuqamba imisebenzi. Kubekwe imali engu R2,3 billion yokwenza izinhlelo zemigomo yezimboni, nenye engu R5 billion yokunxephezela abatshali zimali ngokubakhokhisa intela ephansi eminyakeni emithathu ezayo.

Ngokusebenzisana nabosomabhizinisi nezisebenzi, sizokwakha amasu abalulekile masishane lapho angekho khona, njengemboni yezimbiwa kanye nokuguqula okumbiweyo kube ngubucwebecwebe, kube yizinto ezingasetshenziswa ngabantu zibaqhube isikhathi eside, zibe yimpahla okungahwetshwa ngazo ngamabhizinisi asemancane, ezimbonini zokwakha nezokuqamba izinto, nezokulima.

Ngithanda ukugqizelela ukuthi sizimisele ukuphasa imboni yezimoto ngakoke sizoqinisekisa ukuthi usizo olunikezwa lemboni wuhlelo lokuthuthukisa imboni yezimoto luyaqhubeka.

Kwezomnotho eziphathelene nezwelonke sizoqhubeka sakhe isimo eselekelela ukukhulisa umnotho nentuthuko kuze sinciphise ukuthembela kwamanye amazwe.

Ukuze senze uhlelo lokwakha izakhiwo esizisebenzisayo siyizwe lusheshe, sizoqedelela ukuqamba isu lethu lezakhiwo esizisebenzisayo siyizwe sigqizelele ekongeni amandla kagesi. Loku kufaka phakathi ukuhlanganisa izinhlelo zemisebenzi kahulumeni, nezokuthutha, namaphiyiphi ahambisa amandla, zolwazi nezokuthintana, imigwaqo, amanzi nogesi singakhohlwa ukuthi sizibeka endaweni enjani noma ekude kangakanani.

Okungunyombo wawo onke lamasu ethu ngezolwazi nezokuthintana ngoba ziyasiza ukuthi kukhulunyiswane kanti zizimele zodwa futhi. Kulomnyaka sizoqedelela ukunikeza ilayisensi kubakwa Infraco ukuze baqale basebenze. Isikhona imali ebekiwe ukuze bakwa Sentech bakwazi ukusinikeza inthaneti engadingi ukusetshenziswa kwazintambo zikagesi. Sizosebenzisana nohulumeni bakwamanye amazwe ukuze kufakwe izintambo zikagesi ngaphansi kolwandle.

Sizimisele ukusakaza ngomabonakude osebenzisa isayensi ethile engcono ku 50% wabantu baseNingizimu Africa ungakapheli lomnyaka. Lomsebenzi uzohambisana nalowo wokwakha isu lokubumbezela amabhokisi abizwa ngokuthi pheqelezi amaSet Top okungumsebenzi ozoqedwa phakathi kwalomnyaka.

Siyavuma ukuthi umsebenzi wokuqhuba izicelo zokutshala izimali mayelana nokuthenga umhlaba, nezakhiwo esizisebenzisayo siyizwe, nezinhlolo zokuthi imvelo izophazamiseka kanjani uma kwakhiwa, uhambisa okonyawo lonywabu kangangoba abatshali zimali abanye bayadangala bayekele bangabe basazitshala izimali zabo, sithethe isinqumo ngomoyo wenqubo engajwayelekile, sokwakha indawo lapho abatshali zimali bangasheyela khona ucingo ukuze bathole ukuthi sekusetshenzwe kwafikwaphi. Lomsebenzi usuqalisiwe.

kulemisebenzi kahulumeni okumele yenziwe ngaphambi kweminye sizoqondisa ekuthuthukiseni amakhono okwenza umsebenzi. Umsebenzi wokubuyekeza uhlelo lokuthuthukisa amakhono abantu kazwelonke luzoqedwa kulomnyaka, kanti uhlelo lukahulumeni, nabasebenzi, nosomabhizinisi kanye nezikolo zemfundo ephakeme olwenziwa ngaphansi kwe JIPSA luzophuthunyiswa.

Sibonga umdlandla okhonjiswa ngosomabhizinisi bangasese wokusiza ngokufundisa abasebezi amakhono emisebenzi njengoba sibona kwenziwa ngabaphathi bezinkampani ezingu 70 ezinkulu ezibhaliswe eGoli lapho kuhwetshwa khona ngamasheya ezinkampani (e JSE).

Ngaphezu kwalomsebenzi kulezinsuku ezizayo sizofaka omunye umfutho kumakolishi ezenfundo nakumaSETA, izikole ezisezinqamini ezingaphansi kwezinhlanu ukuze zingasakhokhisi imali yesikole nabaqedile enyuvesi bafunde umsebenzi besebenza.

Uma siqeda ukulungisa ubuthakathaka ohlelweni lwemfundewni yabadala obatholakala ngomnyaka odlule, sizoqala umkhankaso wokufundisa abantu kulenyanga obizwa ngokuthi yi Kha Ri Gude. Sizofundisa nalabo abazabe befundisa abanye abangu 300, 000 ngo 2008.

Nkosazana, mongameli wephalamende nomgcini sihlalo;

Okubalulekile ezinhlelweni zethu zomnotho wukuthi sibheke ukuthi siyabasiza yini abantu baseNingizimu Afrika ngoba ziyisikhali sethu sokulwa nobumpofu nokuthi sifinyelele emigomeni yethu yokunciphisa ukweswelakala kwemisebenzi nokutholakala kwempilo engcono yethu sonke.

Ohlelweni lokutholela abantu izindawo zokuhlala, sesiyakwazi ukunikeza abantu izindlu ezingu 260 000 ngonyaka, sesenziwe isivumelwano nenhlangano yohulumeni basekhaya yaseNingizimu Africa (SALGA), ukuthi bangasathengisi amabala ukuze asetshenziselwe uhlelo lokwakhela abantu izindlu.

Okunye esikwenzayo okuhambelana nokunciphisa ubumpofu, siyaqhubeka silwa nobuthakathaka obuningi, phinde siqube ukusebenza komthetho wokusetshenziswa komhlaba, nokubuyiselwa kwemihlaba yabantu kubanikazi, nokulekelela labo abathenge umhlaba, nokufezekisa uhlelo lokuthuthukisa izindawo ezisemaphandleni.

Yizo izinhlelo esizozisebenza kulomnyaka siqinisekise ukuthi sifinyelela emigomeni esizibekele yona.

Omunye Umsebenzi Omqoka kulemisebenzi okumele yenziwe ngaphambi kweminye wukukhulisa uhlelo nesu lokulwa nobumpofu sibhekise ebantwini abaqindezeleke kakhulu. Sikhuluma ngabantwana, abesifazane, intsha, abantu abahlala emaphandleni, nabahlala emikhukhwini emadolobheni, abantu abakhubazekile, nabantu abaphethwe yizifo ezingelapheki, nabantu abadala.

Izinto okumele zenziwe wuhlelo olunwetshiwe lwemisebenzi kahulumeni, nokufaka imali ukuze kwakhiwe imisebenzi, ukukhulisa indlela abantu abafuna imisebenzi ngayo, ukuthuthukisa imfundo, ukuthuthukisa indlela abantu banikezwa izinfanelo zabo ezindaweni zabo, ukusiza imindeni empofu, ukuqinisekisa ukuthi izinhlangano ezilekelela abesifazane zisebenza ngendlela efanele. Izinhlelo zabesifazane zizohlolisiswa ukuze kuthuthukiswe indlela abesifazane banikezwa ngayo amandla okuziphilisa.

Izingane ezineminyaka engaphezu kwengu 14 ezisenkingeni asingeke sizikhohlwe, sisafuna indlela esingazelekelela ngayo.

Siyavumelana sonke ukuthi abampofu angeke balinde izinhlelo, nezinkulumo, nemihlangano, naloku zibalulekile. Seziningi izinto uhulumeni azenzayo noma zingeneli nje. Ngomoya weNqubo Engajwayelekile, uhulumeni uzimisele ukuthi enze umkhankaso wokuhambe afuna imindeni nabantu abahluphekile abese uyabasiza.

Ukuze siqhube lomsebenzi sizodinga ikamelo lempi likazwelonke elizosebenza ukulwa nobumpofu lihlanganise amagatsha kahulumeni elintuthuko kwezenhlalakahle, ohulumeni basekhaya nabezifundazwe, igatsha lezohwebo nezimboni, lezolimo nomhlaba, imisebenzi kahulumeni, lezempilo, nabaphathi bezasekhaya nabezifundazwe abazosebenzisana nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, nabosomabhizinisi ukuze kutholakale izidingo zemindeni ethile bese iyalekelelwa masishane.

Kulomnyaka sizosebenzana nezinye izinto ezibaluleke kakhulu ekulweni nobumpofu ukuze kuthuthukiswe ezenhlalakahle nezomnotho. Nazi ziyalandela:

* siphangisise ukutholakala nokusetshenziswa komhlaba, senze ukuthi izinhlelo zokulekelela abalimi zibe ngcono, nokunikeza imindeni ukudla, nokunikeza inhlangano i MAFISA imali eyenele yokuboleka abalimi imali. Kuzobhekisiswa ezindaweni lapho abantu bahlala emafamu khona nalapho abantu baxoshwa kakhulu khona emafamu, kanti sizimisele ukuthuthukisa abosomabhizinisi abamnyama amahweba ngezolimo ngo 5% ngomnyaka, nokuqwaninga ngomhlaba kuzophuthunyiswa;

* iBajeti izokhulisa imali yokwelekelela kwezenhlalakahle ngokuthi iminyaka yokutholakala kwempesheni yabadala kahulumeni izolinganiswa ibe ngu 60, izuzise abesilisa abanguhafu wesigidi;

* ukukhulisa imizamo esiyiqaliwe yokwelekelela izinhlangano zobambiswano namabhizinisi amancane ikakhulu awabesifazane, ngokubafundisa ngebhizinisi, nokubatholela lapho bangathengisa khona izimpahla zabo;

* ukuthuthukisa uhlelo lokwelekelela intsha kazwelonke sifake phakathi nokungeza ukuqaswha kwasotsha ohlelweni lokuthuthukisa amakhono amasotsha lombutho wamasotsha aseNingizimu Afrika (SANDF) kusuke ku 4 000 kuye ku 10 000. Imali engango R70 million isinikezwe i SANDF ukuthi baqalise ukukhuphula loluhlelo;

* ukukhulisa uhlelo olunwetshiwe lwemisebenzi kahulumeni oseludlulile enanini ebelibekiwe okukhombisa ukuthi lusenomthamo wokumukela abanye. Kuzothathwa intsha eningi ngaphansi kwalohlelo ukuze bagcine izakhiwo esizisebenzisayo siyisizwe, inani labantwana ababhaliswayo ohlelweni lwentuthuko yabantwana lizophindwa kabili luye ku 600 000 ezindaweni ezingu 1 000 lapho kunabafundisi babantwana abaqeqeshiwe, nabaqashiwe abangu 3 500. Konke loku kukhulisa inani labantu abagcina izingane. Imali engango R1 billion izobekelwa eqeleni ukuthuthukisa uhlelo olunwetshiwe lwemisebenzi kahulumeni; okokugcina;

* ukuqala uhlelo lokukhetha ukuthi uhulumeni uthenga kubani nje ngakosomabhizinisi abasakhasayo, nabasemkhathini,nabancane nokubeka izinhlelo zokuthi uma uhulumeni ethenge kosomabhizinisi abancane asheshe abakhokhele zingakapheli izinsuku ezingu 30.

Sizokhulisa, sihlanganise izinhlelo zokuthuthukisa izindawo zokuhlala abantu, siphangisise ukutholakala kwamanzi, nokuthuthwa kwendle, nogesi, ukuze uma kufika u 2014, asithole sinezindawo ezihloniphekile zokuhlala abantu ezitholwa yimindeni yonke.

Ukuphangisisa ukusondela kwethu emigomeni yethu yempilo engcono kawonke-wonke sizowenza njengesiphakamiso uhlelo lukazwelonke lokulwa negciwane le HIV nengqulase (AIDS). Kuwo lomnyaka sifuna ukunciphisa abantu abayekela uhlelo lwesifo sofuba iTB kusuka ku 10% kuya ku 7%, sifundise abasebenzi bezempilo abangaphezu kwe 3 000 ukuze beluse lesisifo, siphinde siqinisekise ukuthi abantu abaphethwe yisifo sofuba esehlula amakhambi athile bathola ukwelashwa.

Sizimisele ukuqedelela umsebenzi wokulondolozeka kwezenhlalakahle ukuze abantu bazuze ngokukhulumisana nabononhlalakahle.

Njengoba sihlanganisa imizamo yethu silindela iNqubo Engajwayelekile kumele sigqile ekukhulumisaneni siyisizwe ngezindaba ezisakhayo thina sonke.

Ezimbili zalezondaba zidinga ukuthi ngikhulume ngazo.

Eyokuqala yisiphakamiso sokuthi kumele siqambe isifungo esizolandwa ngabafundi esikoleni ekuseni uma bahlangana, kanye nesithembiso sentsha esizobonga sihloniphe ukulunga kokuziphatha kwabantu nokubumbana kwethu singabantu baseNingizimu Afrika. Ungqongqoshe weZemfundo uzokwanda ngalesisifungo iviki elizayo ngenkathi yenkulumo-mpikiswano ephalamende.

Eyesibili ngeyokwetha izindawo zethu amagama edinga uhlelo okuvunyelwene ngalo kuzo zonke izifundazwe ukuze sakhe isisekelo sezinguquko. Loluhlelo okuvunyelwene ngalo sizoliqalise masishane sizoholwa yikhanseli yokwetha amagama yaseNingizimu Afrika kanye nekomidi yizifundazwe.

Nkosazana, mongameli wephalamende nomgcini sihlalo,

Ngenkathi sikhulume ngedaba yobugebengu ephalamende ngonyaka odlule, sonke sazwakalisa ukukhathazeka ngezinga lobugebengu kanye nokuthi ubugebengu bokubulalana buyanda soloku sathola umbuso wentando yeningi.

Ngomnyaka odlule sikhulumisane nabosomabhizinisi, nezinye izinhlangothi zesizwe, ukuze sithole ikhambi elingamela sonke lokwakha kabusha indlela izinkantolo zethu zisebenza ngayo.

Ngomoya wenqubo engajwayelekile, isigungu sikahulumeni sivumelene ukuthi kuzoba nezinguquko ekusebenzeni kwezinkantolo zethu ukze zibe ngezintsha, ngezesimanje-manje, sisebenze ngendlela eyiyo. Kuzokwakhiwa ikomidi elizohlanganisa liphathe imisebenzi yezinkantolo kuzozonke izigaba kusukela kwezasekhaya kuya kwezezwelonke, lihlanganise amajaji, nezimantshi, namaphoyisa, nabashushisi, nabezamajele, nabebhodi yomthetho abamela abantu abangenamali kanye nabamaphoyisa omphakathi
Njengoba abahlonishwa bazi, ezinye zalezinhlelo seziqalisile, kodwa sinethemba lokuthi uma zingaqhutshwa ngokubambisana nokwelekelelana, amandla azo azoba makhulu ekulweni nobugebengu. Iviyo likangqongqoshe wokuqhutshwa komthetho, nabasebenza ukuvikela ubugebengu nabokulondolozeka bazokwanda ngaloludaba ngeviki elizayo.

Kulomnyaka sizosebenza umthetho osavivinywa wokuguqula ukusebenza kwamajaji, sizokhulumisana namajaji kanye nezimantshi, siqedelele isu lokugcina nokulondoloza imincele yethu, sivuselele isivumelwano sabantu abahlukubezekile ngenxa yobugebengu, siqondise kulabo abangaqalisi ukwenza ubugebengu siqhubeke senze njengesivumelwano nezincomo zekhomishane yeqiniso nokuxolelana.

Sifuna ukuqhubeka silwe nobugebengu obuhleliwe, sifezekise izincomo zikakhomishane kaKhampepe ekusebenzeni kwehhovisi lemisebenzi esipesheli yokulwa nobugebengu, kuzothi ekupheleni kwenyanga kaMashi kulomnyaka sizokhulumisana nephalamendi ukuze kwakhiwe umthetho ozosinqeda ukulwa nobugebengu obuhleliwe.

Sizoqhubeka sifune ulwazi njengoba sithatha lesisinyathelo sokuzinikela kukahulumeni ekulweni nobugebengu sithuthukise nendlela esiphatha ngayo lomsebenzi nokuhlanganisa izinhlangano zethu zokugcina umthetho.

Okubaluleke kakhulu, impumelelo yethu ekulweni nobugebengu isekusebenzisaneni phakathi kwethu sonke njengabantu abathobela umthetho, sinikwa ugqozi yintshisekelo yokuthobela umthetho, ukuhlonipha amajaji ethu, nokufuna amalungelo abantu alinganayo esiqguqguzelwa ngumthetho-sisekelo wethu ukuthi siwuthobele.

Malungu ahloniphekile;

Sizoqhubeka kulomnyaka ngemizamo yokuthuthukisa izinkambo zikahulumeni ukuze sefezekise izithembiso zethu kuzakhamuzi. Umoya weNqubo Engajwayelekile awusimboze sonke esinenhlanhla yokuba yizisebenzi zikahulumeni.

Kunemisebenzi elula kodwa ebalulekile esizoyenza njengemizamo yokuthuthukisa ukuhleleka namandla okusebenza kukahulumeni.

Okokuqala kuvunyelwene kuhulumeni wonkana izikhala zomsebenzi zivalwe kungakapheli izinyanga eziyisithupha zivulekile. Igatsha elisebenza ngezindaba zomphakathi nokuphathwa kwazo lizophoyisa lesisinqumo ukuthi ngabe siyalandelwa yini.

Okwesibili njalo ngenyanga ka Meyi minyaka yonke (ezinyangeni ezimbili uqalile umnyaka wezimali kohulumeni basekhaya) bonke omenijeni abakhulu kufuneka babe sebangesine izivumelwano zokusebenza kwabo nabaphathi babo. Igatsha elisebenza ngezindaba zomphakathi nokuphathwa kwazo lizophoyisa lesisinqumo ukuthi ngabe siyalandelwa yini
Okwesithathu, siyazi ukuthi igatsha lezindaba zasekhaya lithinta impilo yezakhamuzi zonke, sizofaka umfutho ukuthi imisebenzi yabo ithathe isikhathi esifanele noma esiyiso njengokuvumelana kwesigungu sikahulumeni. Kuzothuthukiswa isayensi yolwazi, ukufundiswa kwezisebenzi izindlela ezingcono zokusebenza, kukhishwe abantu abakhohlakele, kuqaliswe umsebenzi womazisi omusha wekhadi.

Ukuthuthuka kwezinga lomsebenzi kahulumeni kuya ngokuthi abaholi nabimenijeni abakhulu bawenza kahle yini umsebenzi wabo. Kubaluleke kakhulu ukuthi kukhuliswe ukuzinikela kwabasebenzi bakahulumeni emsebenzini wabo. Lona ngumsebenzi wabaholi, nabasebenzi qobo lwabo kanye namanyunyane.

Sizosebenzisana namanyunyane ezisebenzi zikahulumeni, sibize umhlangano omkhulu ukuze kukhulunyiswane ngayo yonke into ukuze umoya wa “Abantu kuqala” ungavungaza njalo uma kwenziwa umsebenzi kahulumeni.

Sizobambisana nabalingani bethu kulelohlangothi sizoqinisekisa ukuthi ungakapheli lomnyaka uhlelo lwesibili lukazwelonke lokuNgeZwani Nenkohlakalo luyamukelwa nokuthi uhlelo lokwenza okwavunyelwana ngalo nabosomabhizinisi luyenziwe. Esigabeni sohulumeni basekhaya sizokwelekelela omasipala abangu 150 bokuqala ukwakha uhlelo lokuNgeZwani Nenkohlakalo.

Sizoqhubeka kulomnyaka ukufaka umfutho ukukhulisa ithamo nokuqinisa amandla okwenza umsebenzi kohulumeni basekhaya ngokulandela isivumelwano seminyaka emihlanu sohulumeni basekhaya. AbakwaSALGA bavumile ukukhipha umbiko njalo ngekota ukuze kweluswe loluhlelo.

Ukuze kuthuthukiswe umsebenzi owenzelwa ababuthakathaka njengabantu abadala, abesifazane, nentsha, sizobuyekeza amakomidi anikezwe lomsebenzi sifune izindlela ezingcono zokusebenza, loku kuzofaka phakathi namakomidi kahulumeni ikakhulu lawo abhekene nentuthuko yentsha nokunikeza intsha amandla okuzimela.

Iningi lezinkinga zethu zibangwa wubuthakathaka ekuhleleni imisebenzi yethu. Ngakoke njengenxenye yemisebenzi okumele yenziwe ngaphambi kweminye, esikhathini esizayo, sizoqedelela umsebenzi wokusiza uhulumeni akwazi ukuhlela ngokwemfanelo yonke imisebenzi yakhe.

Malungu ahloniphekile;

Uhlelo esikhulume ngalo lufaka phakathi izibopho izwe lethu elivumelane ngalo nabaholi bezwekazi laseAfrika ngesivumelwano sokuhlolisisana kwabalingani baseAfrika okuthiwa pheqelezi yi (African Peer Review Mechanism).

Sizoqondisa, ekuqhubekiseni izindaba zase-Afrika, ekuqiniseni izinhlangano zase-Afrika nje ngenhlangano yobumbano lweAfrika kanye nohlelo lwayo lwentuthuko iNepad.

Loku sizokwenza sinikwa ugqozi yintshisekelo yethu sonke bezwekazi laseAfrika lobumbano sifuna ukuhlangana siyiAfrika esigabeni zonke. Isinyathelo esibalulekile ukuhlanganiswa kwezinhlangano zezifunda nemisebenzi ehlose ukuthola ubumbano lwezifundazwe.

Siyaqhubeka ngokuzinikela ekuhwebeni okukhululekile endaweni yomphakathi wentuthuko yaseNingizimu Afrika (SADC) kanti sethemba ukusebenzisa ubusihlalo bethu balenhlangano ngo2008/2009 ukuthi sifezekise izifiso zethu.

Sizoqhubeka nokukhulumisana namazwe angabomakhelwane sibabili noma sibaningi kanye nenhlangano yobumbano yaseYuropu siholwa yinhlangano yobumbano lweAfrika (AU) ukuze siqinisekise ukuthi izivumelwano zobambiswano kwezomnotho ziyaqedelelwa masishane ukuze siphangisise intuthuko yesifunda sethu.

Kulomnyaka odlule sifezekise izifiso zeSADC ukwelekelela abalingani bethu eZimbabwe ukuthola ikhambi ezinkingeni ebebhekene nazo. Sibe nethuba emhlanganweni we AU eAddis Ababa ukubeka umbiko ngokomthetho kubaholi beSADC ngaloludaba.

Kafushane, amaqembu akhulumisanayo afike asivumelwaneni esigcwele kuzo zonke izindaba ezibalulekile. Loku kufaka phakathi izindaba ezimayelana nomthetho-sisekelo, ukulondolozeka, imithetho yokusakaza neyokhetho, nezinye izindaba ababephikisana ngazo iminyaka eminingi. Imithetho emayelana nezinkinga zabo isivunyiwe yiphalamende yabo kanye noshintsho kumthetho-sisekelo wabo. Okusele yindlela yokuthi bazowungenisa kanjani, nokuthi bazowungenisa nini omthetho-sisekelo abavumelene ngawo.

Sihlanganyela nabaholi beSADC nohulumeni ekubongiseni amaqembu akhulumisanayo eZimbabwe kulempumelelo engaka siphinde sibaqguqgizele ukuthi baqhubeke basebenzisane ukuqubungula izinkinga ezisele. Njengokucela kwabaholi beSADC nohulumeni sizazimisele ukwelekelela ezinkulumeni zase-Zimbabwe. Ngasikhathi sinye sifisela abantu baseZimbabwe impumelelo okhethweni labo olubekelwe umhlaka 29 Mashi.

Ubudlelwano bethu obunamagatsha amaningi nezwe laseDemocratic Republic of Congo buzoqhubeka njengoba siqhubeka sifuna ukwelekelela emizameni yabantu balelozwe yokuthola ikhambi lokuthula baqale ngohlelo lwabo lokwakha nokuthuthukisa izwe labo.

Uhulumeni wethu uzohlala abhekile ukuthi kwenzekani eKenya, eChad, eBurundi, eDarfur eSudan, entshonalanga Sahara, e Cōte d'Ivoire, eSomalia, eComoros naseCentral African Republic ukuze bathole ukuthula nokusimama.

Sikhathazeke kakhulu ngokubulalana bobuwula obenzeka eKenya naseChad, izinto ezenza ukuthi intuthuko esesiyenzile eminyakeni edlule ingasabonakali mayelana nokuvuselela kwezwekazi laseAfrika. Sicela onke amaqabane aseAfrka enze okusemandleni ewo ngokubambisana ukuze simise lezinto ezimbi ezenzekayo.

Sizoqubeka nomsebenzi wethu kwikhansela yokulondolozeka yakwamhlabuhlangene. Okubalulekile lapha, wukuqinisa ukusebenzisana phakathi kwekhansela yokulondolozeka yakwamhlabuhlangene kanye nekhansela yoxolo nokulondolozeka yobumbano lweAfrika.

Ngokuqhutshelwa phambili yisifiso sokuqhuba intuthuko nokwenza izimpilo zabantu zibengcono, ikakhulu emazweni asathuthuka, sizoqhubeka siqinise ukudlala indima ebalulekile enkundleni ye India-Brazil-South Africa, nohlelo lobudlelwano beAfrika neAsia, nenhlangano yamazwe angathathi masayidi, neqembu labangu 77, nezinkulumo zokuqedelela isivumelwano sekuhwebelana kwe SACU-Mercusor.

Sizoqhubeka sizama ukuphosela ilitshe esivivaneni ukuze izinhloso sesivumelwano zase-Kyoto ngokuguquka kwesimo sezulu ziphumelele, nokugqugquzela inqubekela phambili yezinkulumo ze WTO eDoha.

Kulomnyaka sigubha unyaka weshumi saqamba ubudlelwano belizwe laseNingizimu Afrika nelizwe laseshayina. Ukuvumbuka kobudlelwano ezindaweni eziningi phakathi kohulumeni bethu nabantu bakhona kunikeza ubufakazi bokuthi ubudlelwano beshayina neNingizimu Afrika bokukhula nentuthuko ngobuhle impela lapho kuzuza bonke abantu esifuna ukuthi buqine bube namandla.

Ngomnyaka ozayo, iNingizimu Afrika izomukela izivakashi ezizothamela umhlangano wokubukeza, ukuze kuhlolisiswe ukuthi izinqumo ezathathwa, emhlanganweni wokukhombisa ukungahambelani nobandlululo owabanjelwa lapha kuleli ngo 2004, ziyenziwa yini. Nginethemba lokuthi ohulumeni nabantu bomhlaba ngokuzonda ububi bobandlululo nokubona ukhukhulelangoqo obangwa wubandlululo, bazosebenzisana nathi ekuqinisekiseni ukuthi lomhlangano wokubukeza, ufinyelela enhlosweni yawo.

Lezizibopho zomhlaba wonke kanye nokugunyazwa ukuthi sibambe umncintiswano webhola wendebe yomhlaba kaFIFA kuchaza sobala ukuthi abantu bomhlaba bayalethemba izwe lethu njengelidlala indima ekwenzeni izinto ezinhle mhlaba wonke jikelele. Kodwa singazithathi kalula lezizinto.

Nginethemba lokuthi ngaphansi kobuholi bekhansela yokuthengisa yokuhweba nokutshalwa kwezimali yaseNingizimu Afrika i (TISA) inhlangano yezokuvakasha yaseNingizimu Afrika nezinye izinhlangano, sizohlanganisa amakhanda sitshele umhlaba wonke ngenqubo engajwayelekile, nokuqhubeka kwethu sakhe umphakathi onakekelayo nokwakha isimo sokuthi umhlaba jikelele ungeza uzogubha ubuntu baseAfrika ngo 2010.

Nkosazana, mongameli wephalamende nomngcini sihlalo, kanye namalungu ahloniphekile;

Singikusho konke engikukhulumile, ngibuyela emuva kumbuzo othi: siyini isimo sezwe lethu njengoba singena kunyaka ka 2008!

Engikwaziyo nengikusho ngesibindi wukuthi: noma sihaqwe yizinkinga okwamanje, sisesendleleni eya ekuphumeleleni!

Loku ngikusho ngesibindi esikhulu ngoba nginesiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika inekhono nokuzimisela kokubhekana nalezinkinga zomlando. Sokhiphe lonke unyawo, sibhekane nobunzima obusiphazamisayo nalobo ebumayelana nomnotho, nosimo sezombusazwe nezomnotho eAfrika, nakwezinye izindawo emhlabeni, sithatha lamathuba esiwanikezwe yimpumelelo yezwe lethu eminyakeni eyishuminane eyedlule siwasebenzise.

Ngezandla zethu zibambelele emkhunjini, sizimisele ukuqhubeka nempilo yethu ngendlela engajwayelekile nephumelelayo, sizakugcina inkambiso yokwakha nentuthuko siyise ezigabeni ezingaphezulu.

Ngiyabonga.

Issued by: The Presidency

Share this page

Similar categories to explore