Inkulumo Kamongameli Wase Ningizimu Afrika Yesimo Sezwe, Thabo Mbeki: Ukuhlangana Kwezindlu Zonke Zephalamende

9 Unhlolanja 2007

Nkosazana, mongameli wephalamende
Sihlalo jikelele womkhandlu wamaphrovinsi
Phini likamongameli wephalamende kanye nephini lika Sihlalo jikelele womkhandlu wamaphrovinsi
Phini likaMongameli waseMzansi Afrika
Baholi abahloniphekileyo bezinhlangano zombusazwe kanye nabonokuhlonishwa abangamalungu ephalamende
Bongqongqoshe bakahulumeni kanye namaphini abo
Jaji elikhulu elithandekayo kanye namalungu ebandla lakho
Baphathi bomkhandlu wokulondeka kwethu
Lusibalikhulu lwebhange elondoloza izimali zezwe lethu
Mongameli Nelson Mandela kanye nonkosikazi Graca Machel
Mongameli F W de Klerk kanye nonkosikazi Elita de Klerk
Bondunankulu bamaphrovinsi abaphakemeyo kanye nezikhulumi zabo
Baphathi madolobha kanye nabaholi bohulumeni basekhaya
Baholi bemvelo abahloniphekileyo
Baphathi bezinhlelo ezisekela isimiso somthetho wethu wombuso wentando yeningi
Baqondisi jikelele kanye nabanye abaholi bezinhlelo zikahulumeni
Bahlonishwa, manxusa kanye nabokhomishane abakhulu
Zivakashi eziphakemeyo, bangani kanye nanimaqabane
Bantu baseningizImu Afrika

Ngenkathi eshona, besazi ukuthi umama uAdelaide Tambo wayesanda kudedelwa esibhedlela. Kodwa-ke sasiphindesazi ukuthi wayenomoya wempikelelo nesifiso esikhulu sokuqhubeka aphile phakathi kwethu. Besinenhloso yokumamukela kanye namalungu omndeni wakhe njengezivakashi zethu kulomcimbi kwenyanga kaNcwaba, kodwa-ke akuzange kubenjalo.

Kusasa sizakumvalelisa okokugcina uma simbela isidumbu sakhe. Ngakho-ke uzakuba nathi ngokomoya ngenyanga kaMfumfu kulomnyaka uma sigubha usuku lokuzalwa lomyeni wakhe lwamashumi ayishiyagalolunye, ubaba wezingane zakhe, umhlobo wakhe, iqabane lakhe nendodana edumileyo yesizwe sethu, uOliver, Reginald Tambo. Soyaphinda futhi siyabaduduza abakwaTambo.

Kanti-ke kungithokozisa kakhulu ukuthi ngamukele umama umhlonishwa Albertina Luthuli okhona lapha phakathi kwethu ekuseni nje. Lona uyindodakazi kaNkosi Albert Luthuli owaba ngowokuqala ukwamukela umqhele wokugqugquzela ukuthula emhlabeni jikelele. Ukufa kabuhlungu kuka Nkosi Luthuli eminyakeni engamashumi amane adlulile, kukhunjulwe ngawo lomnyaka, kwakukhunjulwa usizi lwalelolanga uma saziswa ukuthi wachifizwa yisitimela emasimini omoba kwaDukuza. Ukufa kwakhe kwakuyomfihlakalo kanti futhi kwahlasimulisa umzimba, kodwa-ke impilo yakhe kwakuyisibonelo esihle esasiholela kulenkululeko esiyithokozelayo namhlanje.

Ngiyaziqhayisa kakhulu ngokuthi iNingizimu Afrika ekhululekileyo ibenomqondo ohluzekile wokubonga okwenziwa nguAlbert Luthuli no Oliver Tambo ezweni lethu ngukwetha izimiselo ezimbili zikazwelonke ngawo lamaqhawe - Isimiselo sikaLuthuli nesimiselo sabahlobo baka O. R. Tambo. Ngiyazi futhi nokuziqhayisa kwalabo abamukelwe kuzo lezimiselo eziphakemeyo zikazwelonke.

Kungithokozisa kakhulu ukwamukela ezindlini zephalamende labo abadlala indima ngo 1956 uma abomama bekhononela odompasi, nalabo ababekhona uma kuvukelwa umbuso wamabhunu ngo 1976 abahlezi endaweni elungiselwe umongameli. Ngi ngakhohlwa omashanhliziyo zezwe lakithi eziphakemeyo eziphuma kuwo wonke amaphrovinsi ngokukhethwa yizikhulumi zamaphrovinsi ukuthi bahlanganyele nezivakashi ezimqoka eziphakathi kwethu.

Uhulumeni wabantu baseNingizimu Afrika engibakhulumelayo lapha namhlanje, njengoba ngabusiswa ukuthi ngenze njalo eminyakeni adlulile wabunjwa ngonyaka ka 2004 emva kokhetho olwenzeka ngalowomnyaka.

Embizweni eyenzeka njalo ngonyaka, ngenyanga ka Masingana, isigungu sikahulumeni wezwe lonke, esisesiqongweni sombuso, sithole isikhathi sokuzindla ngukuthi umhlangano waso uqopha ukuthi sekusemkhathini lohulumeni abusa soloku akhethwa ngonyaka ka 2004. Angisho bakithi ukuthi thina sizithola sinenhlanhla yokuthi sihole lesigungu.

Ekuzwisiseni loku, kubonakele kulungile ukuthi sizibuze lombuzo - ikhona yini inqubekela-phambili esiyenzile ekuhlwayeni ukufezekisa izinhloso esatshela umphakathi ukuthi sizakuzifeza? Ngalezithembiso esazenza, abantu bakithi basinika igunya lokubusa izwe lethu kusukela ngonyaka ka 2004 kuze kufike isikhathi sokhetho olulandelayo ngonyaka ka 2009.

Ngemvume yenu, ngingathanda ukuthi ngubuyele emuva nginikhumbuze ukuthi sathini ngonyaka ka 2004, njengababhekeli besizwe, nangaphambi kwezihlobo zethu ezivela kwamanye amazwe, sihlangane endaweni yokuhlanganela kukahulumeni eUnion Building eTshwane ngelanga lenkululeko, ngosuku lokukhumbula inkululeko yethu yomnyaka weshumi, kanti futhi sahlanganyela nesizwe sibeka umongameli wokuqala embusweni wantando yeningi, owayeqokwe yiphalamende lethu, ngokuhlonishwa kwentshisekelo yesizwe okwakhonjiswa ngokhetho luka 2004.

Ngalolosuku, sathi:

“Sekuyisikhathi eside izwe lethu liqukethe ngaphakathi kwalo, kanti futhi lisebenzela okubi nokunyanyekayo emphakathini....

Bokuyindawo lapho uthola ukuthi uma uzelwe wabansundu, uzuze ifa lesiqalekiso sempilo yakho yonke, uma uzelwe wabamhlophe, bowuthwele ukwesaba nentukuthelo efihliweyo...

Bokuyindawo lapho ukungcola, iphunga lobumpofu, indle ehamba ebaleni, imbucumbucu yokubola, izixuku ezigcwele usizi, izwe elibanzi elisakazwe ngenfucumfucu budlabha, lendawo ibukela kanti futhi yengezela ubuhle belinye izwe elinezindlela ezicolile, nezimbali eziqhakazile ziphazamise ubuluhlaza botshani obuhlabelelayo, nezinyoni, nezindlu ezilungele amakhosi nezindlovukazi, nomculo omtoti kanye nothando.

Bokuyindawo lapho ukuhlala endaweni ethize kuwukuzibizela abanye ukuthi bakugqweleze, noma ukuphendula umphangi, lapho abomakhelwane bazokugqilazwa wutshwala nezidakwamizwa ukuze bangabuzwa ubuhlungu bokuphila, abantu abaziyo ukuthi impilo yabo ingeke ijwayeleke uma kungekho ukubulalana phakathi kwabo, ukudlwengulana kanye nezimpi zonya phakathi kwabo ngaphandle kwezizathu eziphilayo.

Bokuyindawo lapho kukhomba ukuthi uma uhlala kwezinye izigodi ezithize kuwukuhlala ngokuphepha, ngoba ukuphepha kusho ukubiyelwa ngamabonda aphakeme, ucingo olunogesi, izinja ezigadile, amaphoyisa aqhaphile, kanye namasotsha alungele ukuvikela labo abangobasi bethu ngezibhamu, nezibhamu eziqhoywe kogandaganda, namabhanoyi azonisa imvula yokufa kulabo abaphazamisa obasi...

“Sihlangene lapha namhlanje, ngosuku lwenkululeko, ngoba ngokuhamba kwesikhathi abantu bethu, kanye nezinkulungwane zezinkulungwane zabantu mhlaba wonke, abangamaqabane ethu empini, abamelwe yizivakashi zethu eziphakemeyo, banqume ukuthi - “Akuphele konke loku”

“Kuyasikhuthaza ukuthi ukhetho lwethu olwenzeke amaviki amabili adlulile, lunike isiqiniseko sokuzimisela kwabantu bethu, ngaphandle kokukhetha ibala, nohlobo lomuntu lokusebenzisana ekwakheni iNingizimu Afrika elandela iphupho labo bonke abantu elifanayo.

Izinkinga ezisihaqile zenhlalakahle yabantu azingeke zisombululwe uma singeke sidale amathuba emisebenzi, nokuhliswa noma ukuqedwa kobumpofu phakathi kwethu. Loku kuhambelana nokuthuthukiswa kwezimpilo zabantu, nokwehliswa kwezinga lobugebengu, ukufundiswa kwabantu ukubala nokubhala, kanye nokuvula amasango okufunda namasiko kawonkewonke..
“siyanethembisa nonke maqhawe namaqhawekazi ethu enazinikela ukuze sithole inkululeko, kanye nani bangane bethu abavela kwamanye amazwe, singeke sidazulule ithemba enilibeke kithina ngenkathi niselekelela ukuthi siguqule iNingizimu Afrika ukuze ibe ngumbuso wentando yeningi, izwe loxolo, lapho kungabandlululwana ngebala lesikhumba, nangobulili, izwe elinenqubekela phambili, elizinikele entshisekelweni yobumbano lwabantu.

“Umsebenzi wokwakha leyoNingizimu Afrika usuqalile. Lowomsebenzi uzakuqhubeka kulishumi leminyaka lesibili lenkululeko yethu”.

Eminyakeni engamashumi amahlanu adlulile, ngenkathi balungisela umhlangano omkhulu wabantu owamukela incwadi yemvume yenkululeko, omashanhliziyo zangalezonsuku zathi “Asikhulumeni sonke kanye-kanye, ama-Afrika, bangaphesheya eYurophu, amaNdiya namaKhaladi, bonke abantu base Ningizimu Afrika, asikhulumeni sonke sikhulumele inkululeko, sikhulumele nenjabulo engalethwa wukuthi abantu bahlale ezweni elikhululekile.

Namhlanje kufanele sivuselele isethembiso sethu, sikhulume kanye-kanye sikhulumele inkululeko, sisebenze ngobudlelwano ukuze kufezekiswe intokozo eza nenkululeko, sisebenzisana ekwakheni iNingizimu Afrika elandela iphupho labo bonke abantu elifanayo, sisho kanye-kanye nangezenzo sithi - sekwanele konke loku okwenza izwe lethu elikuqukethe ngaphakathi kwalo, kanti futhi lisebenzela okubi nokunyanyekayo emphakathini....

Kufanele ukuthi siqhubeke sikhulumisane nalombono esakhuluma ngawo mhlazana lohulumeni wanamhlanje angena esikhundleni, kusobala ukuthi izinkinga ezisihaqile zenhlalakahle yabantu azingeke zisombululwe uma singeke sidale amathuba emisebenzi, nokuhliswa noma ukuqedwa kobumpofu phakathi kwethu. Ngako-ke “umzabalazo wokuqedwa kobumpofu kuyinto enkulu kanti futhi kusaqhubeka kuyinto enkulu yemizamo kahulumeni ekwakheni iNingizimu Afrika entsha”.

Ngokusabela esibopheni sokuqhubekela phambili masinyane ekwakheni iNingizimu Afrika elandela amaphupho afanayo abantu, uhulumeni wethu uzibophile, esebenzisana nabantu beseNingizimu Afrika, ukuthi afezekise izinhlelo ezihlose loku okulandelayo:

  • Ukukhuphula izinga lokufakwa kwemali ukuze ithole inzalo;
  • Ukuncishiswa kwezindleko zokuhweba ezweni lethu;
  • Ukugqugquzela ukuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane;
  • Ukuphuthunyiswa kwezinhlelo zokufundisa abantu amakhono emisebenzi;
  • Ukuthuthukiswa kokuthengisa izimpahla nemisebenzi yakuleli kwamanye amazwe;
  • Ukukwengezwa kwemali efakwa kwezokucwaninga;
  • Ukufezekiswa kwezinhlelo zokuthuthukisa amabhizinisi amancane akhasayo;
  • Ukufezekiswa kwezinhlelo zokuthuthukisa ukuzimela kwabantu abansundu kwezomnotho;
  • Ukuqhubeka nezinhlelo zokuvikeleka kwezenhlalakahle ukuze kufezeke izinhloso zokwehliswa kwezinga lobumpofu;
  • Kukhuliswe inani labantu abathola amanzi, ugesi kanye nokuhanjiswa kahle kwendle;
  • Ukwenza isimo sempilo sabobonke abantu ezweni sibe ngcono;
  • Ukunika uhlelo lokwakhiwa kwezindlu amandla amakhulu;
  • Ukuthatha izinyathelo ezingeziweyo ukuze kuvulwe kabanzana amasango okufunda namasiko;
  • Ukugqugquzela ukulondolozeka kwesizwe sonkana;
  • Ukuqinisekisa ukuthi umbuso wenza umsebenzi wawo njengegatsha eligunyazwe ukuthi libheke ukukhula nentuthuko yesizwe;
  • Kuphuthunyiswe uhlelo lokwakhiwa kabusha kwezwekazi laseAfrika yonkana;
  • Ukufaka isandla ekucazululweni kwezinkinga ezibhekene nabantu bonke emhlabeni.

Mongameli wephalamende, mngcini sihlalo

Kunginika intokozo enkulu ukunazisa ukuthi mayelana nalezibopho, uhulumeni usebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi izinhloso zesizwe ziyafezekiswa.

Umnotho wezwe lethu ukhule ngamapesenti amane nesigamu (4.5%) kuleminyaka emibili nesigamu adlulile, kanti-ke loku wukukhula okudlule yonke eminye iminyaka seloku sathola umbuso wentando yeningi ngo 1994. Ngakwezomnotho, ukutshalwa kwezimali emisebenzini yezwe kanye nakumabhizinisi azimeleyo kukhule ngamapesenti ayishuminanye (11%) kanti-ke imali esetshenzisiwe ekwakheni izinto ezisetshenziswa ngumphakathi yona ikhule ngo 15.8%. Ukutshalwa kwezimali uma kulinganiswa nemali yezimpahla ezikhichizwa kuleli ngomnyaka ingu 18.4%, iphezulu kakhulu kusukela ngo 1991.

Inani labantu abasebenzayo likhule ngo 500, 000 ngomnyaka eminyakaeni emithathu edlulile.

Abantu abansundu babonakele bathuthuka ngakwezomnotho ngendlela emangalisayo. Abantu abansundu bebanamashezi angu 3% ngo 2004, kodwa-ke lelinani likhuphukile laze lafika ku 5%, kanti-ke ukukhushulelwa kwabantu abansundu ezikhundleni ezikhulu zobumenenjala kuthuthuke kwasuka ku 24% kwaya ku 27%. Kodwa-ke kufuneka ukuthi kuhlale kusikhathaza ukuthi lenani lisesephansi kakhulu.

Ukuthuthuka kwezomnotho kusiphosele inselele thina sonke. Ukukhula kwezidingo zabantu okusolo kuqhubeke njalo kuchaza ukuthi inqubekela phambili eyenzeka kumphakathi wonkana iyajabulisa. Kanti-ke nemisebenzi emikhulu yokwakha izinto ezisetshenziswa ngumphakathi idinga izimpahla eziningi nemishini emikhulu.

Kanti-ke ukuhweba kwethu namanye amazwe kukhombisa ukuthi sisengakafiki ezingeni lokuthi singazikhichizela izimpahla zokuqala imisebenzi kanye nezimpahla zokuziphilisa ezidingwa izwe lethu. Izikweledi zemindeni nazo zikhulile ngokuhambelana nokukhula kwemali engenayo emakhaya. Abantu baseNingizimu Afrika babeka imali encane ebhange, loku kusho ukuthi sizothembela emalini ebekwa ngabantu bamanye amazwe. Ukwehla nokukhuphuka kwamandla emali yethu akuzenzi izinto zibelula ekuthini sethengisele amazwe amanye impahla ekhichizwe kuleli.

Eminyakeni emithathu edlulile, izwe lethu liphumelele ukwengeza imisebenzi emisha engu 500, 000. Kuyasikhuthaza ukuthi kusukela ngoNdasa ka 2005 kuya kuNdasa ka2006 imisebenzi engu 300, 000 eyadalwa yimisebenzi ehlelwe kahle ezothatha isikhathi eside ikhona ingesiyo ephathelene nezolimo. Loku kusho intuthuko ka 4% kwezomnotho.

Ingxenye encane yaloku ngamathuba emisebenzi ehlala isikhathi eside evela kuhlelo lukahulumeni olubizwa ngokuthi “Wuhlelo lemisebenzi kahulumeni olwendlalelwe wonkewonke” (Expanded Public Works Programme). Kodwa asingabazi ukuthi loluhlelo kufanele luqhutshwe luye phambili singabuyeli emuva. Kanti futhi asingabazi ukuthi singaqhubeka sifake umfutho wokuthi sidale amathuba okuthi abantu bazisebenze ngokuvula amabhizinisi amancane. Singakhohlwa ukuthi intsha yiyona eningi esibalweni sabantu abantula imisebenzi, singafaka umfutho enhlanganweni yentsha ukuthi ithole amakhono okuzisebenza.

Siyaziqhenya ngokuthi kusukela ngonyaka ka 2004 senze ubungcno ekusebenzeleni umphakathi nasekukhuphuleni iholo labantu njengoba sathembisa ukuthi sizakwakha umphakathi onozwelo. Ngonyaka ka 2004 abantu abathola imali yesondlo sabantwana babengu 8 million, kodwa manje sebengu 11 million abantu abampofu ezweni lethu abathola lemali yesondlo. Kuyakhuthaza ukubona ukuthi inani labantu ababhalisela imali yesondlo sabantwana likhula ngokulingene amandla kahulumeni njengoba lezinhlelo sezikhombise ukuvuthwa. Loku kuzakuqinisekisa ukuthi lohlelo luzakubanathi isikhathi eside kanti futhi uhulumeni uzakukwazi ukuthi angeze imali yokusimamisa lezinhlelo ukuze kudaleke amanye amathuba emisebenzi namathuba okuvula amabhizinisi.

Ohlelweni lokwakha izindlu, uhulumeni ufake imali yokwelekelela ekwakheni izindlu ezingu 300, 000 eminyakeni emibili edlulile. Kodwa siyaqhubeka sithuthukisa izinga lezindlu ezakhiwayo siphinde sivulele labo abashiyekayo kulezihlelo zikahulumeni nenhlelo eziphuma kumabhizinisi azimele. Umsebenzi awuhambi ngezing besifuna ngalo. Kufuneka sisebenze ukuze silungise loludaba.

Njengoba amalungu ahloniphekile azibonela, sesiqalile kuleminyaka embalwa edlulile sifezekisa izinhlelo zokuthuthukisa izithuthi zabantu. Loku kufaka uhlelo loku khipha amatekisi amadala isikhundla sawo sithathwe amatekisi amasha, nemizamo yamaphrovinsi yokufaka isipolo sesitimela ezindaweni ezinjengase moloto empumalanga. Uphenyo lokuthi lomsebenzi uzokulunga yini sewuqalile. Uhlelo lwaseKlipfontein e Kapa seluqalile nalo kanye nesitimela esihamba ngesivinini phakathi kweGoli naseTshwane kanye neminye imizila exhumana nayo.

Lezinhlelo kanye nezinye ziyingxenye yohlelo olukhulu olumayelana nokuthuthukiswa kwezindle zokuthutha umphakathi ezihlanganisa imizila yesitimela kanye nemigwaqo yezimoto. Sizakuzinika isikhathi sokuthi sibone lezinhlelo ziphumelela ukuze impilo yabantu abasebenzayo ibengcono.

Inani labantu abathola ugesi, amanzi nokuhanjiswa kahle kwendle lithuthukile. Ngonyaka ka 2005 iNingizimu Afrika besi ifinyelele ezidingweni zohlelo lwe “ Millennium Development Goal” oluphathelene nokutholakala kwamanzi kubo bonke abantu. Sithuthuke sasuka ku 59% ngo 1994 saya ku 83% ngo 2006 ekwabeni amanzi kubantu bakithi. Ngokusho kohlelo lwentuthuko luka mhlabuhlangene (UNDP) iNingizimu Afrika ingenye yamazwe ambalwa achitha imali encane kwezempi, isebenzise eningana imali ekwabeleni isizwe amanzi nasekuhanbiseni indle kahle. Ngamazwi ombiko ka 2006 walenhlangano (UNDP) egatsheni lokuthuthukiswa kwesizwe:

“Iningizimu Afrika ikhombisile ukuthi amalungelo abantu okuthola amanzi kungaba yindle yokusiza abantu ukuthi bazimele iphinde ibengumkhombandlela ekufezekiseni imigomo kahulumeni...inguquko yokutholakala kwamanzi ethwele amalungelo abantu, yenze ukuthi kubelula iNingizimu Afrika ikhulise inani labantu abathola amanzi ize inqobe umlando omubi wokuhlukana ngebala owashiywa ubandlululo. (pp62/63)

Kufanele sithathe ikhefu sitshakadule ngenxa yalempumelelo. Kuyangidabukisa ukuthi ngiphawule ukuthi kesenabantu abangu 8 million abangenawo amanzi ahlobile, baningi abanye abangenaye ugesi nokuthuthwa kwendle. Siyaziqhenya ngukuthi esikhathini esingangonyaka sikwazile ukunciphisa ngesigamu umsebenzi obungakaqedwa wokuthutha indle ngamabhakede ezindaweni lapho kuhlala khona abantu. Sisendleni yokuthi seqede lempilo ekhiphana isithunzi kubantu ungakapheli umnyaka noma-ke ekupheleni kwawo.

Sizakuqhubeka silwe nalezinkinga ukuze siqishe ezweni lethu imimoya emibi nenyanyakayo sizokwazi ukukhuluma ngazwi linye lenkululeko nenjabulo elethwa ukukhululeka.

Uma sibukisisa imfundo nukuthola amakhono emisebenzi, sibona inqubekela phambili ngumnyaka ka 2004 noma ijubane laloko lithi ukubaphansi nje. Sikhuluma ngokufunda ukubhala, ukubhaliswa kwezingane esikolweni kanye nokungena kwentsha ezikolweni zemfundo ethuthukile. Ukushiyashiyana kwezinga lwemiphumela kamatekuletsheni, kuyasikhombisa ukuthi usemningi umsebenzi okufanele siwenze ukuze sibone intuthuko eqhubeka njalo. Kanti futhi, inani labafundi bakamatekuletsheni abaphumelela ezingeni eliphakeme lithe ukukhuphuka kancane uma uliqhatanisa nonyaka ka 1995. Siyaqhubeka sikhombisa ubuthakathaka ekufezekiseni imfundo yabadala.

Uhlelo lokubuyisela umhlaba kubanikazi luzamile ukubuyisela abantu ezindaweni zabo muva nje, kodwa sidinga ukufaka umfutho ukuze sicazulule lezindaba ezisele, iningi lazo zilukhuni. Kuncane kabi okwenziwe ukuthi umhlaba wabiwe ngendlela eyiyo. Sizakuvula uphenyo olubanzi ukuze sithole ukuthi kungabe yini ephazamisa loluhlelo bese sizama ukuliphangisa.

Zonke lezinhlelo zenhlalakahle yabantu nezomnotho zingaphansi kwamasu ethu okunciphisa nokuqeda ubumpofu obuhlasele isizwe sakithi. Umsebenzi owenziwe ngonyaka ophelile, okungumsebenzi owenziwa ngamakhosikazi ngaphansi kohlelo “lwamakhosikazi aseNingizimu Afrika akhulumisana” basebenzisana namagatsha kahulumeni ahlukahlukene, okufaka nokuvakashela emazweni anje ngo Tunisia neChile lapho umsebenzi omkhulu sowenziwe wokulwa nobumpofu, uyasikhombisa ukuthi kukhona isici esithize kulendlela esisebenza ngayo. Ezintweni ezifundwe yilabo bebahambile kuyacaca ukuthi sifanele:

  • Sichaze ngokucacile ubumpofu ezweni lethu;
  • Sithole uhlu lwemindeni ephila impilo yobumpofu;
  • Sithole ikhambi siphinde sifezekise izindlela esingayinceda ngayo lemindeni;
  • Siqaphelisise inqubekela phambili yalemindeni emva kokufaka lenhlelo ukuze sibakhiphe ohlwini lwabantu abampofu;
  • Ngalendlela silwe nobumpofu, ikakhulu kubo abesifazane abaphila lempilo;
  • Sihlanganise zonke izinhlelo ezilwa nobumpofu ndawonye ukuze zisebenze kangcono kanti futhi kungabi nezinhlelo ezifanayo ezisebenza ngokwehlukana;
  • Siphuthumise ukufundisa ononhlalakahle babe ngoqhwepheshe ukuze lemindeni empofu izuze ngolwazi lwabo.

Loku kuzakuqinisekisa ukuthi bonke abantu abaphila ngesondlo sabantwana bazakuzwelwa ubuhlungu nasekukhokheni imali yamanzi nerenti, baphinde bakhunjulwe uma amathuba emisebenzi evela. Sizoqhubeka sibeke imicabango yethu ekukhipheni laba bantu ebumpofini bakwazi ukuzisebenzela. Asingeke siyekele ukufuna izindlela ezintsha zokulwisa ubumpofu nokwenza impilo yabantu ibengcono.

Into emqoka yalezinhlelo wukuthi sigqugquzele abantu bonke eNingizimu Afrika ukuthi basebenzisane ukuze inhlalakahle ithuthuke.

Kulomnyaka esikuwo kugujwa umnyaka wamashumi ayisithupha wesivumelwano sabodokotela okungabaholi base Afrika naseNdiya (AB Xuma, GM Naiker kanye no Yusuf Dadoo), umnyaka wamashumi amathathu wokubulawa kuka Steve Biko kanye nomnyaka wamashumi amabili wokuvakashela eDakar kwezihlakaniphi zamabhunu ukuyahlangana neANC. Indaba yokwehlukahlukana kwethu kanye nentshisekelo enkulu yokuzizwa singabase Ningizimu Afrika ifuna ukusetshenzwa kahle kuwo wonke umphakathi ngendlela eqinisa ukuzwana kwethu njengesizwe esisodwa. Kanti futhi kulomnyaka kugujwa umnyaka wamashumi amathathu wokwenqatshelwa ukuthengiswa kwamaphephandaba iWorld ne Weekend World, sifanele ukubuza lombuzo - ingabe sonke siyaqondosisa yini, umsebenzi osimele wokuthi sakhe ubumbhano, nokugqugquzela ukuthi simunye, kuze kuqiniseke into esigcina sibambene.

Ngamanye amagama, ubumbano angeke lugqugquzelwe nguhulumeni yedwana, sifanele ukuthi sonke kanye-kanye singabaseNingizimu Afrika sikhulume ngokuthi sikhululekile ekufuneni nasekwenzeni amanyala, sisebenzele ukuzuza injabulo ezanobumbano.

Ngiyethemba ukuthi siyavumelana sonke ukuthi ukusebenza ngokubumbana ukuze sizuze injabulo elethwa yinkululeko, kusho ukuthi sifanele ukubambisana ukubhekana nenselele yobugebengu. Ngonyaka ka 1994 ephepheni lezibopho sathi:

Ukugqugquzela ukuthula nokulondolozeka kungumsebenzi ka wonkewonke. Kuzakuqinisa umfutho wesizwe wokuzifunela uxolo nokulwa nokukhahlamezeka ohlasele umphakathi.. ngokubeka iso elibukhali ekuhlukubezekeni kwamakhosikazi..

“Uxolo nokusimama kwezombusazwe kumqoka ezinhlelweni zikahulumeni ukuze kubelula ukuthi abatshali zimali beze ezweni lethu...kuzawuthathwa izinyathelo ezinzima ukuqeda ukuphulwa komthetho, ukuthengiswa kwezidakwamizwa, nezibhamu, ubugebengu ikakhulu ukuphathwa kabi kwamakhosikazi nabantwana”.

Angeke sicishe konke loku okubi, nokwenyanyekayo ukuze sithole ukujabula okuza nenkululeko uma kusenabantu abahlezi ovalweni, bazifihle emuva kwamabonda aphakeme nocingo olunogesi, bahlezi ngokwethuka emizini yabo, emigwaqweni, bengakwazi ukuhlala banethezeke ezindaweni zomphakathi. Kusobala ukuthi kufanele siqhubeke silwe nobugebengu.

Noma sesidlulile kulelinani lamaphoyisa elalibekiwe lika 152, 000 embuthweni wamaphoyisa kanti futhi izinga lokufundisa amaphoyisa lithuthukisiwe, siyabona ukuthi imiphumela yaloku ayikafinyeleli ebantwini ukuthi bangaze bazizwe balondolozekile. Ubugebengu bokuthintana sebuncishisiwe kanti futhi izinga lobugebengu bokuphanga, bokuhlasela, nokubulala lingaphansi kuka 7-10% okuyiyona yayihlosiwe. Kanti-ke ukuphathwa kabi kwezingane namakhosikazi kusaqhubeka ezingeni elingamukeleki.

Ukukhula kobugebengu bezinhlobo ezithize ngenkathi onogada batelekile, kusikhombisile ukuthi indaba yabo asingeke siyishalazele nje sithi ngeyabo nabacashi babo kuphela. Kuyacaca ukuthi indlela esiyibheke ngayo lemboni ayanele. Loku kusho izindaba ezifana namaholo, nendlela yokubhekisisa umuntu ukuthi ulungele umsebenzi othize kanye nokulandela umthetho mayelana nokuhanjiswa kwemali emgwaqweni.

Loludaba sizalubhekisisa kuwo lomnyaka ukuze senze umsebenzi wamaphoyisa ubelula siphinde sikhuthaze ukusebenzisana phakathi kwabonogada namaphoyisa ukuze umphakathi uthole ukulondolozeka njengemfanelo.

Sizakuqhubeka sifake umfutho ekuthuthukiseni ukusebenza kwezinkantolo zethu, siphinde senze ukuthi amacala amile angathethwa aphuthunywe athethwe. Sizakuqinisekisa ukuthi izinqumo zokukhulisa amajele, nokwelusa imincele yethu, namaphepha okuhamba, konke loku kuzakufezekiswa.

Bonke lobuthakathaka bokuthuthukisa izimpilo zabantu kubangelwa wukuthi ulwazi esinalo alwanele nezindlela esisebenza ngazo zimfushane. Ngako-ke kusukela manje kuze kube ngu 2009 ukuphathwa komsebenzi nokuhlelwa kwawo ngesu, kuzaba yinto ephambili emicabangweni kahulumeni.

Into enkulu evelile njegendaba enesimo esinengozi edinga iso likahulumeni, izinto eziqukethwe emfundweni yezisebenzi zikahulumeni emakolishi ahlukahlukene kanye nendima adlalwa yiSA Management Development Institute (SAMDI) okuyilona kolishi elifanele ngabe lilekelela kakhulu ekufundiseni izisebenzi zikahulumeni ezisafika emsebenzini.

Ukuthobela indlela umthetho usebenza ngayo kuyashiyana. Bakhona abathobela umthetho kanti abanye abawuthobeli. Kuyacaca ukuthi loku asingeke sikuvumele kuqhubeke, noma ngabe sivume ukuthi ukucwaningwa kwamabhuku amaphrovinsi kanye nakazwelonke kuqinisiwe kakhulu. Uma sekunje, kufuneka ukuthi kulandelwe umthetho wesivumelwano sokuthi izinga lomsebenzi womuntu, ikakhulu labo abaphethe libhekisiswe kakhulu, uma lingenelisi, athathelwe izinyathelo.

Izinhlelo zokuthuthukisa izinga lomsebenzi wabomasipala basekhaya ziyaqhubeka. Emuva kokhetho lukaNdasa ngo 2006, izinhlelo zokufundisa izisebenzi ezisafika emsebenzini zenziwa ngoba futhi bekwaziwa ukuthi abosodolobha abangu 62% basha kulimisebenzi yabo.

Okukhathazayo noko, wukuthi kulabohulumeni basekhaya, kusenezikhundla eziningi ezingakagcwaliswa noma ezinye zivuleke manje. Bheka nje ngomnyaka ophelile ngenyaka kaMandulo i27% yabomasipala bebengenayo imenijeni, ephrovinsi yase Northwest izikhundla ezazingenabo abantu zazingu 50% kanti-ke empumalanga kwakuyi 1% kuphela yomenijeni abakhulu abafeza izinjongo nezivumelwano zemisebenzi yabo.

Siyaqhubeka sibhekana nalenselele kanti-ke sizakwenza konke okusemandleni ethu okuhambelana nesu lethu leminyaka emihlanu ephathelene nohulumeni basemakhaya okufaka phakathi kwako usizo oluseduzane oluvela kuhulumeni wamaphrovinsi kanye nohulumeni wezwe lonkana. Kuzakuthunyelwa abantu abanamakhono omsebenzi ukuthi bayonceda ohulumeni basemakhaya, loku kufaka phakathi nabantu bomphakathi abazi umsebenzi bayolekelela ngaphandle kokuthola iholo, amakomidi amawadi azakuqiniswa, njengamanje angu 80% asabunjiwe ezweni lonke.Â

Uhlelo lokuqondanisa izindlela zokuhlela imisebenzi kuwo wonke amagatsha akahulumeni, luyaqhubeka kanti-ke izibonelo zalemisebenzi ziyaqhubeka ezigodini nasemadolobheni ayishumi nantathu, Lapha kukhulunywa nge(National Spatial Development Perspective, Provincial Growth and Development Strategies kanye ne Integrated Development Plans). Lezizibonelo zemisebenzi zizawuqedwa ekupheleni komnyaka.

Kuyathokozisa kakhulu ukubona ukuthi amadolobha nezigodi eziningi seziwubambile umhlangano wazo wukokhuluma ngentuthuko nokukhuliswa kwazindawo zabo. Labo abasalele emuva bazakuqeda ekupheleni kwenyanga ka Nhlolanja. Loku kuzakuphendla indlela yokusebenza ngokubambisana kwabo bonke abadlala indima ekuthuthukisweni kwabomasipala bezifundazwe.

Malungu ahloniphekile;

Ngicela ukuthatha lelithuba ukuthi ngibonge iphini likamongameli uPhumzile Mlambo-Ngcuka ngomsebenzi omuhle awenzileyo nokukhombisa ikhono lobuholi elikhaliphile uma kufezekiswa uhlelo lwe Accelerated Shared and Growth Initiative (AsgiSA),asebenzisana nabongqongqoshe kanye naboNdunankulu abakulekomodi. Basebenze kahle balungisa izinkinga ezithize ebezidinga ukulungiswa ukuze kuhehwe abatshali zimali nokungenisa abantu emisebenzini kanye nezindaba eziphathelene nokuthuthukiswa kwamakhono emisebenzi, nokusebenza ngobuqhwepheshe kwamagatsha kahulumeni. Sithokozela indima edlalwe ngamalungu onke esigungu esikhulu kanye nabomeninjala bamaphrovinsi, bohulumeni bezifundazwe kanye nohulumeni wezwe lonkana, ekuholeni lomsebenzi kanye nasekufezekiseni izinhlelo zikahulumeni.

Loku kuphakathi kwezinhliziyo zethu emizameni yethu yokucisha loko okubi nokwenyanyekayo emphakathini wethu ukuze sikhulume ngenkululeko kanye nezinto eziza nayo

Ukuze kuphuthunyiswe ukufezekiswa kweAsgiSA ngaphezulu kwezinhlelo ezithatha iminyaka eminingi uhulumeni kulomnyaka uzakwenza loku okulandelayo:

  • Qedelela umsebenzi wokuhlolisisa ulwazi lwethu lokuhlanganisa izimpawu zomnotho ezifana namandla emali yakithi, ukukhuphuka kwentengo yezimpahla ezitolo kanye nemalinzalo ukuze kwelekelelwe izimboni ezikhiciza izimpahla ezizosetshenziswa lapha ekhaya kanye nezizokuthunyelwa kwamanye amazwe. Lezimboni zizakuthola amandla okuqasha abasebenzi asebanamakhono omsebenzi othize.

Ngokuhambelana ne National Industrial Policy framework, eseiqediwe ukwakhiwa, uhulumeni uzaku:

  • Qinisa ngamandla ukufezekiswa ekwelekeleleni izinhlelo zokutshala izimali kokuthi ukusebenza kwamabhizinisi kunikezwe oqhwepheshe abazi kabanzi ngaloko, ezokuvakasha, uwoyela owakhiwe ngezilimo, izithako kanye nokuqedelela izinhlelo zamahlathi namaphepha, izimpahla zokwembhatha nezithungiweyo, izinsimbi nezobunjiniyela.
  • Kwakha amacebo okuthi izimbiwa- iphansi zingathunyelwa kwamanye amazwe zeseseluhlaza, kodwa kwakhiwe khona lapha ekhaya izimpahla esingazisebenzisa, kwakhiwe namesu okuthuthukisa ezolimo nokulungisela okuvuniwe ukuba kungasetshenziswa, nokuthuthukisa imboni yabasebenza ngezimpahla ezithize ezingakajwayeleki kanye nemboni yabantu abaziqambela imisebenzi emihle, nemisebenzi yomphakathi kanye nezamapilisi. Loku kufuneka ukuthi kube nokuzimisela okukhulu ukuthi sikhicize izimpahla esingazisebenzisa ukuze sakhe okunye njengemishini emikhulu yokubaza noma yokukhanda okuthize. Embonini yamadayimane, singabumbha ibandla lesizwe elizothenga u 10% wamadayimane kulabo abawembhayo, siwathengisele labo abazowasika bakhe izindandatho zemishado. Siyabonga ukuthi abakwa De Beers bavumile ukwelekelela, ngaphandle kokukhokhelwa, ngokuphatha lomsebenzi, nokufundisa amakhono okusebenza ngedayimane kanye nokunikeza ngalo idayimane eminyakeni emithathu ezayo.
  • Kwakha izinhlelo ezizakusiza ekutshaleni kwezimali ezimbonini ezizokusithengisela izimpahla esizidingayo ekwakheni izindawo zokusetshenziswa ngumphakathi, loku kufaka phakathi izimpahla ezimayelana nokuthintana, ezokuthutha kanye namandla kagesi. Sizakuphinde sigqugquzele ukuthi imisebenzi yethu incike kakhulu kuloku okubizwa ngokuthi phecelezi yiNuclear energy, nokusamoya esingakubasa sothe noma sipheke, nezinye izinhlobo zikagesi ezivuselelekayo. Mayelana nezokuthintana, kuyangithokozisa ukunibikela ukuthi igatsha likahulumeni lezokuthintana lisebenzisana nezinkampani zabomakhalekhukhwini, kanye neTelkom sebasemaphethelweni ohlelo lokungasaphide bakhokise abantu uma bashaya icingo besebayajubeka. Leyo yindlela yokubacabangela abantu. UTelkom uzokwakha ama “call senta” ayishumi, endaweni ayikhonjiswe nguhulumeni, azokhokhisa inani eliphansi uma ushayela amanye amazwe, kanti-ke lama “call senta” azakwakha amathuba emisebenzi yabantu abayinkulungwane. Lenani eliphansi lakwaTelkom lizawulingana namanani akhokhwa kwamanye amazwe alingana nathi.
  • Sizakuthatha izinyanthelo ezehlukahlukene zokuthi abantu abathengisa impahla efanayo basebenzisane kangcono, sizakubanciphisela izindleko zabo zokuhweba sigqugquzele ukutshalwa kwezimali, siphinde siqale uhlelo lokubukisisa ukuthi ukungenela kukahulumeni ukusebenza kwezimboni kulimaza kangakanani noma kusiza kangakanani. Sizakwakha izindlela zokuthintana masinyane ngokuphazima kweso. Namasu ethu okuthuthukisa ukusebenza kwezitimela nemikhumbi sizakuwaqedelela, siphinde siqinise umkhandlu oweluse abantu abathengisa impahla efanayo.

Inqubekela phambili esiyenzile ngokuhlanganisa amakolishi amancane namakhulu isincede kakhulu ngoba inani labantu abafunde amakhono emisebenzi likhulile. Kusukela kuwo lonyaka sizakubeka imali eceleni yokwelekelela abafundi abadingayo kulamakolishi amasha ahlanganisiwe. Sizakuzama ngamandla ethu onke ukuthi sicacise ukuthi umsebenzi wamaphrovinsi uhamba ufike kuphi kwezemfundo, nomsebenzi womkhandlu kazwelonke wezemfundo uhamba ufike kuphi. Siyethemba ukuthi lemizamo yethu izakuyibonisa intsha ukuthi amakhono emisebenzi yezandla ethile nawo ayadingeka emnothweni wethu njengeminye imisebenzi.

Emuva kokukhulumisana kabanza phakathi kukahulumeni nezikhulu zamanyuvesi, sekuvunyelwene kanti futhi nezinqumo sezithethwe mayelana nokuthi yini edingekayo ukuze kutholakale abantu abanamakhono athize.

Kuloku sifisa ukubonga uhlelo lokuhulumeni olubizwa ngokuthi phecelezi yi Joint Initiative on Skills Acquisition (JIPSA), okuwuhlelo oluhlanganisa uhulumeni,osomabhizinisi, abasebenzi, izindawo zokufundela kanye nabanye ekuqinisekiseni ukuthi amakhono okwenza imisebenzi ethile ayatholakala.

Njengoba amalungu ahloniphekile azi, silikhulisile inani lezikole lapha kufundwa ngaphandle kokukhokha imali.

Ekufezekiseni lezinhlelo sizabe sinenkumbulo yokuthi sizinikele ekuthini siqinisekise ukuthi lomdlalo webhola ka FIFA oka-2010 ube sezingeni eliphakeme. Angithathe lelithuba ukuthi ngibonge ikomodi lakithi elisihlelela lomdlalo kanye nababambisene nabo ngomsebenzi omuhle ebawenzayo.

Kuyacaca ukuthi, ukuze siqinisekise ukuthi sonke lapha eMzansi siyazuza phinde sithokozele ukukhula komnotho, yonke lemizamo idinga ukuthi iphelezelwe yizinhlelo ezizolwisana nobulukhuni esibhekene nabo emabhizinisini asakhasayo. Ngenxa yaloku kuwo lomnyaka sizimisele ukuthi:

  • Sithathe izinyathelo ezinzulu ukuthuthukisa amathuba abantu ekutholeni izimali zokubolekiswa esikhwameni esibizwa ngokuthi yi Apex Fund (SAMAF) nemali ebolekiswa abantu abafuna ukulima esikhwameni esibizwa ngokuthi yi (MAFISA)
  • Siqinisekise ukuthi uhlelo lokuthuthukisa izimboni ezisafufusa lusebenza kahle.
  • Siqedelele umthetho osavivinywa wezinkampani owamukelwa yisigungu sikahulumeni ukuthi amalungu omphakathi aphawule ngawo ngolwesithathu odlulile okuyimizamo yethu yokuthi sinciphise imitheshwana eminingi ekhinyabeza ukusebenza kwamabhizinisi amancane nokunika amandla abanamashezi amancane emabhizinisini kanye nezisebenzi.
  • Njengoba sesidlulile ku 10, 000 okuyiyona besizibekele yona, sizakukhulisa inani labantu abasha abasebenza nomkhandlu wentsha yezwe liye ku 20, 000 ngaphansi kwamagatsha kahulumeni ayishumi neshiyagalombili asawenzile amalungiselelo aloluhlelo. Sizakubhalisa intsha engu 30, 000 ezosebenza nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi ngaphandle kokukhokhelwa siphinde siqashe abantu abasha abangu 5000 ehlelweni lemisebenzi kahulumeni ukuthi bavuse izakhiwo zikahulumeni esezindala noma balungise konke okonakalayo ezakhiweni zikahulumeni.
  • Sizakuqhubeka nemizamo yokuhlanganisa intuthuko yentsha nemisebenzi kahulumeni kanye nohlelo olugqugquzela ukusebenzisana kwentsha siphinde siqubeke nemizamo yokuxhumanisa abangasebenzi asebaqeda emanyuvesi namathuba emisebenzi. Sifisa ukubonga izinkampani eziningi zombuso kanye nalezo ezizimeleyo, ezinkulu nezincane ezelekelele kulemizamo.
  • Sizoqala sifezekise umthetho omayelana namalungelo abantu okusebenzisa umhlaba oqondene nomphakathi ukuze sithuthukise ukusetshenziswa kwawo lomhlaba siphinde selekelele ngokunisela, nokubanikeza imbewu kanye namathulusi okusebenza emafamu.

Malungu ahloniphekile

Izinhlelo zomnotho esesikhulume ngazo zingaphansi kwemizamo enzulu okufanele ukuthi wonke wonke eNingizimu Afrika abe ngaphasi kwazo ukuze sinciphise izinga lobumpofu nokungalingani phakathi kwethu. Kithina, akuyona “inkulumo nje” ukuthi sizimisele ukubona impumelelo elethwe wumbuso wentando yeningi izibonakalisa ngezinyathelo esizithathayo zokuthuthukisa impilo yabantu bethu kanye nalabo ababuthakathaka phakathi kwethu.

Ukuze sithuthuke kulezinhlelo esizifezekisile kuleminyaka ambalwa edlulile, siqonde ukuqedela umsebenzi esesiwuqalile wokuguqula indlela izimpesheni zabadala kanye nesondlo sabantwana zisebenza ngayo ukuze konke esikwenzayo kungaqhubeka ngezigaba zazo. Into emqoka kakhulu yalezi zinguquko wuku lungisa isiphosiso esaphawulwa ngunyaka ka 2002 yikomidi elaliphenya indlela lezinhlelo zisebenza ngayo eningizimu afrika. Isiphosiso lesi kwakuwukuthi inkongozelo eyayihambelana nalemiholo yabadala kanye nesondlo sezingane yayingekho noma-ke kwakungeyona abantu abaningi ababengathembela kuyo. Umgomo omkhulu ongumkhombandlela wukuthi uhulumeni kufuneka asungule izindlela zokusebenza ezingathuthukisa inkongozelo ehambelana nemiholo yabadala kanye nesondlo sezingane okuyinto ezolekelelana nazo lezimpesheni eziphuma esikhwameni sikahulumeni ukuze kube nokubambhisana nomphakathi.

Loku kuzosho ukuthi bonke abantu eMzansi bazabangamalungu omshuwarensi womphakathi ophethwe kahle kanti-ke labo abasebenzayo abathola iholo elithe xaxa bazaqhubeka bakhokhele iminshuwarensi yabo. Ezinkulumeni eziqhubekayo zikahulumeni kukhona ukuvumelana ngokuthi loluhlelo kumele:

  • Uhulumeni aqhubeke alekelele abadala ngeholo labo, nezingane ngesondlo sabo kodwa indlela eliphethwe ngayo lithuthukiswe.
  • Angezele labo abahola iholo eliphansi imali ikakhulu intsha esandukucala ukusebenza.
  • Uhulumeni akhokhise intela ezobhekana nawo lomsebenzi wezimpesheni, ukukhokhela abafile, nabakhubazekile kanye nabaphelelwe ngumsebenzi.

Ungqongqoshe ophethe izimali kahulumeni uzakuninika yonke imininingwane ngesikhathi akhuluma ngeziphakelo zezimali zikahulumeni. Okufuna sikukhumbule kakhulu wukuthi uhulumeni, ukuze aqedelele loluhlelo, uzakukhulumisana nabantu kanye noNEDLAC.

Ngaphezu kwaloku esengikhulume ngako, kukhona olunye uhlelo esilibhekayo lokusiza izingane ezihluphekayo ezineminyaka engaphezu kweshumi nane.
Uhlelo lwethu lokusiza umphakathi kulomnyaka luyalandela:

  • Siqhubeke ngesivinini sakhe izindlu zamanani aphansi okuzodinga ukuthi siphembe isikhwama esithize sokubolekisa izimali, siqhube ukuphathwa komthetho sivivinyo wokusetshenziswa komhlaba siphinde siqinisekise ukuthi loko okusasele esivumelwaneni, sokwakha izindlu zenani eliphansi, nabemisebenzi yangasese kuyaqedelelwa.
  • Siqhubeke ngesivinini sifezekise uhlelo lokufaka amathekisi amakhudlwana aphephile, sifezekise amasu ajulile ezithuthi zabantu zikaloliwe kanye nezomoto, singakhohlwa amabhasi asheshayo ahamba edolobheni siphinde sifake izimali zokuthi izitimela zasemadolobheni zithuthuke. Ngicela ukuthatha lelithuba ngegcizelele ukuthi thina singuhulumeni kanye nesizebenzisana nabo kuSANTACO angeke sithuselwe yilabo abangalufuni loluhlelo lokuthuthukisa amathekisi ukuthi siluyekele, kanti-ke imizamo yezidlamlilo yokusiphazamisa ukuze bafeze izinjongo zabo zomona nokuzicabangela bodwana siyoyishabalalisa
  • Sikhulise amathuba okuthi izingane ziye ezinkulisa, loku kuyindlela yokuthuthukisa lonke uhlelo lwenfundo kazwelonke kanye nohlelo lwemisebenzi kahulumeni.
  • Sikhulise ukufundisa nokuqasha abahlengikazi,nabononhlalakahle nabancedisi babo, sikhulise inani lamakolishi okufundela sithuthukise izinga lemfundo siphinde siqale uhlelo lomfundaze.
  • Siqhubeke nokufezekisa isivumelwano zamaholo alabo abasebenza ngezigulane kanye nokunikeza imali yokukhuphula amaholo othisa;
  • Ngaphandle kokuchitha isikhathi siqhubeke namasu okunciphisa imali ekhokhelwa imithi
  • Siqhubeke nomsebenzi wokulwisana nezindlela azibanga ukufa okungekona kwemvelo emphakathini, nezifo ezibangwa yindlela abantu abaziphatha ngayo, umalaleveva, nezinhlobonhlobo zesifo sofuba (TB), izingozi zomgwaco nobugebengu obuhlukumezayo.

Uhulumeni uyazibopha ukuthi uzakulwisana negciwane elibanga ingculaza kanye nengculaza nokuthuthukisa indlela asebenza ngayo ukugqugquzela ukuvikela kanye nokunakekela abagulayo basekhaya kanye nokubahlenga. Sizakuqinisekisa ukuthi ubudlelwano obakhiwe eminyakeni edlule buyaqiniswa nokuthi uhlelo kanye namacebo kazwelonke okulwisana nengculaza kanye nezifo zocansi luyaqedelelwa ngokuphazima kweso.

Kulomnyaka esikuwona sizakuqedelela amasu okufezekisa izinhlelo zomhlaba wonkana zokuthi kutholakale amanzi ngo 2008, ukuhanjiswa kahle kwendle ngo 2010 nokutholakala kwegesi ngo 2012. Sizokuqedelela amasu nezinhlelo zokuqinisekisa ukunamathelana kwemiphakathi kanye necebo elifaka phakathu yonke imibono yokulwisana nobumpofu esesikhulume ngalo kanye nezindaba ezimayelana nokubumbhana kwesizwe, nesimilo sesizwe nokuthi abantu bazazi ukuthi bangobani.

Yonke lemizamo, Nkosikazi Mongameli wephalamende, ifanele ukuthi ihambisane kanye kanye nezindlela zokuthuthukisa ukuphepha nokulondolezeka kwesizwe. Mayelana naloku-ke uhulumeni uzakuqinisekisa ukuthi izinqumo ezathathwa zokuqeda ubugebengu ziyaphumeleliswa. Inselele esibhekene nayo yokusebenza loludaba ayiphathelene nemigomo yethu.

Into efunekayo wubuholi abukhaliphile, nokuhlela kahle kanye nokuviva amabutho okuqinisekisa ukuthi umthetho uyagcinwa. Sidinga futhi abantu abakwazi ukusiqoqela ulwazi mayelana nobugebengu namaphoyisa akhaliphile asemajele nako konke okuphathelene nokusebenza kahle kwezinkantolo zethu. Iningi lezisebenzi zombuso kulamagatsha selizikhombisile ukuthi lizimisele ngisho ukudela nezimpilo zabo, baphinde bazincishe isikhathi esimnandi benemindeni yabo ukuze bavikele inkululeko nokulondolozeka kwethu.

Ngephezu kwezinhlelo eziqhubekayo kulomnyaka, uhulumeni uzimisele ngokulandelayo:

  • Aqhubeke akhulise amaholo aphinde enze izindlela zokusebenza kwamaphoyisa kube ngcono. Sizimisele ukwengeza inani lamaphoyisa lize lidlule u180, 000 eminyakeni emithathu ezayo, siphinde siqinisekise ukuthi uhlelo lokugada kanye nokubuyekeza kwesimo lusebenza ngedlela eyiyo.
  • Sithuthukise ukusebenza kwe lebhu (Laboratory) encike emthethweni yokuphenya amacala ese ithengelwe imishini eqavile siphinde siqinisekise ukusebenza kahle kohlelo lokunamathelisa iminwe sakhe uhlu labantu. Ningakhohlwa ukuthi izigebengu eziningi ziboshiwe ngokusebenzisa lezinhlelo engukhuluma ngazo;
  • Sithuthukise ukusebenza kwegatsha likahulumeni elisebenza ngezasekhaya ngokugcwalisa izikhundla ezingenabantu, nokwenza indlela yokusebenza ibe ngcono, sifake nezinhlelo ezanconywa yibandla elisebenzisana nongqongqoshe waleligatsha likahulumeni elimqoka kangaka;
  • Sifezekise izincomo zekomishane ka Khampepe egunyaza umsebenzi wofezela (Scorpion).
  • Siqale uhlelo lokuthuthukisa ubengowesimanje umsebenzi wokuqoqwa kwezimali zikahulumeni ikakhulu mayelana nokwelusa imincele yethu kanye nokuthuthukisa umsebenzi wokubambisana kwamagatsha kahulumeni ekwenzeni izinto;
  • Sifake umfutho ekuqoqeni ulwazi mayelana nobugebengu obuhleliwe, sakhe phezu kwesisekelo sempumelelo yezinyanga ezidlulile lapho sikwazile ukubopha izigebengu ezigcweleza izimoto ezithwala imali, nezithengisa izidakwamizwa kanye nezibulala imfuyo yasendle nezidakwamizwa azibizwa ngokuthi yi-Abalone.
  • Sizakusebenzisa ngokuphelele intuthuko yesimanje yokusebenza kokunquma komthetho okulungileyo senze indlela izinkantolo zethu zisebenza ngayo ibe ngcono, nendlela abashushisi abasebenza ngayo ibe ngcono ukuze amacala amile aqhubeke athethwe;
  • Siqedelele imizamo yokuguqula ukusebenza kwamajaji, sithuthukise indlela abasebenza ngayo ngokubambisana namagatsha amcoka ombuso wethu wentando yeningi;
  • Sifezekise izinhlelo ezancuywa kudala zokwakha amajele okwakuyinjongo ebhalwe ephepheni elithize, elidala laleligatsha lezamajele;
  • Sinike ibutho lethu elisebenza ukusiqoqela ulwazi ngobugebengu zonke izidingo zabo siphinde siqinisekise ukuthi basebenza ngaphasi komthetho sisekelo wethu;
  • Sithuthukise indlela esicwaninga ngayo ukusebenza kwezigebengu, loko kuzosenza ukuthi sikwazi ukusebenza kangcono ekulwiseni nasekuvikeleni ubugebengu ukuthi bungenzeki. Mayelana naloku, kufanele sivume iqiniso lokuthi njengamanye amazwe iningi lobugebengu obuhlukubezayo ebantwini benzeka ezindaweni lapha kuhlala khona abantu abampofu, ngaloko-ke kudingeka sifake umfutho ezindaweni ezinjengalezo sivikele ubugebengu bungenzeki;

Njengoba besesishilo, yonke lemizamo izophumelela uma sakha ubudlelwano nokusebenzisana phakathi kwethu, kanye nobudlelwano phakathi kwesizwe namaphoyisa ukuze senze impilo yezigebengu ibe lukhuni.

Mayelana naloku, siyazithokozela izinqumo zabosomabhizinisi kanye nabaholi bamasonto sokuthi lobudlelwano buqiniswe emphakathini nokuthi bazinike isikhathi sokulwisana nobugebengu. Uhulumeni uzakudlala indima yakhe ekuqinisekiseni ukuthi lobudlelwano buyaqina nokuthi sisebenza sonke kanye kanye ekufezekiseni igunya lokuvikela isizwe.

Angisho kulesikhathi ukuthi igatsha lokuvikela nokulondolozeka kwesizwe lisebenzisana namaphoyisa ekuthuthukiseni indlela umbutho womphakathi osebenzisana namaphoyisa usebenza ngayo.

Nkosiazi Mgcinisihlalo, Mongameli wephalamende;

Ukuthuthukisa indlela uhulumeni asebenzela isizwe ngayo, uhulumeni kufanele asebenze ngobuhlakani nobuqhwepheshe obukhulu. Ukuze siphumelelise loku, sizakwenza okulandelayo kulomnyaka:

  • Sizakuqinisa izindlela esipopola siphinde sihluze ngazo kuwo onke amagatsha kahulumeni kanye nokufundisa omenenjala abagunyazwe ukuthi baphathe lomsebenzi;
  • Siqedelele kulezinyanga eziyishumi neshiyagalombili ezizayo, umthetho ogunyaza umsebenzi wombuso owodwa kanye nezindlela zokusebenza ezifanayo, ihlelo lamaholo, nezindaba eziphathelene nomshuwarensi wabagulayo nezimpesheni;
  • Samukele siphinde sixwayise abantu ngezindaba zokuthuthukisa ukufunda ngomkhathi, sikhulise nenani lomasipala abagqugquzela ukusebenzisana ngokuzwana uma behlela izindaba zesifundazwe, amaphrovinsi kanye nezikazwelonke;
  • Senze ucwaningo lobunzima bomsebenzi ukuze sazi ukuthi yini engenziwa kumaphrovinsi agunyazwe ukwelekelela izifundazwe kanye nehhovisi likaNdunankulu sibe singakhohlwanga ukuthuthukisa ukusebenza kwamagatsha kahulumeni wezwe;
  • Sizakuqinisa umsebenzi wombuso wokulwa nenkohlakalo sikhuphule nezinga lamasu nezinhlelo zokulwa nenkohlakalo ezifundazweni, kumaphrovinsi kanye nakuhulumeni wezwe lonkana;
  • Sisabalalise uhlelo lwa Batho Pele (Abantu Kuqala noma Abantu Phambili) ezifundazweni, sandise izinhlelo zokukhulumisana nabantu njenge Zimbizo, sakhe futhi izindawo okwenzelwa kuzona imisebenzi nemidlalo yonke yomphakathi ukudlula lezi esinazo ezingamashumi ayishiyagalolunye;
  • Siphinde sisekele izinhlelo zabaholi bomdabu.

Ukuthuthuka kombuso kusho ukuba nolwazi lokuthi sibangakhi nokuthi senzani singumphakathi. Mayelana naloko-ke kulomnyaka ka 2007, kuzakwenziwa izinhlolo ezinkulu ezimbili. Emalangeni amabili adlulile kuphume izisebenzi zegatsha likehulumeni alibala isizwe, zagcwala izwe lonke ukuyoqoqa imininingwane yemindeni engu 280, 000 ekhethiwe ukuba idlale indima kulezinhlolo. Loku kuzanika uhulumeni isithombe esicacile ngesimo sabantu ezinkalweni zonke zaseMzansi.

Ngenyanga kaMfumfu abanye abantu abangu 30, 000 emindenini engu 8, 000 bazakukhethwa ukuze kwenziwe uhlelo lokubhekisisa ukuthi abantu baseMzansi bahola malini, kutholakale imininingwane yabo mayelana nemali abayingenisayo emakhaya abo. Lababantu abangu 30, 000 bazakulandelwa ngomkhondo isikhathi eside ukuze kutholakale ulwazi olufana nokuthi bayemuka yini, nokuguquka kwesimo semisebenzi, inzalelwano yabo ihamba ifike kuphi kanye nokuthi bayakha njani imindeni emisha nokuthi ibhidlika kanjani imindeni yabo. Ngicela ukuthatha lelithuba ngebanxuse labo abakhethiwe ukuthi basebenzisane nathi kulomsebenzi omkhulu kangaka.Â

Nkosiazi mngcini sihlalo, Mongameli wephalamende;

Impumelelo yabantu base Afrika kuleminyaka emibili nesigamu edlulile wukuthi kuphinde kube noxolo endaweni yase Great Lakes (Emachibini Amakhulukazi aseAfrika). Siyaziqhayisa singabaseMzansi ngendima abantu bakithi abayidlalile ukuze loluxolo lube khona, kusukela ezinsizweni nezintombi zombutho wokuvikela kuya kubasebenzi bombuso kanye nabasebenzi bezinkampani ezizimele, abanikele ngesikhathi sabo ukuqinisekisa ukuthi iphupho lase Afrika lifezekisiwe ezweni lika Patrice Lumumba.

Sizawuqhubeka sisebenzisane nezihlobo zethu zaseDRC, nabaseBurundi,base Comoros kanye nabase Sudan ukuqinisekisa ukuthi uxolo esebalutholile luqhubeke luguquke lube ukwakha kabusha umnotho wezwe labo kanye nokuthuthukisa inhlalakahle yabo.

Asithi sisaqhubeka sililizela sijabulele impumelelo yokuletha uxolo eAfrika, singakhohlwa ukuthi sisabhekene nenselele yalapho kusaliwa khona ikakhulu uhlelo lokuletha uxolo eSudan kanye nesimo saseDarfur, Co¢te d’Ivoire nase Somalia.

Uhulumeni wethu uzakuhlangabezana nalezinkinga ngokusemandleni ethu uma umhlabuhlangene waseAfrika usicela ukuthi selekelele abantu base Somalia. Okumqoka kulendaba, yizinhlelo eziqhubekayo zokuqinisekisa ukuthi abashoshozeli baseSomalia bakhulumisane ukuze bathole isisombululo esibafaka bonke esisesisekelweni sokufuna ukuxolelana.

Kulomnyaka, uhlelo lokubukezana lwabalingani baseAfrika lizakuqedelela ukubukeza izwe elilodwa. Ngifisa ukuthatha lalithuba ukuthi ngibonge izishayamthetho zethu, ongqongqoshe bakahulumeni namagatsha kahulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nabo bonke abantu ezweni endimeni abayidlalile kuloluhlelo obelusinika inselele kanti futhu lusha kithina, singumbuso amusha wantando yeningi. Sizimisele ukuthatha izinyathelo ezidingekayo ukuze sifezekise uhlelo oluzakuphuma kuwo lomsebenzi wokubukezana.

Kanti futhi-ke sizakuqhubeka sisebenzisane nabo bonke ezwenikazi lethu kanye nalabo esibanbisene nabo entuthukweni siphangise ukufezekisa izinhlelo zeNEPAD.

Ngaphezudlwana nje kwenyaga edlulie, uMzansi waqala umsebenzi wawo wokuthi ube yilungu lesikhashana leSecurity Council kamhlabuhlangene. Sifisa ukukhulumela abantu baseMzansi sethembise ukuthi ezinhlanganweni ezihloniphekileyo, sizakusebenzela ukuletha ukuthula noxolo kanye nokulondolozeka emhlabeni.

Mayelane naloku, sizakuqhubeka sikhulumisane nabaholi basePalestine, nabaseIsrael, baseIraq, nabaseIran kanye namanye amazwe empumalanga ephakhathi nase Persian Gulf.

Sizakuqhubeka siqinise ubudlelwano bethu namanye amazwe ezwenikazi, nezihlobo zethu zaseNdiya, eBrazil, naseShayina, namanye amazwe aseningizimu, kanye neJapan, iYurophu, neMelika.

Umbuzo omqoka okufanele ukuthi siwulandele wukuthi izinkulumo zaseDoha zenhlangano yomhlaba yokuhwebelana kwamazwe, ziphide zivuselelwe. Kuyasicacela ukuthi isisombululo sezinkinga ezibambile zingatholakala, kanti futhi kuyosisiza sonke singamazwe asathuthuka namazwe athuthukile uma lezinkulumo zingaphethwa.

Nkosiazi Mgcinisihlalo, Mongameli wephalamende kanye namalungu ahloniphekile;

Kusukela sanikwa igunya lokubusa ngo 2004, ibe khona inqubekela phambhili esiyenzile ukuguqula izwe lethu libe ngcono, kodwa-ke singazikhohlisi ngobunzima esisabhekene nabo.

Kodwa umlayezo esiwuthola empilweni esiyiphilayo sonke, wukuthi ukusebenza ngokubambisana kuyosiphumelelisa ukuze sifeze izinjongo zethu ezifanayo siyisizwe  ukwakha impilo engcono yethu sonke ezweni elingasenako okubi nokunyanyekayo emphakathini.

Sifanele namhlanje ukukhuluma ngesibindi ngenkululeko. Singaziphatha ngendlela yokuthungatha “injabulo engeza kumadoda namakhosikazi, uma bephila ezweni elikhululekile”

Asikafiki, kodwa akekho omunye ngaphandle kwethu ozakuqinisekisa ukuthi leliphupho liyafezeka. Ngako-ke,asidonse amasokisi, sisebenze, sinokuqonda ukuthi umsebenzi wokwakha uMzansi omusha esiwulangazelela kangaka, ungowethu sonke.

Ngiyabonga

Lencwadi ikhishwe yihhovisi likaMongameli wezwe okhethiweyo
9 Nhlolanja, 2007

Share this page

Similar categories to explore